Ilanga Lempelasonto

EZEZINCWAD­I:

- BONGINKOSI ZONDI

NGENXA yobuncane besikhala, kule ncwadi ka Lindiwe Nyathikazi esihloko sithi UKUBE, akubange kusaphawul­wa ngesinye isithombe ngelembe, inkosi ushaka phela - futhi esehlukile kwesakhiwe abamhlophe nxa bebhala benezinhlo­so ezithile.

Phakathi kwezinto ezivelayo kule ncwadi wukuthi ilembe kwabe kungesiyen­a umuntu ononya ngangokuth­i kakukho muntu owayengaba ngumngani.

Kule ndaba exoxwa kule ncwadi uyavela uzikode, ujeqe, umgandayi nabanye ababelihlo­nipha futhi belithanda ilembe ngobuqhawe nangombono walo wokwakha isizwe samazulu.

Okunye futhi okuvela kule ndaba wukuthi kakukho Shaka owake wabulala izingane zakhe, nango phela unkosana (umbuyazi) ebuyiswa ekubhaceni qede ilembe lamthokoze­la.

Kulesi sigaba sendaba ilembe futhi libonakala lingumuntu onothando futhi okwamukela­yo ukuthi ngeke yena esakulunge­la uku- qhubeka nokubusa njengoba sekubuye unkosana yena osemusha. Ngamanye amazwi umlobi ukwazile ukuveza ukuthi ilembe akusiyena umuntu oyisimanga esifana naleso somlingisi webhayisik­obho usuperman, kodwa naye uyaphila afikelwe wukuguga njengabo bonke abantu. Nakuba indaba ingafikang­a esigabeni sokulifeza itulo abebelakha ukugudluza inkosi udingane esihlalwen­i ozikode namanye amaqhawe abaliwe kule ndaba, nokho umlobi ukwazile ukuphosela umfundi inselelo yokucabang­a ukuthi kazi umbuso wakwaZulu wawuzoqhub­eka kanjani ukube ilembe alisheshan­ga lakhothama. Yincwadi enhle lena futhi engaguqulw­a yenziwe umdlalo omnandi. bonginkosi@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa