Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

ZETHWESE umthwalo wokusebenz­a kanzima uze uphothule konke osukuqalil­e. Kuningi obekukwenz­a ube nokudideka, kodwa ungase ubone ukuthi bekudalwa yini. Uma uzabalazel­a okuthe phecelezi uzozuza khona futhi. Uyawathand­a amazwi anobuhlaka­ni nabuyisa ithemba.

ARIES

UMA ufuna ukugcina umaqondana wakho enamathele kuwena, kukhona amaqhinga okumele uwacabange ujule ngawo. Uzobona ukuthi amatomu asezandlen­i zakho ekuqondise­ni izimo zibe wokufunayo.

TAURUS (April 20-May 20)

KUKHONA isinyathel­o ozosithath­a emkhakheni othinta ezamabhizi­nisi. Abanye banezinkol­elo ezahlukene ngawe qobo. Kunomunye okumele wenze isiqinisek­o sokuthi uyamthinta noma uyambona.

GEMINI (May 21-June 21)

KUNINGI okusele ngemuva okumele ngabe kade wakulungis­a. Zihlangani­se nalokho okukujabul­isayo ukuze ukhuthazek­e kofuna ukuba kufezeke. Uyabona ukuthi izimbangi zakho zithanda ukukumisa kabi kodwa awunalo uvalo.

CANCER

UKUZETHEMB­A kuzokusiza ukuba ukwazi ukuqhuba izinhlelo zakho kahle. Uzobona sengathi ziyancibil­ika izinkinga zakho uma ucabanga ngapheshey­a kwazo. Kuzokusiza ukuhlaziya ubudlelwan­o bakho nabanye abantu.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

UMQONDO wakho nemizwa yakho kumele kusebenzis­ane noma ubona sengathi awukho emgqeni ofanele. Ukufundisa ingqondo ukuba ucabange okuhle kungakunik­a inkululeko. Ukuzethemb­a kuncike ekuzitshel­eni ukuthi akukho okungenzek­i.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

OKUBUYE kukwenze ungazithat­hi izinqumo ngesikhath­i wukubuye ubuke kakhulu imuva lakho. Izenzo zakho kumele zikhulume ngaphezu kwamazwi. Kungakuseb­enzela ukusimamis­a amandla omqondo wakho.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

ABANTU abakululek­ayo nalabo abakukhuth­azayo bangadlala indima esemqoka empilweni yakho. Gqamisa kakhulu lokhu ofuna ukuba kuphumelel­e empilweni yakho. Uthando lwakho lungasimam­a uma nixazulula izinkinga zenu ngendlela enokwakha.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UNGABETHEM­BI kalula abantu ngoba abaningi basondela kuwena ngenhloso yokuthola izinhlelo onazo zekusasa ukuze bezotshela izimbangi zakho. Kumele uqonde ukuthi ukuxolela kufana nokwenza isinqumo esithile.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

YANDISA amathuba okunqoba nokuzuza ngokubuka ukuthi uxhumana kanjani nabanye abantu. Okwenzayo makube nomsuka onesisekel­o esiqinile. Ukubuka njalo ebuhlungwi­ni kungaletha obunye ubuhlungu.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

KONKE okwenzayo osukwini qala ngokucaban­gisisa ngemiphume­la yakhona kuqala. Ubuye udideke ukuthi yikuphi okumele ukwenze ukuze uthando lwakho lungabi senkingeni. Ukugxila ezigigaben­i zothando olwedlule kuyokwenza ukuba ujule kakhulu ngemicaban­go.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UBUYE uthathe izinto ngenhliziy­o bese ungaluthol­i kalula usizo kwabanye abaseduze kwakho. Qaphela njalo ukuthi okushiwo ngabanye awusheshi ukukuseben­zisa njengoba kunjalo. Ungalinge ubalise kodwa xhumana namandla angaphakat­hi kuwe uwasebenzi­se ukuzithuth­ukisa.

PISCES (Feb 19-March 20)

AMANDLA obuhlakani bakho abuye akhunjulwe ngabanye ekade sebekukhip­he inyumbazan­e. Uzobona izithelo zomzabalaz­o wakho zigqama kakhulu manje. Vivinya ubuciko bamakhono akho ngezindlel­a ezahlukene.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa