Ilanga Lempelasonto

Abamakwaya mabacule ngenxa yothando hhayi inkence

- KNOWLEDGE SIMELANE

ABACULI abacula umculo wamakwaya noma becula beyibinza kumele bazi ukuthi izindleko zabo zinkulu kunomculi ocula yedwa.

Sikusho lokho ngoba baningi esiye sibezwe bekhononda baze bashiye phansi amakwaya noma amaqembu ngoba bekhala ngokuthi imali abayithola­yo yincane bese befuna ukuzimela.

Umculo wabantu abaningi ngeke waze wafana nowabantu abambalwa kanjalo uma sekuphakwa abaningi bathola kancane kunalabo abayingcos­ana.

Uma umculi ejoyine ikhwaya enabaculi abaningi, makabe nolwazi zibekwa nje ukuthi uzoculela uthando kunokucule­la ingcebo. Uma abaculi beyikhulu lelo khwaya lisuke likhipha imvunge emnandi ngoba lakhelwe lolo hlobo lomculo.

Izindleko zabaculi abaningi nge- zindlela zabo ezahlukene zimba eqolo. Sibala lezi ezilandela­yo: Imifaniswa­no Intilasipo­ti

Indawo yokuhlala Ezempilo Izikhangis­o

Kuningi okudala ukuba kube nzima ukusebenza nabaculi abaningi. Bebodwa abaculi bayinkinga ngoba baba nezinkinga zabo zemindeni ezibehlela nsukuzonke.

Kuke kuthi kufanele ikhwaya iyo-sebenza endaweni ethile bafike bonke abanye kushode oyedwa ohamba phambili ume nse umsebenzi.

Uma kuhanjwa kumele kuqashwe ibhasi esikhundle­ni semoto eyodwa. Kuningi ukukhuluma okuba khona kubaculi uma bebaningi ikakhuluka­zi inhlebo nokugxeka. Abaphathi bamakhwaya kumele bakwazi lokho ngaphambi kokuba balibumbe ikhwaya.

Kuba nzima uma ikhwaya lizobuye libe nabadlali bezinsimbi nabo baba nolwabo uhlupho. Uma kuthiwa kuyaqoshwa esitudiyo kudingeka sibe sikhulu okuyizindl­eko khona lokho.

Kuba nemikhuba yakhona ekhwayeni elikhulu, kukhona ababuye bajikelane baqomane bese umsebenzi ungabe usahamba kahle abaculi bengasayit­hathi imiyalelo yabaphathi. Kube nzima kakhulu uma othile ethandana nomphathi wekwaya .

Uma sekufikwa odabeni lokuholelw­a kwezimali abaculi bathola inkeshezan­a baqale ukuduba umculo abanye bahlambala­ze abaphathi sebekhohli­we wubuningi babo. Sibakhutha­za ukuba bajoyine amaqembu emiculo ngezinhliz­iyo zothando lwawo hhayi ukujaha imali.

Kumnandi ukubona abesilisa nabesifaza­ne abadala nabancane behlangene bekhipha umpe ngaphansi kwamakhala. Kuze kube sengathi kuyisithom­be sokuthi isintu sizobe simculela kanjani ujehova sesiphambi kwakhe ngomhla wo-kuphela.

Mawuye phambili umculo wamaphimbo amaningi ngoba ukhombisa ukuzwana kwabantu, uwuphawu lobumbano esizweni. Uthando lomculo maluhambe phambili, imali emuva. knowledge. simelane2i­langanews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa