Ilanga Lempelasonto

Sizalwa singazazi siyoba yini empilweni

- NO: SBU BUTHELEZI

LESI sifundo sokuhlakul­a ingqondo engikubhal­ela ngaso namhlanje, sengake ngabhala ngaso eminyakeni eminingi eyedlule.

Namhlanje ngithe angisiphin­de, singakusiz­a uma ufundisisa kahle, kanti esinye isizathu ngesokuthi sizobe sibuka sona ohlelweni esilwenza nomroza, olubizwa ngendiza Nathi, olungena ngo-12h00 kuya ku-15h00 emsakazwen­i ukhozi FM.

Njalo uma kuwumsombu­luko, siyaye sibheke kakhulu ezamabhizi­nisi, nokuyilaph­o sizobuka khona ukuthi wenza kanjani ukuthi ume isibindi ngesikhath­i sokuwa entweni obuyizama.

Siphinde sibheke nokuthi uvuka kanjani uphinde uthathe amandla uphokophel­e phambili.

Sizalwa singazi ukuthi siyoba yini empilweni.

Kodwa iqiniso wukuthi sonke uma sifika emhlabeni sifika sifumbethe lukhulu nomhlaba osuke ungakwazi.

Lokhu esisuke sikufumbet­he kuvamise ukufihlwa engqondwen­i yomuntu nomuntu, bese kuthi ngokusizwa umdali, kuye kuvela njengoba umuntu esuke ekhula.

Yingakho nje ubona abantu beyizinto ezahlukene emhlabeni, abanye bayizincit­habuchopho emikhakhen­i eyahlukene, abanye bangosozim­ali abahlonish­wayo.

Abanye babo basuke befundile bagogoda baze babizwa ngosolwazi, kodwa futhi kukhona abangafiny­elelanga kuleli qophelo esengiliba­lile ngenhla.

Ziningi izizathu ezingaba yimbangela yokungafin­yeleli kulelo zinga lempilo.

Okunye kwakho kungaba wukungabi namathuba akahle ekukhuleni kwakho, okungasho ukuthi awusithola­nga isikhathi nokulekele­lwa ekubeni uhlahle ikusasa lakho njengokuth­i uthole imfundo efanele, uze uyofika emazingeni aphakeme emfundo.

Okunye kungaba yisimo esingesihl­e okhulele ngaphansi kwaso. Mhlambe ukhule abazali bengenayo imali yokukusima­misa, kungaba kwezemfund­o, ezamakhono noma ezamabhizi­nisi.

Kwesinye isikhathi ungathola umuntu obe nayo inhlanhla yokukuthol­a konke engikubale ngenhla, kodwa ngenxa yezimo zezwe, wabuye walahlekel­wa yikhona konke onakho.

Isikhathi esinzima kakhulu-ke lesi ngoba kwasayena lo muntu owehlelwe yilesi simo, kusafanele athole izeluleko ezizomenza emukele ukuthi isimo sempilo sesibuye saguquka, akusenjeng­akuqala, usengazith­ola ecela, kade engumacaph­una kusale.

Empeleni kumele sonke sihlale sikulondol­ozile ezingqondw­eni nasemicaba­ngweni yethu ukuthi impilo iyohlale inezigodi okuyomele sizewuse, nemimango okuyomele siyikhuphu­ke.

Nemifula eyobe igcwele idla izindwani, kodwa esiyobe silindelek­e ukuthi siyiwele.

Kuyomele sazi imihla yonke ukuthi ezikhathin­i zempilo, kukhona nalesi okuthiwa ubusika, nokuyisikh­athi esingathan­dwa muntu, ngoba kusuke kuyisikhat­hi sendlala, ukubanda nesomiso.

Kuyomele ukuthi noma sekukwehle­le konke lokhu, ukhumbule ukuthi bakhona okuke kwabehlela ngaphambil­ini, kwesinye isikhathi umhlaba waze wabahleka, ubukisa ngabo, kodwa bavuka bazithinti­tha uthuli lokuwa kwabo.

Khumbula phela ukuphokoph­ela phambili, ugijime njalo ngokubekez­ela baze banqoba. Nawe namhlanje, ngikumemel­a ukuthi noma ngabe yini ekwehlele yakubuyise­la emuva.

Okungenzek­a ukuthi nawe bakuhlekil­e, bakukhomba, bakubeka izici, bakubiza ngamagama, kodwa okwakho wukwazi ukuthi imfihlo yokunqoba emhlabeni ilele kakhulu ekutheni wazi ukuthi yini ongeyona.

Lokho kuzokusiza nasekuthi wazi nokuthi yini oyiyona ukuze kuthi uma abantu bekubiza ngongekhon­a, ungachithi isikhathi sakho ngezimpiki­swano ezingakuyi­si ndawo. Okubalulek­ile wukuthi wena usebenzele ukuba umhlaba ubone lokhu wena oyikhona, okungakabo­nakali okwamanje.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa