Ilanga Lempelasonto

Ungashiyi umuntu wakho ngenxa yeshende

- SANDLE MAKHOBA

NJENGOBA siphuma kwimpelaso­nto enzima yevodacom Durban July (VDJ) baningi asebengaba­za amandla abantu babo. Phela kule mpelasonto, izesheli namashende bebeshisa bekhipha abantu babantu bebayisa ezindaweni eziphambil­i.

Uma ungumuntu obuthaka uzosishiya isithandwa sakho ngenxa yeshende ebelikudli­sa butebhu ngempelaso­nto. Singasakhu­lumike nje ngale mpelasonto kuphela kodwa sengikhulu­ma ngempilo jikelele.

Ungake ulinge udidiswe ubumnandi besikhasha­na bese uthi kuyabhora ekhaya.

Into okumele uyifake ekhanda ukuthi uma isesheli sikhipha imali eningi ukujabulis­a wena, lokho kusuke kungachazi ukuthi imali ozoyithola impilo yakho yonke leyo kodwa usuke ephosa umgqa-kazo ukuze usondele eduze bese ekubamba.

Ngakho-ke ngithi ungadidisw­a yinto yesikhasha­na bese ulahla into yakho yemihla ngemihla. Lento yithathe uyifanise nemoto. Imoto yokwebolek­wa ibiza kakhulu kunemoto yakho oyithengil­e.

Phela lena ebolekiwe usuke ukhokhela lezonsuku ozoyiseben­zisa ngazo kuphela. Uma ifa uyishiya khona lapho abanikazi bayo bayithathe bakulethel­e enye.

Kodwa lena eyakho lapho ifa khona kudingeka wena uqobo. Ngisho ngabe inomshwale­nse kodwa usuke ukhokhelwa nguwe.

Lokho kusho ukuthi ungalindel­i izizumbulu zemali kumaqondan­a wakho ngoba nakhu ishende lakho okanye isesheli sesikudidi­se ngemali.

Phela umaqondana uyakunake- kela ngasosonke isikhathi futhi kwesinye isikhathi usuke enezinhlel­o ezinhle ngawe.

Ngakhoke konke anakho kuyefana nokuthi kungokwakh­o. Ngalo mbhalo angigqugqu­zeli ukuthi abantu babe namashende kodwa ngeke sikubaleke­le ukuthi bakhona abantu abaphila le mpilo.

Uma kungukuthi ukhona kulabo bantu lo mbhalo ubheke kuwe ngqo. Bese kuthi labo abangakwen­zi lokho, abaqhubeke bengakwenz­i akukuhle neze. Ake ngiphume-ke kothatheki­le ngingene kuwona amadoda uqobo. Ukuze umuntu wakho engathathe­ki yizinto zangaphand­le konke lokho kulele kuwena. Kubaluleki­le ukuthi umuntu wakho umjabulise athole yonke into ayifunayo ekhaya.

Abanye osisi baze babe namashende nje ngoba banamadoda angakholel­wa ekukhiphen­i umuntu wesifazane.

Thatha umuntu wakho uye naye emabhayisi­kobho, uma unemali ethe xaxa muthathe uyomthengi­sa izinto azithanday­o. Ayikho into ethandwa abantu besifazane njenge “Shopping” futhi benjalo nje izingubo zabo aziduli kakhulu.

Ngakhoke qinisekisa ukuthi umuntu wakho ujabulile. Uma unezimoto eziningi, mnike naye ithuba lokuhamba ngayo nabangani bakhe.

Ungabi ilamadoda athi “Eyami imoto ayishayelw­a umfazi” kodwa amashende akho ayayishaye­la. Menze azizwe kunguyena yedwa obalulekil­e emhlabeni. Ngisho ngabe awusiyena umuntu onemali kodwa lokho okuncane uyokujabul­ela. Ungadidisw­a abantu ugcine uthathe umuntu ongaphezul­u kwamandla akho.

 ?? ISITHOMBE: NEGRAWITHT­UMBAO.COM ?? SEZENZELE izinto ezinhle isithandwa sakho ukuze kungavulek­i ithuba lokuthi amashende athathe indawo yakho enhliziywe­ni yaso.
ISITHOMBE: NEGRAWITHT­UMBAO.COM SEZENZELE izinto ezinhle isithandwa sakho ukuze kungavulek­i ithuba lokuthi amashende athathe indawo yakho enhliziywe­ni yaso.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa