Ilanga Lempelasonto

Uqala namuhla kw

- PAMELA ZUNGU

UKHUZA ibuya ohlelweni lwemishado oluthandwa ngabaningi, i-our Perfect Wedding (OPW), etshengisw­a njalo ngamasonto kumzansi Magic ku- channel 161.

Kulindelek­e ukuba uthembisa Mdoda avele esiqeshini sanamuhla ngesonto kulolu hlelo njengoba ethathe izintambo kunomsa Buthelezi. Kuzokhumbu­leka ukuthi ubuya kulolu hlelo nje, kuzobe sekungokwe­sithathu ebuya kulona njengoba eluphatha ngobunyoni­nco.

Ekhuluma NELANGA Langesonto uthembisa, uthi ukujabulel­e ukubuya kwi-opw ngoba uyazifela ngalolu hlelo futhi njalo uma ekhuza ibuya kulona uzizwa ejabulile ngendlela eyisimanga.

“Ngiyayitha­nda imishado ngoba iqhamuka nento eyehlukile. Ukudla nempatho engiyithol­ayo isezingeni eliphezulu futhi ngithola nethuba lokwazi izinhlobo ezehlukile zamakhekhe omshado.

"Ngiyethemb­a ukuthi abantu bazokujabu­lela ukubuya kwami kwi-opw ngoba nami bese ngikukhumb­ule ukuba phambi kukamabona­kude wabo. Yize kungekho lula kodwa ngiyakutho­kozela.

"Njengoba bengithath­e ikhefu bengiphumu­le ngoba wonke umuntu osebenzayo uyadinga ukuba aphumuze umzimba,” kusho uthembisa.

Uthi unomsa ubelupheth­e kahle uhlelo njengoba abantu bebemthand­iswa wukuthi unempilo futhi ukhululeki­le. Kuzokhumbu­leka ukuthi ngoNdasa (March), uthembisa uthole indondo yesouth African Film netelevisi­on.

Uqokwe KWIDSTV Mzansi Viewers’ Choice Awards emunxeni wabethuli bezinhlelo eqhathwe nobonang Matheba, urobert Marawa, uphat Joe nopearl Modiadie.

Uthi uyajabula ngokuqokwa kulo mcimbi ngoba kutshengis­a ukuthi umuntu uyakhula emsebenzin­i awenzayo.

Kuzobe

ebuya kwi-opw.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGUTHEMBIS­A Mdoda obuya ohlelweni lwemishado, i-our Perfect Wedding (OPW) namhlanje ngesonto.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGUTHEMBIS­A Mdoda obuya ohlelweni lwemishado, i-our Perfect Wedding (OPW) namhlanje ngesonto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa