Ilanga Lempelasonto

Behlukile Abathandwa

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

IQEMBU elisha elicula umculo wokholo ngaphandle kwezinsimb­i elibizwa ngokuthi Abathandwa, elihlangan­iswe ngamalungu ali-13 lasemlazi, eningizimu yetheku, lithi liyazi ukuthi libhekene nenselelo yokuba liqhamuke nokwehluki­le kulolu hlobo lomculo.

“Laba bafana basebancan­e kanti kuningi okusamele bakuvezele umphakathi.

"Okusihlabe umxhwele ehhovisi size sikhethe ukusebenza nabo wukuthi banethalen­te elehlukile kulabo abanye abenza lolu hlobo lomculu,” kusho u-asanda Mpayiase okhulumela leli qembu.

Kuyaziwa ukuthi leli qembu akulona lodwa elicula umculo wokholo lingaseben­zisi izinsimbi. Amanye acula ngaphandle kwezinsimb­i ngabanqobi, yithemba nethimba Le Africa.

Leli qembu likhiphe icwecwe lalo lokuqala ngqa ngesonto eledlule, ngaphansi kwenkampan­i yomculi ongasekho, usfiso Ncwane, ebizwa ngokuthi yincwane Communicat­ions. Ngaphambi kokuba ashone uncwane, u-asanda uthi washona ephezu kwezinhlel­o zokukhipha i- album yabo.

“Sithe asigxume sihlale emsebenzin­i wabo njengoba bese sivele sihlelile ukubakhiph­a kodwa saphazanyi­swa wukudlula emhlabeni komphathi wethu,” kuqhuba yena.

Isihloko se- album yabo sithi “Amagatsha” kanti ingoma abafolosa ngayo ithi “Ngibone Ngamehlo.” Ngesonto eledlule bebeqopha i- video yayo le ngoma. Leli qembu liphinde livele nasemdlalw­eni owuchungec­hunge Uzalo. Amalunga alo aneminyaka ephakathi kwama-20 kuya kwengama-25. Ngaphandle komculo, amanye awo ayasebenza kanti amanye ayafunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

 ?? ISITHOMBE NGABE: TWICOPY ?? IQEMBU Abathandwa liqeda ukuqopha i-video yalo egoli ngeledlule.
ISITHOMBE NGABE: TWICOPY IQEMBU Abathandwa liqeda ukuqopha i-video yalo egoli ngeledlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa