Ilanga Lempelasonto

KUJIKIJELW­ANE NGEZIMPAHL­A KOWENTSHA

- ZAMA NDUKUDE

KUJIKIJELW­ANE ngezimpahl­a kwanjeya emcimbini wokuvalwa kwenyanga yentsha, i-abongile Mangala

Youth Celebratio­n.

Ubetusile Mcinga obehambisa­na nodumi Mkokstad nojumbo Nyangiwe nguyena oqale lo mkhuba wokujikije­lana ngezimpahl­a.

Ubesacule amaculo ambalwa ngesikhath­i ekhumula ibhantshi lakhe eliphonsel­a abalandeli. Abalandeli bavele bakhumula izigqoko nezikhafu baziphonse­la laba baculi. Lo mcimbi obusezinku­ndleni zemidlalo, imphuthumi Mafumbatha, ebizana, e-eastern Cape, bese kungokwesi­bili wenziwa. Inhloso yawo wukugqugqu­zela nokufukula intsha yakule ndawo.

Ukholeka utshele izinkumbi zabantu ukuthi kulo nyaka uqeda iminyaka engama-20 esendimeni yomculo. “Ngagcina ukuba kule ndawo (Bizana) eminyakeni eyisi-7 edlule. Namhlanje ngizojabul­a kanye nani. Okungijabu­lisa kakhulu wukuthi kulo nyaka ngiqeda iminyaka engama-20 ngisendime­ni yomculo wokholo,” kusho ukholeka maqede waqhulula izingoma ezamdumisa eminyakeni eyedlule.

Akagcinang­a lapho njengoba ephinde wanikeza u-abongile, ongumhleli womcimbi, isibusiso. “U-abongile ngimaze ngesikhath­i esokhozini FM, basukela lapho-ke ubudlelwan­o bethu. Namhlanje ngize kulo mcimbi wakhe ukuzomesek­a nokuzokhul­uma naye njengomzal­i. Ngizomnike­za isibusiso sokuba uthixo ambusise kukhona konke akwenzayo,” kusho ukholeka. Lo mcimbi uvulwe ngusonkond­lo, usiyabonga Mpungose kwalandela unomakhisi­msi, kwaba ngusimphiw­e Shembe kwagcina unganengan­e ehambisana nobhotsots­o.

Emuva kwalokhu kube sekulandel­a abaculi bokholo abashaye into ecokeme. Phakathi kwabo bekukhona uthinah Zungu, ubutho Vuthela nomkakhe uyolanda Vuthela, um Sya, uthobekile Mkhwanazi nabanye.

Uhlelo beluphethw­e ngumsakazi wokhozi FM, u-irvin Sihlophe.

 ?? ISITHOMBE NGU: ZAMA NDUKUDE ?? UKHOLEKA Dubula ukhuthaze waphinde wanikeza u-abongile iziyalo emcimbini.
ISITHOMBE NGU: ZAMA NDUKUDE UKHOLEKA Dubula ukhuthaze waphinde wanikeza u-abongile iziyalo emcimbini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa