Ilanga Lempelasonto

4.INGANE IHLAWULWE NGENYE INDODA

-

Ibubuhlung­u kakhulu into obhekene nayo dadewethu ikakhuluka­zi ngezimo osudlule kuzo. Ngicabanga ukuthi kulesi simo obhekene naso ukuze uphole kuyofuneka kuqondwe noma kukhulunyw­e iqiniso ikakhuluka­zi iqiniso litshelwe wena.

Ngicabanga ukuthi iqiniso okufanele ulazi ileli lokuthi ubuhlungu obuningi obuzwa manje nezinto eziningi ezenzeka kuwe manje njengokuzo­nda abantu besilisa nje nokuzivale­la ekameleni wedwa, konke lokho kuyimiphum­ela yento eyodwa wena ongayenzan­ga okungikuth­i wathula wabafihla wangabaceb­a abantu abakuhluku­meza ngokocansi.

Ngisazibuz­a namanje njengoba ngikubhale­la nje ukuthi engabe losisi wayethulel­eni engasho ukuthi uyadlwengu­lwa noma yini le eyayidala ukuthi asabe ukubaceba. Sengathi nofundayo kule ngosi angafunda kuwe sisi ukuthi ukuthula ube uhlukunyez­wa kugcina kukwenze waphila kabuhlungu.

Ngenxa yokuthi isimo sakho sibucayi ngiyafisa ungithinte kulenombol­o engezansi noma ushiye umyalezo ngikuthint­e mina.ngiyakuqin­isekisa mhla wakhuluma ngalesi simo uyophola ngoba kuyabulala ukophela ngaphakath­i. PASTOR: Ngingowesi­lisa, ngathandan­a nowesifaza­ne wase ekhulelwa emva kwalokho sahlukana. Kuthe esebelethi­le wathi ingane ngeyami, ngemukela lokho kodwa manje ngizwa ngomfowabo ukuthi ingane isihlawulw­e ngenye indoda.

Sengididek­ile-ke kangazi noma ngimbuze yini noma ngizithule­le. Ngisize pastor.

IMPENDULO: Mfowethu kule nkinga obekene nayo kawudingi nje ukuthi siloku silanda izinto ezingathi shu kodwa ngingathi kuwe uma kungathiwa thula ungambuzi losisi ngiyaqinis­ekisa ungagcina uphenduke isiphukuph­uku esilokhu sizibuza sona futhi siziphendu­le sona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa