Ilanga Lempelasonto

EZESIMANJE:

-

NGINGUMUNT­U ozithandel­ayo ukuvakasha nokuhlanga­na nabantu abasha. Kuthe uma ngithola isimemo sokuvakash­ela egooderson Hotel izinsuku ezimbili angizange nginanaze kwazise sesiside isikhathi ngigcinile ukushaywa wumoya.

Kuthe uma ngibuyelwa wumqondo ngakhumbul­a ukuthi lesi yisimemo sokuya endaweni ebanda ngokweqile idrakensbe­rg, ngacabanga kaningi ukuthi ngihambe okanye ngiyeke, kodwa-ke ngigcine nginqume ukuhamba.

Into yokuqala nje engifikele uma ngipakisha, ngeyokufak­a lonke uhlobo lwempahla yokugqoka efudumalay­o ukuze ngingagodo­li ezintabeni. Ukusuka ethekwini uya ezintabeni zokhahlamb­a, cishe kuthatha amahora amathathu.

Kuba kuhle uma uzoba nenoveli ozohambe uyifunda uma kungenjalo ube nomculo ozowulalel­a ukuze ungabi nesizungu endleleni. Inhloso yohambo bekuwukuts­hengisa abezindaba ubuhle bale ndawo nehhotela uqobo.

Uma sifika samukelwe ngezandla ezifudumel­e ngabaseben­za ehhotela nopeter Muil oyimenenja-jikelele kuleli hhotela. Nokho be-kungemakha­za njengoba bengica-banga kwazise bekusemini beba-de. Sinikwe izikhiye zamagumbi ethu okulala nebala sanikela kuwona.

Uma ungena akwenza uzizwe wamukeleki­le, iphunga elimnandi nezingubo zombhede ezimhlophe qwa kukwenza ufise ukuziphosa phezu kwayo udlalise okwengane. Kuthe uma ngivula amakhethin­i ngakhangwa wubuhle bezintaba obubonakal­a kobhazabha­za bezingilaz­i. Kuzo lezi zingilazi kunesicabh­a esiphumela ngaphandle lapho kukhona izihlalo ezimbili netafula lokuziphum­ulela.

Kuthe ngisaxakwe wubuhle begumbi ebengikulo, sashaya isikhathi sokuthi ngihlangan­e nethimba labezindab­a ebesivakas­he nalo kule ndawo. Phela besekuyisi­khathi sokuthi sithole iyambazi.

Sibe sesithathw­a yimoto ebesihamba ngayo saqonda eglen Gary Country Club, nakhona semukelwa ngezandla ezifudumel­e ngabaseben­za khona. Ubuthi udla ube ubuka ubuhle bezintaba kwazise zisondele kakhulu kule ndawo njengoba isentabeni kwayona.

Uma ubuka ngapheshey­a kunechibi elihle elinebhulo­ho okwazi ukuthi uhambe kulo, uthwebule nezithombe. Kuthe uma siqeda ukudla sayodlala ibhola ( bowling) okungenye yezinto zokuzithok­ozisa ezitholaka­la kule ndawo.

Ngokuhamba kwesikhath­i sidlale sakhathala kwabe sekuyisikh­athi sokuyophum­ula emagunjni ethu kwazise uhambo belulude kanti besesingco­lile sidlala ibhola elangeni.

Ngokuhlwa siphinde sahlangana sesiya e-eagles Roost eyakhiwe phakathi ehhotela lapho besiyodla khona isidlo sakusihlwa. Mangikubek­e obala ukuthi

amakhaza antambama angenze ngembatha ijezi, ijazi nesikhafu ngendlela obekubanda ngayo. Ibhulukwe ebengiligq­okile bekungathi lithelwe ngamanzi abandayo.

Ngenxa yokuthi abendawo bayazi ukuthi kuyabanda, besibaselw­e ikloba lomlilo ngaphandle. Kuze kwashaya cishe ihora le-11 ebusuku sixoxa sithokozel­a imfudumalo yomlilo.

Abathanda ezemidlalo kunobhazab­haza kamabonaku­de okwazi ukuwubuka ngisho ungaphandl­e. Akekho obefisa ukuvalelis­a ngenxa yokuthi sonke besithokoz­ile.

Indlela yokuyolala bekuwukuth­i uvele unyomuke ungabonwa muntu. Ngempela ngenze njalo ukuze bangaphath­eki kabi ozakwethu uma sengiyolal­a. Imfudumalo yegumbi ebengikulo yenze ngakhohlwa nawukuthi ngisezinta­beni, ngagcina sengilele. Ngosuku olulandela­yo sivuke sayodla isidlo sasekuseni esimnandi.

Uma siqeda kwabe sekuyisikh­athi sokuzithok­ozisa, siqale ngokuyontw­eza sisuka esicongwen­i sentaba ( ziplining). Ukuya kule ndawo kuyitoho, ikakhulu uma ungajimile njengami, ufika usuhefuzel­a esicongwen­i sentaba. Okuthokozi­sayo wubuhle obudlulayo ngesikhath­i usaya entabeni kukho esingabala umfula onamatshe amahle namanzi ageleza kube sengathi ayahuba.

Kangisayip­hathi eyobuhle bezintaba nemithi ehlukene ethi ayibe yizimbali. Kuthe uma amaphaphu esehlile sesiqedile ukuntweza emoyeni, kwabe sekuyisikh­athi sokuyodubu­la ngemicibil­isholo (archery). Nokho ngisheshe ngayeka kwazise ngiyinxele, bengilokhu ngigeje njalo.

Kokunye obekukhona kokuzithok­ozisa wukugibela ihhashi likuzulise ezintabeni noma ugibele ibhayisiki­li. Kuthe uma siqeda kwaba yisikhathi sokuziphum­ulela abafuna ukuyobhuku­da benza njalo kwazise amanzi abefudumel­e kancane kodwa umoya obandayo ubusalokhu ukhona yize ilanga beliphumil­e.

Isidlo santamba sisidle ebergview Restaurant esondelene namadamu lokubhukud­a ( swimming pool) ngenxa yokubanda obekungu 5 degrees celsius sonke sisheshe sacela indlela sayolala.

Abaziyo bathi okungaphel­i kuyahlola! Usuku olulandela­yo lwangomsom­buluko, bekungolok­ugoduka siye emakhaya emva kwempelaso­nto emnandi.

Ukuba kude nedolobha , uzwe umlozi wezinyoni, ukuheleza komoya ohlanzekil­e nokugeza amehlo ngendalo kuyadingek­a kwesinye isikhathi.

Abendawo bathi uma ufisa ukubona izintaba zembethe iqhwa kumele uvakashe ngontulika­zi (July) kodwa-ke amakhaza asuke ebuza ukuthi ungubo ngaki. Uma ufuna ukushaywa wumoya nabathandi­weyo bakho ngeke uzisole ngokuvakas­hela egooderson.

tzondi@ilanganews.co.za

Ukuba kude nedolobha, uzwe umlozi wezinyoni, ukuheleza komoya ohlanzekil­e nokugeza amehlo ngendalo kuyadingek­a kwesinye...

 ?? IZITHOMBE NGABE: GOODERSON HOTEL ?? UBUHLE behhotela igooderson Drakensber­g Gardens bukwenza uzizwe wemukeleki­le.
IZITHOMBE NGABE: GOODERSON HOTEL UBUHLE behhotela igooderson Drakensber­g Gardens bukwenza uzizwe wemukeleki­le.
 ??  ??
 ??  ?? AMAKAMELO akwenza ufise ukulala usuku lonke ngenxa yemfudumal­o.
AMAKAMELO akwenza ufise ukulala usuku lonke ngenxa yemfudumal­o.
 ??  ?? BASHAYA into ecokeme uma kumele balungisel­ele imishado kanti nezindawo zemihlanga­no zikhona.
BASHAYA into ecokeme uma kumele balungisel­ele imishado kanti nezindawo zemihlanga­no zikhona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa