BAYINKUKHU NEMPAKA ABESITEBELA ESISODWA
Baqhathwa yinkampani yokuqopha
ZIMBI izinto phakathi kwesihlabani somculi esafika kwezwakala unkosinathi Mankayi odume ngonathi kanomvula kanye nenkampani aqopha kuyo ighetto Ruff.
Lomculi okubikwa ukuthi usefisa ngisho ukuyilaxaza le nkampani ukhala ngokunganakwa ngabaphathi bayo.
Imithombo yethu esondelene nale nkampani isipotshozele ukuthi lo mculi akeneme neze ngempatho ayitholayo kamumva nje. Eminyakeni emibili eyedlule unathi wakhipha icwecwe lakhe lokuqala kule nkampani elisihloko sithi “Buyelekhaya”.
Leli cwecwe laliqukethe amanoni enze lo mculi waba yinyama kubalandeli bakhe. Phakathi kwamanoni kwakukhona ethi “Nomvula", "Ndenzenjani", "Nomakanjani" kanye nezinye. Ukuba yinyama kwakhe emphakathini kwamphendula intandokazi kubaphathi bakhe.
Lokhu kwadala esikhulu isikhwele kuzakwabo uvusi Nova, owakhala ngokuthi mudala kule nkampani kodwa akanakiwe. Kuthiwa abaphathi bale nkampani basisukumela phezulu isikhalo sikavusi Nova okuyimanje ushisa izikhotha ngengoma yakhe ethi “Ndikuthandile”. Ngemumva kokuba begxile kuvusi Nova bakhohlwe nya unathi ngokusho komthombo.
“Unathi kuyimanje unecwecwe alikhiphile kodwa akanakiwe ngoba abaphathi bahlonipha uvusi Nova kakhulu, lokhu sekudale uqhekeko naphakathi kwabo laba baculi” kulanda umthombo. Phambilini ngesikhathi unathi eshisa izikhotha babe-ngahlukani novusi Nova kodwa njengoba sekushisa uvusi unathi akabonwa nangokhasha lapho kucula khona uvusi.
Umthombo wethu osondelene nalolu daba uthi usola umona kunathi nokuyimanje usikaza ukushiya kule nkampani. Ethintwa umphathi wale nkampani ulance Stehr uthe sebezilungisile izinkinga ebezikade zikhona. “Yonke into isilungisiwe manje kanti nonathi naye usanda kukhipha icwecwe elisha,” kuchaza yena. Ebuzwa ngokungabonakali kukanathi emphakathini uthe, usola ukuthi umatasa nomndeni wakhe njengoba esanda kuthola umtwana nje. “Ngeke ngichaze kakhulu kodwa ngiyasola usanake umndeni wakhe, kwazise usanda kuthola umtwana,” kuqhuba ulance Stehr. Unathi akazange atholakale, ucingo lwakhe beluvaliwe kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela. Imenenja yakhe yona ayizange iphawule lutho kodwa isidlulisele kuyena uqobo.