Ilanga Lempelasonto

Sekunjalo ngempucuze­ko

- JOHN HLONGWA

INTAKA izobe ibekelwe amazolo epeople's Park, emoses Mabhida, ethekwini mhla zingama-22 kuntulikaz­i (July), lapho izinsizwa nezintokaz­i zikamasika­ndi zizobe zishikilis­ana ngengoma emcimbini wempucuzek­o oba minyaka yonke.

Sesiphinde sashaya isikhathi esithathwa njengesiba­luleke kakhulu kubathandi bakamasika­ndi njengoba ekupheleni kwenyanga zizobe zibulalana ngengoma. Lesi sikhathi baze basiteketi­se ngokuthi yiworld Cup yomasikand­i.

Abaculi abaningi baye bahlele ukuhlangan­a nabalandel­i babo kwezinye izingxenye zetheku bese beza emcimbini sebeyinhla­baluhide okungenye yezinto ezenza lo mcimbi uhlabahlos­e. Kulindelek­e ukuba itheku lihlobe ngemibala ehlukene njengoba abalandeli sebenemiba­la abazikheth­ela yona. Isibonelo, ukhuzani Mpungose uhloba ngoluhlaza nabalandel­i bakhe, igcokama Elisha lihlobe ngomhlophe bese Amageza ahlobe ngolayimu

( lime) njalo njalo.

Njengoba lo mcimbi uba minyaka yonke kuyehluka okwenziway­o kuwona, unyaka nonyaka amaciko aye aziqhamuke­le nokwawo. Ngonyaka ophelile bekudume ukubekwa kwamakhosi njengoba abanye babegibela nezihlalo esiteji bagcobane, bagaxane amabhande abhalwe imibhalo ehlukene eminye ibhalwe ukuthi unozibanib­ani useyinkosi.

Eminyakeni edlule lo mcimbi ububa securries Fountain ngenxa yokwanda kwesibalo sabantu abawuhambe­layo kwaphoqa abasunguli bawo ukuba bawuthuthe­le epoeple's Park emabhida. Ezokupheph­a zizobe ziqiniswe kakhulu njengoba kulindelek­e kube nezinkampa­ni ezimbili zabaqaphi abazimele, amaphoyisa kamasipala bese kuba NESAPS.

Kubalandel­i abazohlang­anyela kwezinye izindawo ngaphambi kokuba beze emcimbini, kuzoba khona amaphoyisa azobe ehamba nabo ukuqinisek­isa ukuthi alukho uthuthuva olusuka endleleni. Phakathi kwamaciko alindekele ukuba ashiyelane inkundla, kubalwa uthokozani "Somnandi" Langa, ukhuzani "indlamlenz­e" Mpungose, umthandeni "Igcokama Elisha" Manqele, ujaiva Zimnike nomjikijel­wa ukubala nje abambalwa.

Abanye abaculi bazocula bukhoma bese kuthi abanye bacule ngokulekel­elwa yi-cd. Amathikith­i alo mcimbi atholakala esangweni ngo-r100 bese kuthi awezicukut­hwane abize u-r350. Utshwala namabhodle­la akungeni nhlobo ngaphakath­i.

ILANGA Langesonto lixhumane noxolani Mcineka, ongumsungu­li walo mcimbi ukuzwa kabanzi ngezinhlel­o zabo, uthe: “Sesimi ngomumo akusekho ukujikela emva kwendlu, selushayil­e usuku olungaliyo.”

"Sifisa abantu bafike ngobuningi babo izinhlelo zethu zinkulu kakhulu," kusho umcineka. IPRASA okuyinkamk­ampani yezitimela izobe ithutha abantu mahhala ibayisa emcimbini iphinde ngemuva komcimbi ibagodukis­e. Kugcizelwe ukuba abantu baphathe izihlalo zokuhlala namatshali okumbatha ngoba lolu suku luthathwa njengosuku lomndeni. Umcimbi wempucuzek­o uxhaswe YIKZN Art And Culture, Prasa nokhozi FM.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa