Isikhulu sikamasipala "enkohlakalweni"
Sizigixabeze ngelikhulu iholo lokuba yibamba
SISOLWA ngenkohlakalo isikhulu somkhandlu wasemdoni, escottsburg esisehhovisini lomnyango wakwandabazabantu njengoba kunezinsolo zokuthi simise isisebenzi esingaphansi kwaso, maqede saziholela imali yokuba yibamba.
Unkz Bongiwe Mbatha kubikwa ukuthi uyindlovu kayiphikiswa kuloya mkhandlu. Kuthiwa angase abhekane namacala enkohlakalo maduze nje njengoba eseyiholile imali yokuba yibamba esikhundleni sesisebenzi esingaphansi kwakhe esimiswe emsebenzini ngonhlolanja (February) nonyaka.
Ibamba lemenenja kumasipala wasemdoni, umnu Mandla Mabece osenamasonto amabili ebambile emkhandlwini, ukufakazile ukuthi usehlangabezane nalezi zinsolo.
Akathandanga ukwenaba ngazo njengoba ethi usalinde ubufakazi ngazo okuveza nabanye abathintekayo njengoba kuthiwa unkz Mbatha ubesebenza nabathile avumelene nabo ngokubakhokhela uma efaka lesi sicelo.
"Ngiyafunga ngiyagomela ukuthi ngizothi uma sengibutholile ubufakazi ngibathathele izinyathelo bonke labo abathintekayo naye unkz Mbatha," kusho umnu Mabece.
ILANGA linaso isiliphu senkokhelo senyanga kanhlaba (May) kankz Mbatha lapho kuvela inkokhelo ka-r16064.84 yokuba yibamba. Umkhandlu wasemdoni ungomunye okubikwa ukuthi uchitha imali eshisiwe ukukhokhela abameli ngamacala okumisa izisebenzi ngendlela engekho emthethweni ehambisana nepolitiki edla lubi ngaphakathi ezisebenzini. Umbiko wemunicipal Public Account Committee (Mpac) kuthiwa uveza ukuthi isondele esigidini imali echithwe ezinkampanini ezizimele zabameli kwisabelo-mali sika-2016/2017 kuphela.
Ngale kokuzikhokhela imali yokuba ibamba esikhundleni somsebenzi ongaphansi kwakhe unks Mbatha kuthiwa uyindlovu kayiphikiswa njengoba kubikwa ukuthi ubethatha izinqumo zokumisa izisebenzi behlangene nonkk Nolwazi Ncane ongumphathi wakhe kodwa uzwa ngaye.
Kuyimanje kunezisebenzi ezimbili, unks Sanelisiwe Mhlophe nonks Slindile Luthuli ezisemacaleni nomasipala ngoba zingeneliswa yindlela ezichithwe ngayo.
Unks Luthuli wamiswa ngezinsolo zokwedelela umphathi wakhe, unkz Mbatha kanti unkz Mhlophe yena wenqaba ukuthatha isikhundla esingezansi kunaleso ayekusona sokuba yimenenja yezezimali ngesikhathi umasipala wakhe, ivulamehlo ungakagwinywa wumdoni.
Kuyimanje kubikwa ukuthi unkz Mhlophe usevalelwe neholo lakhe. ILANGA linayo incwadi ayibhalelwa imtshela ukuthi ngeke esahola ngoba akayithumelanga incwadi ayeyibhalelwe yokuba akhethe ukuthatha isikhundla esingezansi sokuba yiRevenue Accountant emdoni.
Kuthiwa wanikwa isikhathi esingamahora angama-24 ukuwenza, yena wanquma ukuvula icala kwibargaining Council. Zombili lezi zisebenzi zenqabile ukuphawula ngoba zikholwa wukuthi le ndaba iphakathi kwazo nomasipala nokuthi kazinalo ilungelo lokuxoxa ngezindaba zomkhandlu. Umthombo WELANGA ongashayi eceleni, uthe unkz Mbatha waba namandla kuloya mkhandlu ngesikhathi kusaphethe umnu Xolani Luthuli, owayeyimenenja yomkhandlu, okusolwa ukuthi babenobudlelwano.
"Unkz Mbatha wayengakabi bikho umphathi wakhe unkz Ncane, wayebika ngqo kwimene- nja eyayiphethe umasipala ngaleso sikhathi, umnu Luthuli, futhi ethatha izinqumo ebekufanele zithathwe ngumnu Luthuli kungabi ndaba zalutho," kusho umthombo.
Uthe nalezi zisebenzi ezimiswayo kazikho izizathu ezibambekayo ngazo. "Buka nje kuyimanje amacala okumiswa kukamnu Thabani Khwela, owayephethe ezezimali kumasipala ivulamehlo, nomnu Chris Duma owayephethe ithusong Centre, alokhu ehlehliswa njalo futhi asedle izizumbulu zemali. Zombili lezi zikhulu kumanje zihola zihleli ekhaya," kusho umthombo. Ngokusho kwawo (umthombo) uma izisebenzi zenza amaphutha emsebenzini zivele zimiswe ngale kokunikwa isikhathi namalungelo azo. Kaziqeqeshiwe ukuthi lokho kuxazululwe ngaphakathi emkhandlwini. "Ngento encane nje kuvele kubizwe abameli abahamba nezizumbulu zemali emkhandlwini ongeke uze wazi ukuthi akahlomuli yini unkz Mbatha kulokho," kusho umthombo.
Ethintwa YILANGA unkz Mbatha uvele walwa nentatheli ebuza ukuthi ngubani oyinikeze inombolo yakhe. "Angifune kukhu- luma nawe...hamba uye kulowo muntu okunikeze inombolo yami ubuze konke ofuna ukukubuza kuyena," wabe esevala ucingo.
Nakuba umnu Mabece ebalwa phakathi kwezinye zezimenenja ezinesipiliyoni sokuphatha umkhandlu neminye iminyango kahulumeni, abaningi bakhala ngokuthi ufike kwangqingetshe emdoni njengoba kubikwa ukuthi ubolile loya mkhandlu, inkohlakalo ibikwa ngapha nangapha.
Umnu Mabece, ibamba lemenja, uvumile ukuthi zikhona izinkinga ezingakaxazululeki ezafika nomasipala wasevulamehlo ngesikhathi ugwinywa wumdoni. "Kube namainvoice abekhona abameli emali enkulu okungenze ngalufakela izibuko udaba lukamnu Khwela ngoba ngaphakamisa ukuthi kuxoxwe naye njengoba isizophela nenkontileka yakhe ngonyaka ozayo.
"Udaba lukankz Mbatha sizothatha isinqumo ngalo maduze uma sibuthola ubufakazi," kusho umnu Mabece. Uphinde wathi useyalele abaphathi bezimali ukuba bamise izinkokhelo zokuba yibamba kunkz Mbatha waphinde wakuqinisekisa ukuthi uma kukhona okukhokhwe kuyena izobuyiswa imali yomkhandlu.