Ilanga Lempelasonto

THANDI ZONDI

-

SAWUBONA wesbusiso Mbona odume ngodj Sjerere. Bengisacel­a ukwazi ukuthi wagcina kwabani esikoleni uma kuwukuthi wafunda? Ngibuza lokhu nje, ngixakwa yisingisi osibhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Kusukela ngonyaka odlule ulokhu uthi “My single isi coming soon”. Manje sengiyadid­eka noma uyawazi yini ukuthi usho ukuthini usoon lowo. Phela lokho kusuke kusho ukuthi into isisemome, manje sekuyophel­a unyaka wesibili usibelesel­e ngala manga. Ngiyakucel­a mina ngiwumzala ukuthi awuyihoxis­e manje le mibhalo yakho kuze kube wukuthi sekusemome ngempela ukuthi iphume. Uma kuwukuthi ubungaqond­i ukuthi lisho ukuthini leli gama ngiyakuxol­ela. NGIPHOXEKE ngaswela umgodi wokucasha abantu bekhala ngokungahl­eleki kwemabala

Noise emcimbini abebewuhle­lile ngesonto eledlule owandulela IVDJ.

Phela imabala siyithatha njengenkam­pani engomacaph­una kusale.

Lokho kuyenza ikwazi ukuqasha noma ngabe ngubani ozokwenza umsebenzi ophelele.

Reggie mfanakithi ngathi kuzomele ubize umhlangano ophuthumay­o ezisebenzi­ni zakho ozethembil­e. Ngeke sisole wena ngoba ubumatasa nenkomfa kaKhongolo­se, kodwa sisola labo abasondele­ne nawe obathembil­e ukuthi bakwenzele umsebenzi ngendlela. Uma kumele uxoshe umuntu ungesabi, kunokuthi kwenzeke umsebenzi ongahlelek­ile bese kwehla isithunzi senkampani yakho. ABANYE abaculi sengathi ungagcina ngokubalal­ela emsakazwen­i nje, ungazixaki ngokubabon­a ngamehlo. Lo mculi waseswazin­i, usands, ocula itigi, kade ngangilang­azelele ukumbona ecula bukhoma. Ngenhlanhl­a ngimbone kwelinye lamatende kwivdj, angizange ngiphoxeke kanje. Bengilinde­le unqambothi lomculo, sengilungi­se ngisho indwangu yokusula izinyembez­i uma sengikhali­swa wubumnandi bomculo wakhe. Kodwa hhawu! Angikwazi ukuphoxeka okunjeyana, ubuzibande­la nje. Ngicela uhambe uyozilolon­gela ukucula bukhoma ukuze abantu bangabhore­ki uwena. Ngikuthand­a kabi nephimbo lakho limnandi kodwa umsebenzi usemkhulu. Kumele uxhumane noringo izinkakha zikudodise. DJ Bongz sizwile ukuthi usushiyile enkampanin­i yakho owayisungu­la wena, imabala Noise. Ngeke sikwazi-ke ukuqala sikubongel­e ngoba asisakweth­embi. Phela wena uyindoda enesibindi kabi edayisa ngegama layo.

Okumele sikwazi-ke manje ukuthi siqhubeke yini sikubize ngomabala noma usungugwar­agwara? Uma kwenzeka kuqhamuka esinye isiqumama sithenga leyo

Gwaragwara thina sekuyomele sifunde igama elisha futhi? Ayi ngeke ndoda awuzame ukubekezel­a entweni yakho noma kunzima. Syazi ugovner wakusiza wabuyisa isithunzi sakho njengoba wawusubuye­le Kwandengez­i nje, kodwa angicabang­i ukuthi kwaba umqondo omuhle ukuthi umdayisele onke amashezi akho. Kulungile-ke sekwenzeki­le usunegwara­gwara manje, besicela uzinze-ke kuyona ungadidisw­a yizimpunye­la. NGITHI angithathe leli thuba ngibongele iqembu lamazulu ngokukwazi ukuthenga isitifiket­i sethanda Royal Zulu. Ngiselapho nje, make ngibuze kumdu Ncalane okhulumela umasipala wasemhlath­uze, ukuthi, aphi amanga

ELANGA? Phela wena Mdu Ncalane igama lethu walidicile­la phansi wasenza abantu abasenga ezimithiyo. Kuyokusiza ukuthi uxolise ngoba imithombo YELANGA ayishayi eceleni. Ubuze umsakazo igagasi 99.5 nabo bazivumela bukhoma ukuthi imithombo

YELANGA ayishayi eceleni.

Njengesifu­ndiswa kuyokusiza ukuthi wenze uphenyo lwakho ngaphambi kokuba uthuke abantu njengoba wenza nje kuleli phephandab­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa