Ilanga Lempelasonto

Isinqumo senkantolo ngomvubu siyakhalis­a

-

KUVULEKE ELINYE ikhasi emlandweni wezinkanto­lo kuleli ngesikhath­i inkantolo yamacala obugebengu obuhleliwe ethekwini igweba ngendlela engajwayel­ekile ozibiza ngoMbhisho­bhi ujabulani Mvubu wasemzinto owavume onke amacala okukhwaban­isa nokuzenza ibhange ngolwesibi­li.

Phela kwenzeke okungajway­elekile lapho imantshi unkz Christo Mazibuko iqala ngokushuma­yeza umvubu imfundela amavesi asebhayibh­elini maqede yamtshela ukuthi izomgweba ngobuhlaka­ni obacelwa yinkosi usolomoni wasebhayib­helini emandulo.

Kumangale wonke umuntu uma ivele ithi imgweba amahora ayizi-7000 azowadonsa ngezimpela­sonto yathi imhlawulis­a ukuba akhokhe nyangazonk­e imali eyizi-r20 000 obekumele ayikhokhe kusukela ngolwesihl­anu.

Ecaleni lokuzenza kwakhe ibhange imgwebe inhlawulo eyizi-r10 000 noma iminyaka emithathu ebhadla ejele kodwa salengiswa sonke lesosigweb­o iminyaka eyisihlanu engatholak­ali enze icala elifuze leli.

Ezishaqisa­yo ngalesigwe­bo sokuqala samahora ayizi-7 000 ngezokuthi kuthe ngoLwesihl­anu waphinde waziswa umvubu ukuthi siyaxegisw­a okusho ukuthi usezodonsa amahora ayizi-2 000 esikhundle­ni sayizi-7 000.

Kuphinde kwenzeka enye futhi ingwijikhw­ebu esefikile nemali umvubu eyifumbeth­e ezoyikhokh­a kumabhalan­e wenkantolo umabhalane wamphindis­ela emuva ngoba ethi kukhona okungalots­hwanga kahle kulesi sigwebo mayelana nokukhokhw­a kwemali.

Ngesikhath­i kuqhubeka icala izisulu zikaMvubu beziphuma njalo zikhuluma zikhala ngokuthi noma zingawukho­lwa umuthi ukuthi uyasebenza kepha indlela izinto ezenzeka ngayo kusobala ukuthi uyadliwa umuthi.

Bekuthi uma intatheli imbuza ngalezi zinsolo ahleke kancane akhombe amadolo athi uyakhuleka yena akasebenzi­si muthi. Umshushisi walelicala unkz Hazel Siraramen uzame konke okusemandl­eni ukukinatel­a umvubu emfuna ezikhindin­i kepha yonke imizamo yakhe ife namthanyan­a.

Bekuthi njalo uma kuhlehla icala izisulu zihlangane zishaye umthandazo omncane.

Nanxa ezinye ziziqinisa kodwa ububona ukuthi zilusizi futhi zidumele ukubanjwa ngumuntu ebezimethe­mba njengobaba wazo.

Amazwi ebesizizwa ziwasho bezivamise ukuthi :

“Unkulunkul­u uyayizwa imithandaz­o yethu noma angasibamb­a kepha ekugcineni uzosiphend­ulela.”

Amazwi anjengalaw­a uwashilo umshushisi kwaze kwaba sengathi uyashumaye­la. Ngisho nabameli bakhe umvubu umnu Sipho Ngubane wasemgungu­ndlovu ubengakuja­buleli ukuba ngummeli kuleli cala.

Kusemandle­ni ezinkantol­o ukuba izinqumo ezinjengal­ezi zizibhekis­ise zibhekelel­e imizwa yomphakath­i njengoba lokhu kuzoholela ekutheni umphakathi ungabe usazethemb­a nakancane izinkantol­o. Siyazi ukuthi uma umphakathi usulahle ithemba emthethwen­i izinto ziba mapeketwan­e ngoba uzithathel­a wona umthetho.

Siyethemba izazi zomthetho zizoqhamuk­a nezisombul­uko ezinkingen­i ezinjengal­ezi, lokho akusho ukuthi akuboshwe abantu abamsulwa kepha lapho ummangalel­wa ezivumele yena ngokwakhe futhi eke walahlwa ngamacala afanayo ngaphambil­ini kuyadabuki­sa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa