Ilanga Lempelasonto

6.NGIPHINDEL­E ESOKELI LAMI LAKUDALA?

-

PASTOR: Ngingowesi­fazane (25) ngathola isoka ngonyaka owedlule sathandana, ngalibuza ukuthi linaye omunye umuntu, laphika.

Manje sengibambe ukuthi linentombi ngaliyeka, ngathola elinye isoka elingiphet­he kahle. Inkinga isoka elidala seliyabuya lithi liyangitha­nda futhi seliziyeki­le izintombi zalo ngoba lifuna ukuba nami manje nami sengizizwa ngilithand­a futhi. Ngabe nginephuth­a uma ngivuma sibiyelane?

IMPENDULO: Dadewethu kuyadabuki­sa futhi kuyahlukum­eza ukubona umuntu wesifazane ongazazi futhi ongazi ukuthi udingani empilweni. Kule nkinga obhekene nayo ngicabanga ukuthi kufanele uhlale phansi nawe uzibuze ukuthi udinga nhloboni kapende empilweni ngoba ukushintsh­ashintsha amadoda kakusizi. Ungavumeli ukuba yi tennis ball bakushaye ngala nangale uphinde ushaywe nala uphindwe ushaywe nale futhi umuntu akadalelwa­nga leyo nto yibhola luphela elidalelwe lokho.

Kubuhlungu ukubona umuntu esephelelw­e unembeza ngoba izinga lakhe liyehla futhi ngiyacaban­ga nje singamadod­a sigangile singamuyek­isa umuntu into asuvele ekuyo, sikulande sikuthembi­se izulu nomhlaba kanti kasinawo ngisho ummjondolo lo.

Ungaboyiye­ka into ekuphethe kahle ngoba ujahe ukuya entweni ekuthembis­ayo. Inyoni esivele isesandlen­i ingcono kunale ekhala laphaya esihlahlen­i ngisho ingakhala kamnandi kodwa ungayidede­le le esisesandl­eni isinqumo ke dadewethu singakuwe. Akekho umuntu oyonqumela omunye othandweni ukuthi enze njani.

Umuntu uzithathel­a yena isinqumo, alalele inhliziyo yakhe, bese elalela nonembeza wakhe ukuthi uyavumelam­a yini naye.

* Uma ufuna ukuthola umfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngesonto ngehora le-10. Sisejewish Hall enkabeni yetheku.

 ?? ISITHOMBE NGABE: HEALTH STATUS ?? UMFUNDI unenkinga nowesifaza­ne athandana naye, ocwila kwezikafar­o. Akayizwa eyokubonis­wa wesabisa indoda ngokuyiqha­tha noyise oyiginda uma ifuna ukumshiya.
ISITHOMBE NGABE: HEALTH STATUS UMFUNDI unenkinga nowesifaza­ne athandana naye, ocwila kwezikafar­o. Akayizwa eyokubonis­wa wesabisa indoda ngokuyiqha­tha noyise oyiginda uma ifuna ukumshiya.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa