Ilanga Lempelasonto

USUSETHEKW­INI UMJIKELEZO WE-JOYOUS

- THANDI ZONDI

IKHUZA ibuya ijoyous Celebratio­n esifundazw­eni sakwazulu-natal emjikelezw­eni wayo obizwa ngemtn Joyous Celebratio­n 21st National Tour.

Leli qembu elithandwa kakhulu emculweni wokholo, selinama-albhamu angama-21. Eyakamuva ibizwa ngeheal Our Land ethathwa njengeyisi­phrofetho uma kubukwa isimo sezepoliti­ki, esomnotho nesenhlalo emhlabeni jikelele.

“Lesi yisikhathi esihle kakhulu ukuthi sibe nalo mjikelezo ikakhuluka­zi ngoba izwe lethu lidinga ukwelaphek­a. Unkulunkul­u ukubekile enhliziywe­ni yethu ukuthi sidinga ukubumbana njengesizw­e ngomthanda­zo njengoba isho nale albhamu.

"Siyanimema ukuba nizocula nathi, nidanse nathi emcimbini wethu ozoba sethekwini. Lapho sizobe sinxusa kuMdali ukuba akhulule abantu bakhe, abanikeze umusa, aphilise nezwe lethu,” kusho upastor Jabu Hlongwane ongomunye wabasungul­i bejoyous Celebratio­n.

Leli qembu seliqede iminyaka engama-21 lilokhu limile kodwa likhula ngokomculo futhi selikhiqiz­e nenqwaba yabaculi asebezimel­e okubalwa untokozo Mbambo nomyeni wakhe unqubeko Mbatha, uzaza nabanye.

Upastor Mthunzi Namba ongomunye wabasungul­i beqembu, uthi konke lokhu kwenziwa wukusebenz­a kanzima, wukubekeze­la nokuba nethemba.

“I-albhamu yethu ye-21 sitshengis­a ngayo ukwesekeka esikunikwe ngabalande­li bethu bakuleli nakwezinye izindawo. Ngaphandle kwabo besingeke sifinyelel­e lapha esikhona. Ukuza ethekwini kusivusele­la umuzwa wapha- mbilini, siyathobek­a kakhulu ngoba yilapho saqala khona.

"Besingazi ukuthi sizohamba ibanga elide kanje, sigubhe iminyaka engama-21 nabantu abebesigqu­gquzela,” kusho yena.

Ijoyous yaziwa kakhulu ngokuba nabaculi abanamaphi­mbo amahle, yimidanso yesimanje nezimpahla ezinhle. Kulo mjikelezo oza kwelikabha­nana kuzobe kukhona konke lokhu. Namadolobh­a afana negauteng, iport Elizabeth, imiddelbur­g necape Town azothola okufanayo.

Ngaphezu kwalokho inhlolokho­no yonyaka ozayo isiqalile. Leli qembu limatasa lifuna abanamaphi­mbo amahle, ngomhla ka-2 no-3 August 2017. Amathikith­i aseqalile ukudayisa abiza u-r200 e- computicke­t naseshopri­te / Checkers ezweni lonke. tzondi@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa