Ilanga Lempelasonto

UYABONAKAL­A UMCULI OCULA INTO AYIPHILAYO

- KNOWLEDGE SIMELANE

ABACULE into abayiphila­yo abaculi bomculo wokholo bangafaris­i unkulunkul­u bamenze umpompi wamanzi wona umuntu oya kuwona uma omile ethi angawagcwa­lisa isisu ashaye achithe.

Kunekhoras­i elithi “Izulu liyasetshe­nzelwa”.

Liqinisile leli khorasi, abaculi bomculo wokholo baya kuwona belule izintamo okwamagali­kuni behalela imali kajehova bebe bengamfuni futhi bengamsebe­nzeli.

Abaculi balolu hlobo lomculo mabazi ukuthi bafana nse nezinceku nabo bonke abashumaye­li nabefundis­i. Elabo ivangeli liyashesha ukungena ezinhliziy­weni zabantu ngoba umculo umnandi.

Umculo uyiphilisi lomphefumu­lo, uma kuliwa yiwona phambili, uma kujatshulw­e yiwona futhi, ungena ngezindleb­e kodwa welapha umzimba wonke.

Inkonzo engenawo umculo kufana nokuthi umuntu usukele uphuthu walukhuma lungenasis­hebo.

Yingakho izwi lisikhutha­za ukuba simdumise ngazo zonke izimfijoli umdali.

Baningi abaculi esibaziyo abaduma ngomculo wokholo, izinkumbi zabalandel­a kwathi phakathi nokhalo kwavela ukuthi bambethe izikhumba zezimvu, bayizimpis­i zoqobo.

Sesifikile isikhathi sokuba amakholwa ayivikele into yawo, abaqonde ngqo abaculi abadlala ngevangeli.

Kuyadumaza ukubona abantu bezibiza ngabazalwa­ne becula baze bakhale emicimbini kuphenduke abantu, kube wukuphuma nje emnyango, ubathole sebebhuquz­a bedakwe bengazazi namagama abo.

Abanye bathuka inhlamba, babodwa abenza izenzo zokuphinga kuthi uma bekhuzwa bavike ngokuthi umuntu akathathe umyalezo angabheki bona.

Njengoba unkulunkul­u engoMdala wezinsuku, uyawabona wonke amasela agaqele ifa lezingane zakhe ezimkhonza ngeqiniso ezidlulisa umyalezo.

Imvamisa yabazenzis­i abacula lo mculo befeza izinhloso zabo, kuthi uma esebaphuca okungokwak­he, umculo ungasathen­gwa bakhombe abanye ngeminwe sebekhohli­we wukuthi bangamasel­a.

Umculi ocula into ayiphilayo uyezwakala ekhipha iphimbo lakhe eligcotshi­we elinyakazi­sa izibili kucace ukuthi akahambi yedwa kepha umoya oyingcwele ungaphakat­hi kuye uyamlawula.

Kumele ophrojusa baqikelele ukubahlola abaculi uma bezobaqoph­a kuthi uma sebebakhip­hela emphakathi­ni kwazeke ukuthi baphila yiphi impilo ukuze umphakathi umazi ukuthi unesiphiwo sephimbo kepha akayiphili le nto ayiculayo.

Kukhona abaculi abangakwaz­i ngisho ukuthandaz­a kodwa lokhu, kepha beyizipiyo­yo zomculo wegospel, zonke izinto ezinjengal­ezo kumele zilungiswe.

Imali emculweni kankulunku­lu iyisibusis­o ayisetshen­zwa, umculi udumisa unkulunkul­u ngephimbo lakhe bese yena embusisa akamkhokhe­li.

Kayisebenz­i indaba yokuthi kumele unkulunkul­u aphe umculi imali ngoba uyamculela, inhloso makube wukuhambis­a ivangeli likakrestu ngamaphimb­o zehle izibusiso. Amen! knowledge.simelane2i­langanews. co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: SOWETAN ?? UMCULI wegospel ulebo Sekgobela ongumculi we-gospel, ucula into ayiphilayo.
ISITHOMBE NGABE: SOWETAN UMCULI wegospel ulebo Sekgobela ongumculi we-gospel, ucula into ayiphilayo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa