5.AKAFUNI NGAZIWE KUBO
Ngenxa yokuthi dadewethu uyangitshela ukuthi ngeke wahlukane nesoka lakho ngenxa yokuthi uyalithanda noma ninesibongo esifanayo.
Ngebhadi ke angeke ngazi ukuthi uthando lwenu lubhekephi, kungabe luyaqhubeka luya emshadweni noma lumi ndawonye yini na. Ngisho ngoba ukuba bekuthiwa senilobolene noma nishadile bengiyothi inkinga obhekene nayo isidinga abantu abadala okungabazali benu.
Ngoba iziluleko zasemjolweni nezasemishadweni kazifani ngoba phela kakufanele umuntu aze afake inhiziyo yakhe kakhulu emjolweni ngoba lento yomjolo ngeke wayithemba.
Uma lomlisa ezimisele ngawe futhi efuna ukuthi nishade ngicabanga ukuthi le nkinga obhekene nayo ngeke yagezwa noma yaxazululwa nguwena kodwa iyoxazululwa ngabantu abadala. Kuyoba ngcono uma isoka lakho lihlanya ngawe njengoba nawe nje uhlanya ngalo nje.
Kubuhlungu ke empilweni ukuzibuza umbuzo okufanele engabe uwubuza omunye umuntu. Ngicabanga ukuthi kule nkinga yakho thola umuntu omdala ozonihlanganisa nalo sisi ukuze uchazeleke kahle ngodaba lwengane, ngoba impendulo ngombuzo ozibuza wona ngengane ilele kumama wengane. PASTOR:
Ngiyintombazane (33) nginesoka (50), sekuphele iminyaka eyisi-6 sitha-ndana kepha kangikwazi kubo.
Endlini aqashe kuyo uma ngimvakashele ngifika namhlanje ngihambe ngakusasa futhi sifika sekumnyama kodwa izinto azikhuluma ngomlomo ziyathembisa
Kakukho okusolisayo ukuthi khona omunye umuntu wesifazane angazi ngenzenjani useke washada wadivosa.
IMPENDULO: Dadewethu ngiyaphinda ngisasho uyingozi umuntu ohlala naye kanti kawumazi ukuthi uzalwa kuphi. Uma ufuna ukubona umuntu nithandana ukuthi uzimisele kangakanani ngawe uyombona ngokuthi akuveze kubo la ezalwa khona. Kakulula ukudlala ngomuntu osumuvezele noma osumuveze kubazali bakho ngoba wadlala ngaye udlale nangabazali bakho, kakulula ukuthi umuntu adlale nje ngabazali bakhe kodwa kulula ukuthi angadlala ngomunye umuntu. Awuzibuze nje dadewethu lombuzo uma umuntu uhlezi naye nithandana engavelelwa ingozi ungabikela bani? Noma ungayosho kuphi uma ungakwazi kubo, mhlawumbe nje uma umuntu othandana naye ekugila noma ekuphatha kabuhlungu uzomceba