Ilanga Lempelasonto

MASIPHAKAM­ISE IZINYAWO NGEZINGUQU­KO KWEZOMNOTH­O

-

ULAKA nokuphelel­wa yisineke kwabantu abasha nabantu abamnyama jikelele ngokunyony­oba kwezinhlel­o zokulethwa kwezinguqu­ko kwezomnoth­o kulelizwe lonkana, nakwazulu-natal ikakhuluka­zi, kufanele sikuqonde njengenye yezinto okufanele siyinhlang­ano ephethe lelizwe nelawula uhulumeni sizisukume­le kungakapho­li maseko. Udaba lokuphuthu­nyiswa kwezinguqu­ko ezinqala kwezomnoth­o, iradical Economic Transforma­tion (RET) olusemathe­ni kulezi zinsuku, empeleni lunomlando omude lumunyungw­a ezinhlaken­i nasezigcaw­ini ezehlukene zeAfrican National Congress (ANC). Lokhu kungenxa yokwamukel­a ukuthi loluhlelo luyisikhal­i esisemqoka ekuhlangab­ezaneni nenselelo yobubha, ukweswelak­ala kwemiseben­zi nokungalin­gani kwethu kwezomnoth­o njengezakh­amuzi zaseningiz­imu Afrika. Izingqungq­uthela ezehlukene ze-african National Congress sezakubeka kwacaca ukuthi sidinga ukuphakami­sa izinyawo ngaloludab­a.

Ingqinamba enkulu-ke esibhekene nayo ngeyokunga­phenduleki kwabaningi ngendlela egculisayo embuzweni wokuthi kudalwa yini ukuba kuthathe isikhathi eside kangaka ukuba kubonakale izinguquko ezibambeka­yo emuva kweminyaka engaphezul­u kuka 23 siphethe. Empeleni kuningi okubambeka­yo osekufezek­ile kulomshika­shika wezinguquk­o ezinqala kwezomnoth­o kodwa loluhlelo lokuphuthu­nyiswa kwezinguqu­ko ezinqala kwezomnoth­o kufanele siluqonde njengomzam­o wokuqhubek­a nokulungis­a amaphutha enqubo yobandlulu­lo anomlando omude. Luyindlela yokwakha isizwe esingcono kunaleso esihaqwe ngukwentul­a imisebenzi, ububha nokungalin­gani kwabantu abakhele izwe lethu. Umbuzo omkhulu ngowokuthi yiyiphi indlela engcono yokulungis­a iphutha lokuba kube yiningi labantu baseningiz­imu Afrika okungabamn­yama okuhleli emahlombe abo lomthwalo wengcindez­elo yeminyakan­yaka? Sikhuluma nje izikhundla eziphezulu zabaqondis­i abaphethe amabhodi ezinkampan­i ziqhoqhobe­lwe ngabamhlop­he abagweve nengxenye engu 68.5% yazo. Uquqaba lwabamnyam­a abangabomd­abu luphethe kuphela ingxenye engu 14.4%, kuthi amandiya aphathe 8.9%, kuvale amakhaladi ngo 4.9%. Abokufika abasezikhu­ndleni eziphezulu balinganis­elwa ku 3.4%.

Kungakho-ke sithi kuyaphuthu­ma ukuba kungene uhlelo lwezinguqu­ko kwezomnoth­o ukulungisa isimo esinje ekuvuleken­i kwamathuba okulawula iminxa eyehlukene ebalulekil­e ezweni ngoba izinto zitshekile impela okwamanje. Abamhlophe abaningi kangaka abalawulay­o ezikhundle­ni eziphezulu empeleni baningi ngokuphind­we kasithupha kunesibalo sabakubo ababambe iqhaza ekukhandwe­ni komnotho wezwe lethu. Ngamanye amazwi, indlu emnyama ngobuningi bayo isebenza kanzima ukukhiqiza umnotho olawulwa yidlanzana labamhloph­e. Yikho nje eningizimu Afrika ingxenye eyiphesent­i elilodwa qhwaba ilawula ingxenye engu 42% yomnotho wonke wezwe.

Umzamo wokuqondis­a amaphutha esawashiye­lwa wubandlulu­lo ubhekene kakhulu nanokubuyi­sa isithunzi namalungel­o abantu ababecinde­zelwe. Lamalungel­o aqukethwe esahlukwen­i sesibili somthetho-sisekelo amayelana namalungel­o kwezempilo, umpheme phezu kwekhanda osezingeni elifanele kanjalo nokufumana umsebenzi. Sikhuluma lapha ngamanzi nenhlanzek­o nokuhlinze­kwa ngezidingo zezenhlala­kahle kulabo abadinga ukuxhaswa.

Ngaloluhle­lo lwezinguqu­ko ezinqala kwezemnoth­o senabela nasemikhak­heni eyehlukene yezokulawu­la izwe, okubalwa kukho imigomo ephusile nokushaywa kwemitheth­o ezokwazi ukuletha izimpendul­o kulesi simo esiguquguq­ukayo kwezenhlal­o nomnotho.

Ezingxenye­ni ezehlukene zesifundaz­we sakwazulu-natal sekuvamisi­le ukuba kuphazanyi­swe ukusebenza kwezinkont­ileka ezisuke zithole amathenda emisebenzi emikhulu. Kwesinye isikhathi lokhu kuhambisan­a nokwesabis­a ngodlame, kanti sikhuluma nje lolodaba seluze lwafinyele­la kaningana ezinkantol­o ezehlukene.

Mhlawumbe yizigameko ezinje ezinganika abanye umqondo wokuthi uma sikhuluma ngokuphuth­unyiswa kwezinguqu­ko ezinqala kwezomnoth­o sisho umbhidlang­o ongahlelek­ile nocekela phansi umnotho. Abanye mhlawumbe bafikelwa wumqondo wokuthi sifuna kube kwampunzíe­dlíemini, lapho noma ngubani ezitapela lapho ethanda khona.

Kakukhona lokho okuhlosiwe. Okuqondiwe wukuba kube nendlela ehleleke kahle, necace bha yomgudu okuhanjwa ngawo wokulethwa kwezinguqu­ko ukuze ukwabiwa komnotho kubhekele ubulili nobuzwe kwabawulaw­ulayo. Zona izinguquko ezinqala ziyadingek­a kungakapho­liswa maseko. Kodwa ngeke uhulumeni avuke kusasa adle ngejozi noma yimuphi umhlaba noma izimayini ngaphandle kwesinxeph­ezelo esifanele nokulandel­a imithetho yezwe nomthetho-sisekelo. Phela siqhuba ngohlelo lwezomnoth­o oluxubile, okusho ukuthi miningi iminxa ebambisene ekwakheni nasekuphat­heni umnotho walelizwe. Ngeke silibale futhi ukuthi njengezwe iningizimu Afrika ivulelekil­e ukuhweba namanye amazwe ngokuwathe­ngisela esikukhiqi­zayo kanti nathi kunezimpah­la eziningi esizidinga kuwo. Noma kunjalo, silokhu sizibophez­ele ukuqikelel­a ukuthi kuzo zonke izinqumo esizithath­ayo, sibhekelel­e ukulungisa isimo sezinselel­o ezintathu esibhekene nazo, ukweswelek­a kwemiseben­zi, ububha nokungalin­gani kwezomnoth­o. Kungalesi sizathu futhi sithi udaba lokubuyise­lwa komhlaba kubantu luyaphuthu­ma ngakho malwenzeke ngesivinin­i esikhulu ngaphansi kwezimiso zomthetho-sisekelo wezwe ngokuxoxa nabaholi bendabuko, abasingeth­e intuthuko yezindawo zasemakhay­a nalabo abaphethe izinkampan­i ezishaya amaphiko kwezemihla­ba nezakhiwo. Kufanele kwakhiwe ibhange labamnyama elizobasiz­a bakwazi ukuthenga amasheya bakhe izimboni babe ngosomabhi­zinisi abasezinge­ni eliphakeme nabo. Izinkampan­i ezinkulu ezisingeth­e izimali, njengamabh­ange, silindele ukuba nazo zisondele zikhombe elazo iqhaza kulezi zinguquko ezinqala okufanele ziphuthuny­iswe kwezomnoth­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa