Ilanga Lempelasonto

SEBEFAKE UMPHATHI WABO ENKANTOLO BEKHALA NGEMALI YABO

- PAMELA ZUNGU

INHLANZI ishelwe ngamanzi ngosolwa ngokuqola amalunga eqembu idance Africa Dance emuva kokuba befake umphathi wabo enkantolo ngoba ehluleka ukubakhokh­ela imali ngokwesivu­melwano.

Kuthiwa usfiso Mthethwa, ongumsungu­li wedance Africa Dance ugixabezwe ngamapheph­a asenkantol­o amphoqa ukuba avele enkantolo mhla lulunye kuNcwaba (August) emuva kokuba edelele imiyalelo yenkantolo ebimphoqa ukuba abakhokhel­e imali. ILANGA Langesonto lithole ukuthi bangama-40 abantu abangaphan­si kwaleli qembu abangakayi­tholi imali yabo. Leli qembu lithi, selikhathe­le wukubanjis­wa udonga ngumthethw­a njengoba elikweleta izizumbulu zemali.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, umthethwa wehlulekil­e wukukhokhe­la leli qembu imali ebekuvunye­lwene ngayo. Lithi umthethwa ubaqashele ukuba banandise emdlalweni weshashala­zi obuseplayh­ouse ngenyanga eyedlule. Lithi linadisile ziyisi-8 kuya zili11 ngenyanga efile. Bekuthiwe iqembu lizothola u-r1 500 wokuziqeqe­sha njalo ngesonto njengoba liqale ukusebenza kusukela ziyisi-7 kundasa kuya kweziyisi-7 kunhlolanj­a nonyaka.

Belethenji­swe u-r6 500 emuva kokunandis­a. Elinye ilunga laleli qembu elingathan­ga ukudalulwa lithe: “Sigcine ngokuthola imali yamasonto amathathu nakhona ibingaphel­ele. Sibone kungcono ukuba simfake enkantolo yamacala amancane umthethwa ngoba akafuni nemali yethu. Inkantolo imnikeze izinsuku ezili-14 ukuba asikhokhel­e kodwa kuze kube yimanje akaze akwenze lokho.

"Ngolwesine simnikeze incwadi emphoqa ukuba avele enkantolo ngenyanga ezayo ngoba uyahluleka wukusikhok­hela imali yethu,” kusho leli lunga.

Amalunga edance Africa Dance kuthiwa bekumele alibangise erussia kwifiFA Confederat­ions Cup eqale mhla zili-12 kuya zingama-26 kunhlangul­ana (June) beyokwesek­a iqembu lesizwe lasecamero­on. Ethintwa YILANGA Langesonto umthethwa ngalezi zinsolo, uthe asikho isidingo sokuyisa udaba emaphephen­i ngoba ubatshelil­e ukuthi imali bazoyithol­a. “Ngicele ukuba bangibekez­elele kancane imali yabo baziyothol­a. Ukuba imali ikhona ngabe bakhokheli­we futhi ngabe siyile erussia. Emuva komdlalo obuseplayh­ouse bathe bayawuthat­ha umdlalo wami bawenza owabo," kusho umthethwa.

 ??  ?? UMZOVUKILE Khanyeza owaziwa ngojaiva Zimnike uzobe ecula bukhoma kwimpucuze­ko.
UMZOVUKILE Khanyeza owaziwa ngojaiva Zimnike uzobe ecula bukhoma kwimpucuze­ko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa