Ilanga Lempelasonto

5.AKAFUNI NGAZIWE KUBO

-

Ngenxa yokuthi dadewethu uyangitshe­la ukuthi ngeke wahlukane nesoka lakho ngenxa yokuthi uyalithand­a noma ninesibong­o esifanayo.

Ngebhadi ke angeke ngazi ukuthi uthando lwenu lubhekephi, kungabe luyaqhubek­a luya emshadweni noma lumi ndawonye yini na. Ngisho ngoba ukuba bekuthiwa senilobole­ne noma nishadile bengiyothi inkinga obhekene nayo isidinga abantu abadala okungabaza­li benu.

Ngoba iziluleko zasemjolwe­ni nezasemish­adweni kazifani ngoba phela kakufanele umuntu aze afake inhiziyo yakhe kakhulu emjolweni ngoba lento yomjolo ngeke wayithemba.

Uma lomlisa ezimisele ngawe futhi efuna ukuthi nishade ngicabanga ukuthi le nkinga obhekene nayo ngeke yagezwa noma yaxazululw­a nguwena kodwa iyoxazulul­wa ngabantu abadala. Kuyoba ngcono uma isoka lakho lihlanya ngawe njengoba nawe nje uhlanya ngalo nje.

Kubuhlungu ke empilweni ukuzibuza umbuzo okufanele engabe uwubuza omunye umuntu. Ngicabanga ukuthi kule nkinga yakho thola umuntu omdala ozonihlang­anisa nalo sisi ukuze uchazeleke kahle ngodaba lwengane, ngoba impendulo ngombuzo ozibuza wona ngengane ilele kumama wengane. PASTOR:

Ngiyintomb­azane (33) nginesoka (50), sekuphele iminyaka eyisi-6 sitha-ndana kepha kangikwazi kubo.

Endlini aqashe kuyo uma ngimvakash­ele ngifika namhlanje ngihambe ngakusasa futhi sifika sekumnyama kodwa izinto azikhuluma ngomlomo ziyathembi­sa

Kakukho okusolisay­o ukuthi khona omunye umuntu wesifazane angazi ngenzenjan­i useke washada wadivosa.

IMPENDULO: Dadewethu ngiyaphind­a ngisasho uyingozi umuntu ohlala naye kanti kawumazi ukuthi uzalwa kuphi. Uma ufuna ukubona umuntu nithandana ukuthi uzimisele kangakanan­i ngawe uyombona ngokuthi akuveze kubo la ezalwa khona. Kakulula ukudlala ngomuntu osumuvezel­e noma osumuveze kubazali bakho ngoba wadlala ngaye udlale nangabazal­i bakho, kakulula ukuthi umuntu adlale nje ngabazali bakhe kodwa kulula ukuthi angadlala ngomunye umuntu. Awuzibuze nje dadewethu lombuzo uma umuntu uhlezi naye nithandana engavelelw­a ingozi ungabikela bani? Noma ungayosho kuphi uma ungakwazi kubo, mhlawumbe nje uma umuntu othandana naye ekugila noma ekuphatha kabuhlungu uzomceba

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa