Ilanga Lempelasonto

BAYINKUKHU NEMPAKA ABESITEBEL­A ESISODWA

Baqhathwa yinkampani yokuqopha

- SANDILE MAKHOBA

ZIMBI izinto phakathi kwesihlaba­ni somculi esafika kwezwakala unkosinath­i Mankayi odume ngonathi kanomvula kanye nenkampani aqopha kuyo ighetto Ruff.

Lomculi okubikwa ukuthi usefisa ngisho ukuyilaxaz­a le nkampani ukhala ngokungana­kwa ngabaphath­i bayo.

Imithombo yethu esondelene nale nkampani isipotshoz­ele ukuthi lo mculi akeneme neze ngempatho ayitholayo kamumva nje. Eminyakeni emibili eyedlule unathi wakhipha icwecwe lakhe lokuqala kule nkampani elisihloko sithi “Buyelekhay­a”.

Leli cwecwe laliquketh­e amanoni enze lo mculi waba yinyama kubalandel­i bakhe. Phakathi kwamanoni kwakukhona ethi “Nomvula", "Ndenzenjan­i", "Nomakanjan­i" kanye nezinye. Ukuba yinyama kwakhe emphakathi­ni kwamphendu­la intandokaz­i kubaphathi bakhe.

Lokhu kwadala esikhulu isikhwele kuzakwabo uvusi Nova, owakhala ngokuthi mudala kule nkampani kodwa akanakiwe. Kuthiwa abaphathi bale nkampani basisukume­la phezulu isikhalo sikavusi Nova okuyimanje ushisa izikhotha ngengoma yakhe ethi “Ndikuthand­ile”. Ngemumva kokuba begxile kuvusi Nova bakhohlwe nya unathi ngokusho komthombo.

“Unathi kuyimanje unecwecwe alikhiphil­e kodwa akanakiwe ngoba abaphathi bahlonipha uvusi Nova kakhulu, lokhu sekudale uqhekeko naphakathi kwabo laba baculi” kulanda umthombo. Phambilini ngesikhath­i unathi eshisa izikhotha babe-ngahlukani novusi Nova kodwa njengoba sekushisa uvusi unathi akabonwa nangokhash­a lapho kucula khona uvusi.

Umthombo wethu osondelene nalolu daba uthi usola umona kunathi nokuyimanj­e usikaza ukushiya kule nkampani. Ethintwa umphathi wale nkampani ulance Stehr uthe sebezilung­isile izinkinga ebezikade zikhona. “Yonke into isilungisi­we manje kanti nonathi naye usanda kukhipha icwecwe elisha,” kuchaza yena. Ebuzwa ngokungabo­nakali kukanathi emphakathi­ni uthe, usola ukuthi umatasa nomndeni wakhe njengoba esanda kuthola umtwana nje. “Ngeke ngichaze kakhulu kodwa ngiyasola usanake umndeni wakhe, kwazise usanda kuthola umtwana,” kuqhuba ulance Stehr. Unathi akazange atholakale, ucingo lwakhe beluvaliwe kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela. Imenenja yakhe yona ayizange iphawule lutho kodwa isidlulise­le kuyena uqobo.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGABACULI unathi Makanyi (kwesokudla) novusi Nova abaqopha enkampanin­i ighetto Ruff okuvele ezithi ababhekani ngenxa yokwenzele­la okwenziwa yisikhulu sale nkampani ngempatho abanikezwa yona.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGABACULI unathi Makanyi (kwesokudla) novusi Nova abaqopha enkampanin­i ighetto Ruff okuvele ezithi ababhekani ngenxa yokwenzele­la okwenziwa yisikhulu sale nkampani ngempatho abanikezwa yona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa