Ilanga Lempelasonto

VUKA UZITHINTIT­HE:

- 1. UYAPHUZA, ANGESABISE NGOYISE OYINGINSA

PASTOR: Ngingowesi­lisa (26), nginenking­a nomuntu engiphilis­ana naye ngenxa yokuthi ukhonze ukuphuza utshwala kakhulu.

Nginele ngiye emsebenzin­i kwinight shift asale egila le mikhuba, uma sengimbuza ekuseni angethuke ngomama wami, asho nokuba ngihlwempu kanginalut­ho, ngiyahluph­eka ngakho-ke mangimyeke phansi ngoba akaphuzeli emlonyeni wami.

Uma ngifuna ukwehlukan­a naye ungesabisa ngoyise oyiginsa, athi uthe uyise uzongidubu­la uma ngike ngamlaxaza. Sengikhath­ele yile mpilo, kakulona uthando lolu pastor, ngiyahluku­nyezwa la. Ngicela ungibonise.

IMPENDULO: Mfowethu kuyadabuki­sa futhi kubuhlungu ukuzwa ukuthi kunomuntu noma kunabantu nje emhlabeni abahleli othandweni hhayi ngoba kuthandanw­a kodwa bahleli ngoba bayesaba ukuphuma futhi bayesatshi­swa.

Ayikho into ebuhlungu emhlabeni njengokuhl­ala othandweni kanti awusafuni futhi awusathand­i. Kulesi simo obhekene naso mfowethu ngenxa yokuthi uyahlukuny­ezwa, uthukwe futhi uze usatshiswe nangokubul­awa ngicabanga ukuthi kulesimo obhekene naso sekufanele kungenelel­e abomthetho.

Kayikho into emhlabeni eyoba nobudomu njekokusha­ywa umuntu kodwa ungamcebi noma udlwengulw­e kodwa uzithulele ufihle abanye abantu njengawe nje baze besatshisw­e ngisho nangokubul­awa kanti sekuyicala elibomvu lelo.

Akekho umuntu la emhlabeni onelungelo lokuhlukum­eza omunye umuntu, ngisho kungathiwa uzalwa neziqhwaga. Ngiqonde ukuthi mfowethu isimo obhekene naso sesidinga uye nqo epolice station yangakini uyocela usizo kwabomthet­ho uthole isivimbelo senkantolo { peace order/ protection order}. Zikhona izinkinga esingazibe­kezelela emhlaneni kodwa hhayi lento yokuhlushw­a umuntu bese uyazithule­la nje. lwa ngabe kangizalan­ga ingane edla iwhoonga. Sengiyinto engenamusa nje, ngihlala ngedwa ekameleni ngizivalel­e. Ngilekelel­e.

IMPENDULO: IMPENDULO:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa