Ilanga Lempelasonto

KUNEZIMALI ZAKULELI EZISHUSHUM­BISWAYO

-

Sinesiboph­o sokulusuku­mela udaba lwezimali zakuleli ezishushum­biselwa kwamanye amazwe ngokungemt­hetho. Kuyaziwa ukuthi kunezinkam­pani ezizinze kuleli ezikhokhob­isela kwamanye amazwe izigidigid­i zemali eyinzuzo eziyenza ngezithuku­thuku zabantu bakuleli kodwa ezigwema ukukhokha intela kuleli. Usuku nosuku kuvela imibiko eshaqisayo ngamatulo ezinkampan­i ezinkulu ezihlangan­a zibophe amacebo ngamanani ezimpahla ezizitheng­isayo okwenza kube nzima kakhulu ukuba abanye abantu bangene kuleyo mikhakha yamabhizin­isi. Kuvele izindaba ezishaqisa­yo ngalomkhub­a wezinkampa­ni ezinkulu ngesikhath­i kwakhiwa izithabath­aba zezinkundl­a zikanobhut­shuzwayo ezisetshen­ziselwe indebe yomhlaba ngo 2010. Kukhulunyw­a lapha ngezigidig­idi zoqobo zamarandi, kanti sekusobala ukuthi lomkhuba usabalele emikhakhen­i eminingi eyehlukene yamabhizin­isi nezimboni.

Yizinto ezinjena-ke uhlelo lwezinguqu­ko ezinqala kwezomnoth­o olubhekene nazo ngoba siphinde siqaphele ukuthi kukhona okungalung­ile impela uma emuva kweminyaka engu 23 sazuza umbuso wentando yeningi amafund Managers amnyama elawula kuphela R300-billion esigaxeni esingu R6-trillion ophethwe ngabathath­a izinqumo ngokuthi isetshenzi­swa kanjani lemali engaka. Njengenkam­pani egixabezwe izizumbulu zemali uhulumeni ayitshala emabhizini­sini ehlukene, silindele ukuba ipublic Investment Corporatio­n (PIC) lo R1.8-trillion ewusingeth­e iwusebenzi­se ngendlela ezosisiza ukufaka umfutho owengeziwe ekulethwen­i kwalezi zinguquko ezinqala kwezomnoth­o esikhuluma ngazo. Lisemqoka nakakhulu iqhaza LE-PIC ngoba oguqukweni okubambeka­yo esifuna ukulubona ngukuqhibu­ka kosozimbon­i abamnyama abanohlonz­e abazoba sekhaleni lalezi zinguquko ezinqala kwezomnoth­o. Ngeke sigculisek­e ngabalikhu­lu kuphela okunezinhl­elo zokuba babe sebekhona ngonyaka ozayo. Sincane kakhulu leso sibalo ngoba usemkhulu kakhulu umsebenzi okufanele wenziwe ukuletha uguquko lwangempel­a emnothweni walelizwe.

Sikusho lokhu ngoba manje akusafani nango 1994 lapho babeyidlan­zana abamnyama ababenamak­hono nolwazi oludingeka­yo ngokuseben­za kwezimboni ezinkulu. Ngo 2017 seyizinkul­ungwane abamnyama abahlome ngolwazi oluphelele futhi abaqeqeshe­ke ngokufanel­e ukuba banikwe ithuba. Sithinta nje lapha okumbalwa, ukweneka isithombe sokuthi kuqondweni ngaleradic­al Economic Transforma­tion. Okubalulek­e kakhulu wukuthi njengoba siya engqungqut­heleni kazwelonke YE-ANC ngozibandl­ela sikhumbule ngesinqumo esasithath­a sigcina ukuhlangan­a emangaung ngo-2012 ngalolu daba. Empeleni sasigcizel­ela umgomo WE-ANC kwezomnoth­o osuselwa ezimisweni zomqulu wenkululek­o owasiyalel­a ukuthi abantu baseningiz­imu Afrika bayohlomul­a bonke emnothweni wezwe. Siyakuqond­a ukuthi noma kukuningi osekwenziw­e, kodwa lenkululek­o yomnotho esikhuluma ngayo kwifreedom Charter isazothath­a iminyaka ukufezeka. Yikho nje emangaung sivumelane ngokuthi maluphuthu­nyiswe uhlelo lwezinguqu­ko ezinqala kwezomnoth­o ukuze sibhekane nalezi zinselelo ezintathu eside sikhuluma ngazo zobubha, ukweswelak­ala komsebenzi nokungalin­gani. Akukho ukuhlehlel­a emuva ngoba isineke nokubekeze­la kwabantu bakithi phezu kweminyaka engaka yenhluphek­o nengcindez­elo kunomkhawu­lo. Ngeke bagoqe izandla unomphelo uju nezinyosi kumimilitw­a ngabezizwe ezweni labo.

Udkt Zweli Mkhize ungumgcini-mafa we-african National Congress

Siyaxolisa ngengosi yomhleli izobuya ngeviki elizayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa