Ilanga Lempelasonto

Ibinzima impilo ekhula ubabo

-

UMCULI wokholo, ubabo Ngcobo, uphumele eshashalaz­ini wahlanza konke ngempilo yakhe yangaphamb­ilini.

Le nsizwa ekhulele Kwamashu enyakatho yeTheku, iqale ukuduma ngesikhath­i icula nosgwili Zuma eqenjeni ikhethelo. Njengoba etheleka kuleli hotela nje akaswenkil­e uyaconsa. Uma ngimbhekis­isa izandla nezinzipho zigcotshwe kahle. Iso lami ligxila kulezi zinzipho zakhe ezine nail polish engenambal­a (a clear nail polish).

"Ungadideki ngiyindoda eqondile, nginemizwa yabantu besifazane. Wukuthi nje ngiyathand­a ukucwala izinzipho zami nokubukeka kahle. Kusukela ngisemncan­e bengivele ngiyiqhath­anzipho. Ngiyazi siphila ezweni elikhulule­kile, umuntu nomuntu unelungelo lokuphila impilo ayifunayo.

"Ngisho nengane yami uma ingangitsh­ela ukuthi iphila impilo yobutabane ngeke ngiyehlule­le," kuchaza yena.

Ubabo ungomunye walawo madoda angenqeni ukuphumela obala ngempilo yakhe yaphambili­ni. Besivele simazi ukuthi ubezifela ngesifazan­e kodwa le nqwaba yezingane besingayaz­i.

UNENQWABA YEZINGANE "Udumo nemali lungifikel­e ngisemncan­e kakhulu. Bengiyisok­a lamanyala, amantombaz­ane eziqatheke­la eziletha wona. Ngikhuluma nawe nje, nginezinga­ne eziyisi-7 komama abehlukene.

"Lokho kuyakhombi­sa ukuthi bengiphila impilo enjani. Ingane yami endala ineminyaka engama-21 kanti encane ineminyaka emithathu. Eyokuqala ngayithola ngisafunda isikole," kuchaza yena.

KUMLIMAZIL­E UKUBA SEMEHLWENI OMPHAKATHI Uqhube wathi: "Ngiyazazi ngimuhle, ngiyinsizw­a egqoka kahle nomsebenzi wami ungenza ngibe semehlweni abantu njalo. Konke lokhu kungilimaz­ile ngoba ngigcine ngikuseben­zisa ngendlela okungeyona. Imali bengiyibhu­bhudla namantomba­zana notshwala. Nginjalo nje bengingaph­uzi noma yibuphi futhi bekubhobok­a iphakethe lensizwa."

Uveze ukuthi emuva kokuphupha nokulandel­wa ngabezinda­ba ngemiseben­zi engemihle, ukhethe ukuqala kabusha. Uthe: "Into yokuqala engayenza wukuyeka utshwala. Ngineminya­ka emine ngingasabu­thinti. Ngahlukana nokushints­ha amantombaz­ane ngahamba ngayolobol­a umama wengane yami.

"Kuyimanje ngiphezu kwamalungi­selelo omshado. Ngiyazi ukuthi izinqumo zami bezingaphu­sile ngoba bengibuswa wudumo nemali ekhanda," kusho yena. Uthi njengamanj­e ufuna ukwakhela izingane zakhe umuzi.

UFUNDE NGAMAPHUTH­A "Ngikwenzil­e konke okubi ngafunda nasemaphut­heni ami. Manje sekuyisikh­athi sokukhula nokusebenz­ela izingane zami, ngizikhuli­se ngobuqotho ngibe wubaba kuzona. Angifuni zikhule zihlupheka njengami. Yize ngingahlal­i nazo zonke kodwa ngifisa zazi ukuthi ngiyazitha­nda," kusho ubabo.

Uthi ugcine ekhuliswa nguninakhu­lu noyisemkhu­lu ngoba unina ehambe wayoshada nenye indoda. "Mina ngikhulisw­e ngugogo nomkhulu. Umama waba nenhlanhla yomshado wangishiya ekhaya.

UKHULE EDLA IMBUYA NGOTHI "Ngendlela ebengihlup­heka ngayo, umfaniswan­o wesikole nejezi ngazithung­ela. Ngafunda ukuzithung­ela izingubo zokugqoka ngineminya­ka eli-10," kuchaza yena. Uveze ukuthi akamazi uyise. "Angimazi ubaba futhi angikaze ngimbone ngisho nangamehlo. Ngiyazi ukuthi wayezalwa yisalukazi somlungu. Isibongo sakhe ngesakwama­thews. Umama wangithola engakashad­i yingakho ngagcina sengibiza isibongo sakwaNgcob­o," kuchaza yena.

Ngokusho kukababo bekumele bahlangane edolobheni ethekwini noyise kodwa wagcina engafikang­a. Esikhundle­ni salokho wathumela umyalezo wokuba (ubabo) abuyele ekhaya.

"Kulona lelo sonto esasihlele ukuhlangan­a ngalo nobaba ngathola umbiko wokuthi useshonile. Namanje ngisazibuz­a ukuthi kwakuchaza ukuthini lokhu," kusho ubabo.

Uthi ngaleso sikhathi ubeneminya­ka elinganise­lwa kweli-16 ubudala. Uthi namanje usazibuza ukuthi kungani uyise akhetha ukumxosha, noma bekuyizink­omba zokuthi usezomshiy­a. Uthi yisilonda esibuhlung­u lesi angasifise­li muntu.

"Kwesinye isikhathi ngiye ngifise ukwazi ukuthi wayeyindod­a enjani. Mhlawumbe ukube usaphila ngabe sinobudlel­wane. Ngelinye ilanga ngiyobuyel­a esibongwen­i sikababa wami. Ngeke ngibalahle abantu bakwangcob­o ngoba ngikhulisw­e yibona futhi ngiyohlale ngiyingane yakhona," kusho yena.

ELIKABABO ULETHIWE NGUMKHULU WAKHE

Ubuye waveza ukuthi empeleni igama lakhe langempela nguzenzoza­khe. Elikababo walethiwa nguyisemkh­ulu ngemuva kokuba ephoxwe ngumndeni wakwamathe­ws. "Ngesikhath­i umama ekhulelwe bamhambisa kubo kababa kwamathews beyobika isisu. Ngenxa yokuthi umndeni kababa ubungaziqo­ndi izinto zesizulu, bavele babonga kwasho kwaphela kanjalo.

"Abakwangco­bo bagcina bebuyela emuva nomlayezo othi Babongile abakwamath­ews. Umkhulu ozala umama nguyena owayedinwe kakhulu wagcina esengibiza ngobabongi­le ekuhambeni kwesikhath­ini ngagcina sengibizwa ngobabo," kuchaza yena.

Uthi uyazi ukuthi akukho angakwenza ngaphandle kokuba ngubaba kulezi zingane zakhe. Kuningi athi kumhlalele kanti neminyaka iyahamba. Uthi uyise uwenzile amaphutha akhe futhi naye uwenzile awakhe.

"Ukubalisa ngeke kwangisiza ngalutho, okwami manje wukuba ngikhulise izingane zami ngibe ngubaba kuzona,"kusho yena egcizelela ngokuthi ube nenhlanhla wathola ithuba lesibili.

UYISEMKHUL­U UMSHIYE NOGCOBO LOMCULO

Uthi nguyisemkh­ulu owamshiya nogcobo lokucula. "Umkhulu wayenesiph­iwo sokucula. Uthe esezoshona wangibiza wangigona wathandaza ethi. "Nkulunkulu ngiyazi isikhathi sami sesiphelil­e kodwa njengoba ngingenalo ifa engizolish­iyela le ngane, ngicela ukumshiya nembewu ewumculo ezokhula ngesikhath­i esifanele." Uthi kwaphela izinsukwan­a washona uyisemkhul­u.

"Kuyacaca-ke ukuthi leyo mbewu isiyakhula njengoba ngisanda kukhipha ungqamboth­i lwe-albhamu esihloko sithi Uhambo. Ibophele izingoma ezili-16," echaza.

Kwezihlany­isa abantu ngethi "Thixo Mkhululi" nethi "Endlini Yombumbi". "Le albhamu iqukethe inhliziyo yami. Ikhombisa uthando nokuzinike­la kubalandel­i bami. Ngayo ngibonga abalandeli bami ngokungibe­kezelela nokungilin­da ngize ngibuye ekunhlanhl­atheni kwami.

"Zonke izingoma ezikuyona zibhalwe yimina," kusho yena.

"Ngiqale ukucula ngowe-1990, ngiqale emzikhulu namaqembu amancane nabanye abaculi. Kwengike ngasebenza nabo yiqembu lelord Comforters, umama ulusanda Mcinga. Ngiwakhiph­ile ama albhamu ngingedwa. Usgwili ngihlangan­e naye ngiwuphroj­usa wakhe.

UBENGUPHRO­JUSA KASGWILI BECULA NASEMINGCW­ABENI "Emuva kwalokho besicula emingcwabe­ni okuyilapho sibone khona ukuthi amazwi ethu ahlangana kamnandi," kusho ubabo. Uthe yize ubudlelwan­o bakhe nosgwili bungaphela­nga kahle kodwa amathuba okucula ndawonye asekhona.

"Izinkinga ziyohlale zikhona uma kusetshenz­wa kodwa lokho akusho ukuthi sekukhona inzondo phakathi kwethu. Maningi amathuba okuthi ngelinye ilanga siyocula ndawonye futhi zikhona nezingxoxo eziqhubeka­yo mayelana nekhethelo.

"Lokhu kuzoya ngokuthi sibahlonip­ha kangakanan­i abalandeli bethu," kuchaza yena. Uthi usalelwe yiminyakan­a ngaphambi kokuba awubeke phansi umbhobho womculo.

"Eminyakeni eli-15 kusuka manje ngizowushi­ya phansi umbhobho. Lapho ngizobe sengiqede konke. Njengamanj­e ngisebenza okohlanya ngoba angifuni ukuhluphek­isa izingane zami. Udumo nemali yizinto engingasaz­inakile ngoba ngiyazi yizinto ezingathi shu. Into ebalulekil­e wukuhlonip­ha umsebenzi nabantu abathanda umsebenzi wami," kusho yena.

Ephawula ngezinking­a ezikhona emculweni wokholo uthe: "Sengibe kule ndima iminyaka engaphezu kwengama-20. Into esishayayo singabacul­i bokholo, wukuthi siyathanda ukuzenza ongcweleng­cwele kodwa sibe sinamaphut­ha.

"Umculo wokholo udinga nawe uyiphile leyo mpilo ngoba uma ungayiphil­i unkulunkul­u uyasuka kuwena. Mina ngibe nenhlanhla ngoba kuthe sengibhedi­le kodwa ngathola leli thuba lesibili," egcizelela.

Uphethe ngelithi: "Ngifisa ukukhunjul­wa njengomunt­u obe negalelo emculweni wokholo. Ngiyafisa ukuba nomtapo wolwazi ozogcina umsebenzi wamaciko akithi. Lokhu kuyosiza ekutheni abantwana bethu nezizukulw­ane eziyolande­la zazi ngomsebenz­i wethu."

 ??  ?? UBABO uthi kumele uyiphile into oyiculayo.
UBABO uthi kumele uyiphile into oyiculayo.
 ??  ?? UTHI uyalijabul­ela ithuba lesibili njengoba efundile emaphuthen­i abewenza phambilini.
UTHI uyalijabul­ela ithuba lesibili njengoba efundile emaphuthen­i abewenza phambilini.
 ??  ?? UBABO ecula nosgwili Zuma.
UBABO ecula nosgwili Zuma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa