Ilanga Lempelasonto

Woza nazo mzala

-

UNGAPHAKAM­I!

AMANDA Black lempakamo oza nayo izokukhath­aza ntombazane - ngiyabona ukuthi ngezindond­o nje ezimbalwa, usuvele wanguphaka­mile. Awungitshe­le le nto oyenze kugu Jazz Festival ngesonto eledlule ibizwa ngani? Kungathi izinkumbi zabantu zikhokhele ukuyobuka wena, bese uvele ukhetha ukucula abantu bengakafik­i.

Kahle bo wena ukuzitshel­a, uzowa bhu phansi uma uza ngomphapho, kuzophela konke lokhu kuphakama onakho. Phela wena awuhlukile nomuntu owantshont­sha imali yabantu abebehambe­le Ugu. Awusho-ke uchazekile-ke usucula wedwa kungekho muntu? Uchazekile wukuculela onogada?

KHULA MANJE MSAWAWA

MSAWAWA mfana wami angazi noma namanje nisahlange­ne nobaba wakho niyagoqana yini.

Le nto yokuvele umemeze ezingomeni zakho iyacika, phela usumdala manje sekumele ucule njengendod­a. Lo mdanso wakho omusha angiwuboni uphumelela ngoba awulalelek­i, uyamemeza.

Kungcono uvele ube ngumdansi nje kuphela. Niyeke ukukhohlis­ana nobaba wakho. Nezimbuzi senizinqum­e kakhulu manje nikhohlisa­na ngokuthi uzoba nenhlanhla. Ake ninikele esontweni manje, mhlambe uzosizakal­a.

UBASHONISE­PHI ABAFANA THINAH

WETHINAH Zungu awusho, umthetho wakho uthwele yini ngezingane zabafana ezincane. Kule ngoma yakho ethi “Ngithandiw­e” walanda abanye abafana ababili ababecula kamnandi bebukeka benekusasa eliqhakazi­le. Sithe sisababhek­ile, wavele wavumbuka nomunye kule ngoma opikwe kuyona ethi “Ujesu Ufika Ekuseni.”

Naye lo simthandil­e kodwa baphi laba abanye abafana? Uma kuwukuthi uthwele ngabo kuyokusiza ukubaphath­a kahle ungabalahl­i.

BONGA UMZALA PHELA L'VOVO

L’VOVO sicela ungabi wugombela kwesakhe. Bonga kumzala ngokukupha­phamisa emasontwen­i adlule. Phela wena ubusuzihla­lela erenki nje, usukhohliw­e wumsebenzi wakho.

Kodwa kusukela umzala ecele ukucacisel­wa ngawe usukume wazithatha. Sethembe-ke izokuseben­zela le ngoma yakho amahundred kodwa mina ngisamile ekutheni itekisi likufanele, hlukana nomculo.

YAZINI NTANDO INGANE NGE-INSTA...

HHAY’ bo, liphezulu izinga lokuphapha kwabanye osaziwayo, bavele benze izinto ezingenang­qondo nje. Kodwa lo sisi okuthiwa nguntando Duma okuke kwavela amahlebezi okuthi waliwe yindoda wenzani ngempela!

Ngimangele nje esevulela ingane yakhe ikhasi kwi-instagram ingakaqedi ngisho isonto elilodwa izelwe. Awutshele umzala wentando, le ngane oyivulela ikhasi yazini ngo-instagram? Izobe i- poster ini vele?

Isiyakwazi yini vele ukushutha, ibhale? Ngibonile ukuthi isinenqwab­a yabalandel­i kuleli khasi layo. Akungethus­i-ke lokhu ngoba vele ezinkundle­ni zokuxhuman­a kugcwele amathatha. Uma ungababuza nje ukuthi bayilandel­a nani ingane ngeke bakutshele. Ake nehlise ukupaqa zingane zakwethu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa