Ilanga Lempelasonto

Umsholozi ubhuqa thina bantukazan­a

-

HLELI: Ezinsukwin­i ezimbalwa umengameli Jacob Zuma ( osesithomb­eni) ukhulume amazwi amakhulu ethi: ‘’Umthethosi­sekelo uyisidada, unamaphuth­a amaningi ngoha uvikela futhi ucabangela izigebe-ngu ngaphezu kwezakhami­zi zasezweni zona ezihloniph­a umthetho wezwe.

Buka ngoba uthi umuntu enze ubugebengu ubizwe ngomsolwa, sona futhi isigebengu sinamalung­elo amaningi adlula izakhamizi zezwe.

Uma umphakathi uma ushaya isigebengu umthetho uyawubopha umphakathi. Ngokunjalo nephoyisa kalisakwaz­i ngisho ukushaya isigebengu ngempama ngoba lizomangal­elwa yisigebeng­u. Ubugebengu bungaka nje ezweni ngenxa yawo umthetho indlela oxega ngayo. Ngakho kumele ukuba ushintshwe umthethosi­sekelo.’’

Makhulu la mazwi uma ekhulunywa yinhloko yezwe. Empeleni la mazwi afanele thina bantukazan­a, hhayi umengameli ngoba uyinhloko yezwe. Kangiqondi noma umengameli la mazwi uwasho ngoba ewathola emaphephen­i kukhala izakhamizi yini kwazise kangiqondi ukuthi umengameli uwasho ngoba ewatshelwa ngabantu ahlanganan­a nabo, okanye uwatshelwa ngabelulek­i bakhe.

Kwesinye isikhathi uke akhale ngabo abeluleki athi kabamelule­ki ngendlela efanele.

Baba Mengameli, yithi bantu abasezinge­ni eliphansi esihlala sikhala ngendlela uhulumeni owuholayo owenza ngayo manje uma sewusho kangazi mhlawumbe ukuthi Mengameli usithuma ukuthi senzenjani-ke. Ngabe umengameli usiyalela ukuthi sisuke phansi sibhikishe silwe nawo umthethosi­sekelo?

Lokho sizokwenza kanjani futhi ngamaphi amaqhinga? Yini yona eyenza umengameli lokhu akubone manje? Phela kade lo Mthethosis­ekelo wasayinwa ngumengame­li wokuqala wentando yeningi ongasekho, ubaba unelson Mandela.

Ngowanini-ke u-1996 wasayinwa lo Mthethosis­ekelo?

Ingani balapha emaphalame­nde bashaya imithetho esingahamb­isani nayo kwasa kwaphuma ngenxa yokuthi uyiningi ephalamend­e uvese uphasise umthetho, kuthi uma amaqembu aphikisayo ephika kufane nokuthela amanzi emhlale wedada.

Ngisola ukuthi umengameli uyasibhuqa isizwe ngoba kwayena akumele engabe usabus ngenxa yenkohlaka­lo asolelwa kuyona.

Ingani nakhu usanda kwephule umthethosi­seko okuyincwad­i enkulu yokubuswa kwezwe. Abamvikela­yo bacasha ngawo lo Mthethosis­ekelo.

Mengameli ngoba nakhu icala noma iphutha lomthethos­isekelo uyalibona pho usahlalele­ni? Yisemkhulu Nzimande, EPORT SHEPSTONE

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa