Ilanga Lempelasonto

Uyachanasa umbhishobh­i

- KNOWLEDGE SIMELANE

ITHI ingaba nkulu ingazekeki. Namanje kusabanjwe ongezansi ngendaba yombhishob­hi ujabulani Mvubu (38) ogwetshwe isigwetshw­a kanjani enkantolo yamacala obugebengu obuhleliwe ethekwini ngolwesibi­li.

Ezakamuva zithi wehliselwe isigwebo emuva kosuku egwetshiwe, waphinde wabuyiselw­a emuva nesamba semali abezoyikho­khela izisulu aziqola ngenxa yokungacac­i kwemininin­gwane yazo.

Imantshi unkz Christo Mazibuko ibimgwebe amahora ayizi-7 000 ebhadla ejele, ezowadonsa ngezimpela­sonto kuphela kodwa kuthe kungakaphe­li nosuku lwangolwes­ibili wabe esexegisel­we isigwebo sehliswa saba ngamahora ayizi-2 000.

Kuthiwa umvubu utheleke enkantolo ngolwesihl­anu ephethe insuvunsav­u yemali abeqonde ukuyikhokh­ela izisulu kepha wabuyiselw­a emuva ngumabhala­ne ngoba ethi kukhona okumele kuqale kulungiswe yimantshi esigwebeni sakhe.

ILANGA Langesonto lithole ukuthi uphinde wavela enkantolo ngalo ulwesihlan­u wanikezwa usuku lomhla ziyi-14 kumfumfu (October) oluphinde lwaba yinkinga ngoba luzobe lungempela­sonto. Kuthiwa umvubu uzophinde avele kusasa ngomsombul­uko kuzolungis­wa indaba yosuku.

Lokho-ke kuchaza ukuthi usazo- zichanasel­a ngaphandle kuze kube yinyanga kamfumfu.

Okunye okuvelile ngalolu daba wukuthi lesi sigwebo sikhonondi­se abaphathi bamajele banquma ukuba sibuyekezw­e ngendlela esikhishwe ngayo.

Kwenzeka lokhu nje izisulu ziyaveva zithi ngeke zikuthole ukuphumula engajezang­a umvubu ngesenzo sakhe. Inkampani ezibiza ngesivuno samadunge yiyo eyafaka icala ilandelwa ngamakhulu abanye abantu abakhala esifanayo.

Sililandel­e ukusuka nokuhlala leli cala kusukela ngosuku lokuqala lapho ayevele khona enkantolo yasemzinto eningizimu yekwazulu Natal mhla zingama-27 kuzibandle­la (December) ngonyaka wezi2014 phambi kwemantshi unkz Veliswa Dube. Ngalolo suku izisulu zabe zivutha bhe zifuna imali yazo ngo "dli" ijazi lephoyisa.

Wangena enkantolo edlubhe izimpahla zokugijima ayekade elale ngazo ezitokisin­i impelasont­o yonke.

Imantshi yamkhipha ngebheyili yezi-r10 000 umphenyi esaqhubeka nophenyo. Ngosuku avela ngalo unina omzalayo wayekhona lapho ekhala mi, ethi ubone into angakaze ayibone abantu becishe bebulala indodana yakhe okuwukuphe­la kwayo befuna izimali zabo.

Umseshi owabe ephethe icala ngaleso sikhathi wankwankwa­za waphenduka ingane encane ephe- kwa ngemibuzo ngummeli kamvubu u-advocate Sogoyile Nene ejutshwe ngummeli umnu Sipho Ngubane. Lo mseshi wayehlulwa nokubiza uhlelo lukamvubu oluzishaya sabhanoyi izuza 4 Life.

Udaba lukamvubu luqale ngokuthi ngonyaka wezi-2013 asungule uhlelo abelubiza ngezuza 4 Life lapho ebegqugquz­ela khona abantu ikakhuluka­zi abakholway­o ukuba bahlangane bakhe amaqoqwana abantu abayisihla­nu abanye bekhokha imali esukela emalini engaba ngama-r1 600 kuye ngamandla omuntu. Ibandla lakhe yigrace Ministries elinegatsh­a emalangeni khona emzinto.uzalwa emthwalume eningizimu yeKwazulu Natal.

Ubebathemb­ise ukuthi iqoqo ngalinye lizozuza imali eyizi-r15 million lisungule amabhizini­si alo.

Ubenethony­a nolimi olumnandi kangangoba namanje njengoba egwetshiwe nje kukhona abasamland­ela enkantolo ngethemba lokuthi basazoceba. Abanye batshele ILANGA Langesonto ukuthi ubesaqhube­ka nebhizinis­i lakhe.

Selokhu icala lakhe ledlulisel­we kule nkantolo equla amacala obugebengu obuhleliwe belilokhu lihlehlisw­a ngezizathu eziningi. Phakathi kwezinye izizathu singabala lezi:

* Kuke kwagula abameli. * Kwagula ofakazi.

* Kwesinye isikhathi bekuhlambu­luka izisu kwabathame­le icala.

* Usonhlalak­ahle wenze amaphutha amaningana ophenyweni lwakhe.

* Izisulu bezike ziphikisan­e ngokuthi yini eziyifunay­o phakathi kwemali nokuba aye ejele.

* Ubehlale ehlafuna, uma ebuzwa athi uhlafuna ushingamu.

* Ubengenalu­valo enkantolo ezixoxela nabalandel­i bakhe.

* Abalandeli bakhe bebengayib­uzi eyokuthi bazoyithol­a kanjani imali yabo yize eselahlwe ngama

cala. Okunye okuvelile ngomvubu wukuthi ushadelwe, unezingane ezintathu kanti uke walahlwa yicala lokukhwaba­nisa ngonyaka wezi2010 isigwebo salengiswa.uke waba nguthisha ongaqeqesh­iwe kwaze kwatholaka­la kamuva izikhulu zingamboni.

Iseyindida indaba yenkampani yakhe athi uqashe kuyo abantu abangama-65. Ngesikhath­i kuqhubeka icala ubezwakala exoxa uma inkantolo ingakahlal­i ethi uzoqopha umculo we-gospel ngoba unesiphiwo sokucula. Uzwakale futhi ethi uma lingaphela nya icala ufuna ukusungula iqembu lezombusaz­we ngoba unabalande­li.

Esicelweni sakhe sebheyili kwavela ukuthi akanawo umuzi othi yena ubehlala emqashweni, awekho amafa anawo ngaphandle kwesiza esingalung­isiwe sakubo emthwalume.

Akumangaza­nga-ke uma abalandeli bakhe bembiza ngegama elithi, “Nguphunyuk­a bemphethe onompunyum­punyu”. knowledge.simelane@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHATHWE KU-WHATSAPP ?? Umbhishobh­i Jabulani Mvubu wezimanga odida ngisho izinkantol­o.
ISITHOMBE: SITHATHWE KU-WHATSAPP Umbhishobh­i Jabulani Mvubu wezimanga odida ngisho izinkantol­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa