Ibinzima impilo ekhula ubabo
UMCULI wokholo, ubabo Ngcobo, uphumele eshashalazini wahlanza konke ngempilo yakhe yangaphambilini.
Le nsizwa ekhulele Kwamashu enyakatho yeTheku, iqale ukuduma ngesikhathi icula nosgwili Zuma eqenjeni ikhethelo. Njengoba etheleka kuleli hotela nje akaswenkile uyaconsa. Uma ngimbhekisisa izandla nezinzipho zigcotshwe kahle. Iso lami ligxila kulezi zinzipho zakhe ezine nail polish engenambala (a clear nail polish).
"Ungadideki ngiyindoda eqondile, nginemizwa yabantu besifazane. Wukuthi nje ngiyathanda ukucwala izinzipho zami nokubukeka kahle. Kusukela ngisemncane bengivele ngiyiqhathanzipho. Ngiyazi siphila ezweni elikhululekile, umuntu nomuntu unelungelo lokuphila impilo ayifunayo.
"Ngisho nengane yami uma ingangitshela ukuthi iphila impilo yobutabane ngeke ngiyehlulele," kuchaza yena.
Ubabo ungomunye walawo madoda angenqeni ukuphumela obala ngempilo yakhe yaphambilini. Besivele simazi ukuthi ubezifela ngesifazane kodwa le nqwaba yezingane besingayazi.
UNENQWABA YEZINGANE "Udumo nemali lungifikele ngisemncane kakhulu. Bengiyisoka lamanyala, amantombazane eziqathekela eziletha wona. Ngikhuluma nawe nje, nginezingane eziyisi-7 komama abehlukene.
"Lokho kuyakhombisa ukuthi bengiphila impilo enjani. Ingane yami endala ineminyaka engama-21 kanti encane ineminyaka emithathu. Eyokuqala ngayithola ngisafunda isikole," kuchaza yena.
KUMLIMAZILE UKUBA SEMEHLWENI OMPHAKATHI Uqhube wathi: "Ngiyazazi ngimuhle, ngiyinsizwa egqoka kahle nomsebenzi wami ungenza ngibe semehlweni abantu njalo. Konke lokhu kungilimazile ngoba ngigcine ngikusebenzisa ngendlela okungeyona. Imali bengiyibhubhudla namantombazana notshwala. Nginjalo nje bengingaphuzi noma yibuphi futhi bekubhoboka iphakethe lensizwa."
Uveze ukuthi emuva kokuphupha nokulandelwa ngabezindaba ngemisebenzi engemihle, ukhethe ukuqala kabusha. Uthe: "Into yokuqala engayenza wukuyeka utshwala. Ngineminyaka emine ngingasabuthinti. Ngahlukana nokushintsha amantombazane ngahamba ngayolobola umama wengane yami.
"Kuyimanje ngiphezu kwamalungiselelo omshado. Ngiyazi ukuthi izinqumo zami bezingaphusile ngoba bengibuswa wudumo nemali ekhanda," kusho yena. Uthi njengamanje ufuna ukwakhela izingane zakhe umuzi.
UFUNDE NGAMAPHUTHA "Ngikwenzile konke okubi ngafunda nasemaphutheni ami. Manje sekuyisikhathi sokukhula nokusebenzela izingane zami, ngizikhulise ngobuqotho ngibe wubaba kuzona. Angifuni zikhule zihlupheka njengami. Yize ngingahlali nazo zonke kodwa ngifisa zazi ukuthi ngiyazithanda," kusho ubabo.
Uthi ugcine ekhuliswa nguninakhulu noyisemkhulu ngoba unina ehambe wayoshada nenye indoda. "Mina ngikhuliswe ngugogo nomkhulu. Umama waba nenhlanhla yomshado wangishiya ekhaya.
UKHULE EDLA IMBUYA NGOTHI "Ngendlela ebengihlupheka ngayo, umfaniswano wesikole nejezi ngazithungela. Ngafunda ukuzithungela izingubo zokugqoka ngineminyaka eli-10," kuchaza yena. Uveze ukuthi akamazi uyise. "Angimazi ubaba futhi angikaze ngimbone ngisho nangamehlo. Ngiyazi ukuthi wayezalwa yisalukazi somlungu. Isibongo sakhe ngesakwamathews. Umama wangithola engakashadi yingakho ngagcina sengibiza isibongo sakwaNgcobo," kuchaza yena.
Ngokusho kukababo bekumele bahlangane edolobheni ethekwini noyise kodwa wagcina engafikanga. Esikhundleni salokho wathumela umyalezo wokuba (ubabo) abuyele ekhaya.
"Kulona lelo sonto esasihlele ukuhlangana ngalo nobaba ngathola umbiko wokuthi useshonile. Namanje ngisazibuza ukuthi kwakuchaza ukuthini lokhu," kusho ubabo.
Uthi ngaleso sikhathi ubeneminyaka elinganiselwa kweli-16 ubudala. Uthi namanje usazibuza ukuthi kungani uyise akhetha ukumxosha, noma bekuyizinkomba zokuthi usezomshiya. Uthi yisilonda esibuhlungu lesi angasifiseli muntu.
"Kwesinye isikhathi ngiye ngifise ukwazi ukuthi wayeyindoda enjani. Mhlawumbe ukube usaphila ngabe sinobudlelwane. Ngelinye ilanga ngiyobuyela esibongweni sikababa wami. Ngeke ngibalahle abantu bakwangcobo ngoba ngikhuliswe yibona futhi ngiyohlale ngiyingane yakhona," kusho yena.
ELIKABABO ULETHIWE NGUMKHULU WAKHE
Ubuye waveza ukuthi empeleni igama lakhe langempela nguzenzozakhe. Elikababo walethiwa nguyisemkhulu ngemuva kokuba ephoxwe ngumndeni wakwamathews. "Ngesikhathi umama ekhulelwe bamhambisa kubo kababa kwamathews beyobika isisu. Ngenxa yokuthi umndeni kababa ubungaziqondi izinto zesizulu, bavele babonga kwasho kwaphela kanjalo.
"Abakwangcobo bagcina bebuyela emuva nomlayezo othi Babongile abakwamathews. Umkhulu ozala umama nguyena owayedinwe kakhulu wagcina esengibiza ngobabongile ekuhambeni kwesikhathini ngagcina sengibizwa ngobabo," kuchaza yena.
Uthi uyazi ukuthi akukho angakwenza ngaphandle kokuba ngubaba kulezi zingane zakhe. Kuningi athi kumhlalele kanti neminyaka iyahamba. Uthi uyise uwenzile amaphutha akhe futhi naye uwenzile awakhe.
"Ukubalisa ngeke kwangisiza ngalutho, okwami manje wukuba ngikhulise izingane zami ngibe ngubaba kuzona,"kusho yena egcizelela ngokuthi ube nenhlanhla wathola ithuba lesibili.
UYISEMKHULU UMSHIYE NOGCOBO LOMCULO
Uthi nguyisemkhulu owamshiya nogcobo lokucula. "Umkhulu wayenesiphiwo sokucula. Uthe esezoshona wangibiza wangigona wathandaza ethi. "Nkulunkulu ngiyazi isikhathi sami sesiphelile kodwa njengoba ngingenalo ifa engizolishiyela le ngane, ngicela ukumshiya nembewu ewumculo ezokhula ngesikhathi esifanele." Uthi kwaphela izinsukwana washona uyisemkhulu.
"Kuyacaca-ke ukuthi leyo mbewu isiyakhula njengoba ngisanda kukhipha ungqambothi lwe-albhamu esihloko sithi Uhambo. Ibophele izingoma ezili-16," echaza.
Kwezihlanyisa abantu ngethi "Thixo Mkhululi" nethi "Endlini Yombumbi". "Le albhamu iqukethe inhliziyo yami. Ikhombisa uthando nokuzinikela kubalandeli bami. Ngayo ngibonga abalandeli bami ngokungibekezelela nokungilinda ngize ngibuye ekunhlanhlatheni kwami.
"Zonke izingoma ezikuyona zibhalwe yimina," kusho yena.
"Ngiqale ukucula ngowe-1990, ngiqale emzikhulu namaqembu amancane nabanye abaculi. Kwengike ngasebenza nabo yiqembu lelord Comforters, umama ulusanda Mcinga. Ngiwakhiphile ama albhamu ngingedwa. Usgwili ngihlangane naye ngiwuphrojusa wakhe.
UBENGUPHROJUSA KASGWILI BECULA NASEMINGCWABENI "Emuva kwalokho besicula emingcwabeni okuyilapho sibone khona ukuthi amazwi ethu ahlangana kamnandi," kusho ubabo. Uthe yize ubudlelwano bakhe nosgwili bungaphelanga kahle kodwa amathuba okucula ndawonye asekhona.
"Izinkinga ziyohlale zikhona uma kusetshenzwa kodwa lokho akusho ukuthi sekukhona inzondo phakathi kwethu. Maningi amathuba okuthi ngelinye ilanga siyocula ndawonye futhi zikhona nezingxoxo eziqhubekayo mayelana nekhethelo.
"Lokhu kuzoya ngokuthi sibahlonipha kangakanani abalandeli bethu," kuchaza yena. Uthi usalelwe yiminyakana ngaphambi kokuba awubeke phansi umbhobho womculo.
"Eminyakeni eli-15 kusuka manje ngizowushiya phansi umbhobho. Lapho ngizobe sengiqede konke. Njengamanje ngisebenza okohlanya ngoba angifuni ukuhluphekisa izingane zami. Udumo nemali yizinto engingasazinakile ngoba ngiyazi yizinto ezingathi shu. Into ebalulekile wukuhlonipha umsebenzi nabantu abathanda umsebenzi wami," kusho yena.
Ephawula ngezinkinga ezikhona emculweni wokholo uthe: "Sengibe kule ndima iminyaka engaphezu kwengama-20. Into esishayayo singabaculi bokholo, wukuthi siyathanda ukuzenza ongcwelengcwele kodwa sibe sinamaphutha.
"Umculo wokholo udinga nawe uyiphile leyo mpilo ngoba uma ungayiphili unkulunkulu uyasuka kuwena. Mina ngibe nenhlanhla ngoba kuthe sengibhedile kodwa ngathola leli thuba lesibili," egcizelela.
Uphethe ngelithi: "Ngifisa ukukhunjulwa njengomuntu obe negalelo emculweni wokholo. Ngiyafisa ukuba nomtapo wolwazi ozogcina umsebenzi wamaciko akithi. Lokhu kuyosiza ekutheni abantwana bethu nezizukulwane eziyolandela zazi ngomsebenzi wethu."