EZEZINCWADI:
NGENXA yobuncane besikhala, kule ncwadi ka Lindiwe Nyathikazi esihloko sithi UKUBE, akubange kusaphawulwa ngesinye isithombe ngelembe, inkosi ushaka phela - futhi esehlukile kwesakhiwe abamhlophe nxa bebhala benezinhloso ezithile.
Phakathi kwezinto ezivelayo kule ncwadi wukuthi ilembe kwabe kungesiyena umuntu ononya ngangokuthi kakukho muntu owayengaba ngumngani.
Kule ndaba exoxwa kule ncwadi uyavela uzikode, ujeqe, umgandayi nabanye ababelihlonipha futhi belithanda ilembe ngobuqhawe nangombono walo wokwakha isizwe samazulu.
Okunye futhi okuvela kule ndaba wukuthi kakukho Shaka owake wabulala izingane zakhe, nango phela unkosana (umbuyazi) ebuyiswa ekubhaceni qede ilembe lamthokozela.
Kulesi sigaba sendaba ilembe futhi libonakala lingumuntu onothando futhi okwamukelayo ukuthi ngeke yena esakulungela uku- qhubeka nokubusa njengoba sekubuye unkosana yena osemusha. Ngamanye amazwi umlobi ukwazile ukuveza ukuthi ilembe akusiyena umuntu oyisimanga esifana naleso somlingisi webhayisikobho usuperman, kodwa naye uyaphila afikelwe wukuguga njengabo bonke abantu. Nakuba indaba ingafikanga esigabeni sokulifeza itulo abebelakha ukugudluza inkosi udingane esihlalweni ozikode namanye amaqhawe abaliwe kule ndaba, nokho umlobi ukwazile ukuphosela umfundi inselelo yokucabanga ukuthi kazi umbuso wakwaZulu wawuzoqhubeka kanjani ukube ilembe alisheshanga lakhothama. Yincwadi enhle lena futhi engaguqulwa yenziwe umdlalo omnandi. bonginkosi@ilanganews.co.za