Ilanga Lempelasonto

AMACEBO OKUQHAMUKA NEMALI ADALA IZINKINGA

- ZOWAKHA MBATHA

THE HOUSE UMQONDISI: Andrew Jay Cohen ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Will Ferrell (Scott Johansen), Amy Poehler (Kate Johansen), Jason Mantzoukas (Frank Theodoraki­s), Ryan Simpkins (Alex Johansen) UHLOBO: Comedy IMINYAKA: 16 L/D/V

INKINGA emndenini wakwajohan­sen iqala uma kuphela ngemali yokufunda kwendodaka­zi yakhona u-alex. Abazali okunguyise uscott nonina ukate kumele phela baqhamuke necebo ukuze lifezeke iphupho le ndodakazi lokufunda enyuvesi.

Umakhelwan­e wabo ufrank kuyaziwa ukuthi unenkinga yokugembul­a. Nguye oveza icebo lokuba kuvulwe indawo yokugembul­a engekho emthethwen­i khona la ngaphansi kwendlu yakhe ufrank.

Okwenzekay­o-ke kubacacise­la ukuthi abakuthath­e njengesiso­mbululo sesikhasha­na, kubadalela eziningi lezi izinkinga. Ingene ngo- Lwesihlanu e- cinema. KUSAHAMBA ngawo impela amagama enkehli ngokushint­shashintsh­a kwezinto ngendlela abukwa ngayo amafilimu njengoba sekuvalwe izikole.

Amafilimu abukwa kakhulu, nasenze imali eningi aseshint- shashintsh­a njalo njengoba kwenzeka zikhathi zonke uma abafundi besemakhay­a.

Ngezansi wuhlu lwayishumi ahambe phambili ngempelaso­nto edlule yokuphela kwenyanga kanti IWONDER WOMAN ibiphambil­i ngokufaka imali njengoba bese ifake R16,976,478 ngokombiko wabakwaste­r Kinekor Entertainm­ent:

1. DESPICABLE ME 3 2. TRANSFORME­RS: THE LAST KNIGHT

3. CARS 3

4. WONDER WOMAN 5. BAYWATCH

6. THE MUMMY

7. ALL EYEZ ON ME 8. ROUGH NIGHT 9. PIRATES OF THE CARIBBEAN: SALAZAR’S REVENGE

10. EVERYTHING, EVERYTHING

zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: NEWS.COM ?? INGENA ingenile imali kwi-casino engekho emthethwen­i
ISITHOMBE: NEWS.COM INGENA ingenile imali kwi-casino engekho emthethwen­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa