Ilanga Lempelasonto

Uzoganwa yisithembu okhulele kusona

- PHILANI NCALANE

USALOBIZEL­A ezinye izicoco zomhlaba u-innocent “Tycoon” Mantengu ohambela phezulu ngemuva kokubuya nesicoco se-internatio­nal Boxing Federation (IFB) All Africa Junior Featherwei­ght ehlula usiphoseth­u Mvula e-eastern Cape muva nje. Umantengu ubedlala ibhola kodwa walishiya ngemuva kokungenwa wuthando lwesibhake­la.

Ungene esibhakele­ni esikhokhel­ayo ngowezi-2009 wahlulwa nguthami Mntambo emlazi. Ngemuva kwalokhu unqobe izimpi eziyisi-6 zilandelan­a kwaze kwaba uhlulwa ngutoto Helebe ngowezi-2013. Unezimpi ezili-15 kanti usahlulwe kwezine kuphela. Ungaphansi kwe-ethekwini Boxing Gym kanti ulolongwa nguZwi Magudulela bese izimpi zakhe zihlelwa yiludonga Boxing Promotions kathulani “Nkunzi” Magudulela onguyise kazwi.

Ukleliswe endaweni yokuqala kwabagaqel­e isicoco sakuleli kanti usendaweni yesi-6 kwi-ibf e-afrika okumsondez­a eduze nokulwela ibhande elikhulu LE-IBF. Umantengu uzinze ekhula Village, edukuduku, emtubatuba ogwini olusenyaka­tho-mpumalanga yeKwazulu-natal, kanti uyise uhlala ophondweni khona emtubatuba. Ingxoxo kamantengu NELANGA Langesonto ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:-

ILANGA Langesonto: Ukhulele ekhaya elinjani?

Mantengu: Ngikhulele ekhaya elifudumel­e kakhulu ngoba ubaba ubesebenza kanzima esikhulisa. Phela le ndoda engizalayo inamakhosi­kazi amathathu. Kukhona umankosi ozala mina, umadube abahlala egcekeni elilodwa ophondweni nomangwane ohlala enkunduse. Ubaba unenqwaba yezingane njengoba sesisonke sili18.

Abanye ngize ngibakhohl­we amagama ngendlela esibaningi ngakhona. Kukhona ucelimpilo, uzanele, uphumzile, ustaff, uncamsile, uhalalisan­i, yimina, umbali, uzethu, ungcebo, unqobile, ukhayelihl­e ulondiwe nabanye abaningi.

ILANGA Langesonto: Akukuhluku­mezanga nje ukukhulela esithenjin­i?

Mantengu: Ngiyaye ngizwe kuthiwa kuba nezinkinga esithenjin­i. Thina ekhaya sikhuliswe kahle kakhulu. Umuntu ulala futhi udla kunoma yikumuphi umama.

ILANGA Langesonto: Uyakucaban­ga ukuthatha isithembu?

Mantengu: Kudala ngasithath­a isinqumo sokusithat­ha. Umazulu waseshowe engihlekis­ana naye ngamtshela efika nje empilweni yami ukuthi uzolanywa. Isithembu yinto yasekhaya njengoba iningi lobaba bethu beganwe ngamakhosi­kazi amaningi.

ILANGA Langesonto: Usukulunge­le ukunakekel­a isithembu njengoba isimo somnotho singamile kahle eningizimu Afrika?

Mantengu: Ngilala ngabo-00h00 zonke izinsuku ngenxa yokusebenz­a kanzima. Ekuseni ngiya ejimini bese kuthi emini ngiye emsebenzin­i kwac4 Chartered Accountant bese kuthi ntambama ngiyofunda e-unisa.

ILANGA Langesonto: Wenza ziphi izifundo e-unisa.

Mantengu: Ngenza IPGCE ngoba ngifuna ukufundisa. Ngiphothul­e ifinancial Management EDUT ngowezi-2013.

ILANGA Langesonto: Ukusheba kanjani ukufunda nesibhakel­a?

Mantengu: Ngiyakwazi ukuhlela isikhathi. Sengikujwa­yele ukuthi kumele ngilale phakathi nobusuku ngenxa yesikole nesibhakel­a.

ILANGA Langesonto: Ukhona omunye umdlalo owukhonzil­e ngaphandle kwesibhake­la?

Mantengu: Mina bengidlala ibhola ngasekhaya. Inkinga wukuthi izinkundla ebesidlala kuzona ziwubhuqu. Bengishayw­a njalo ekhaya ngoba bengibuya ngingcolil­e. Isibhakela ngisiqale ngowezi-2001 ngisisheba nebhola. Ngibe sengigxila esibhakele­ni ngoba kujinyelwa endaweni enompheme futhi ubaba ubengithen­gela zonke izidingo zalo mdlalo.

ILANGA Langesonto: Yikuphi osukwenzil­e ngemali yesibhakel­a?

Mantengu: Sengitheng­e umhlaba ngakha umuzi. Ngiwakhele ubaba kodwa ugadwa yimina. Nginezinko­mo nezimbuzi emakhaya. Ngifuna ukuzandisa nje manje. Imfuyo igadwa ngubaba.

ILANGA Langesonto: Uzwakala uyindoda eyithanday­o impilo yasemakhay­a.

Mantengu: Ngiyithand­a kakhulu. Mina ngikhule ngazi ukulusa nokulima njengoba besibophel­a izinkomo silime ngazo. Mina ngize ngamdala ngingayazi ukuthi ibiza malini impuphu. Ekhaya ummbila besiwuthat­ha uyogaywa ube yimpuphu ebibizwa ngomanswin­ya. Ukulima nje kuyinto engingeke ngihlukane nayo. Ngihlela ukuvula isitolo esithengis­a izithelo. Inkinga nje ngisatshis­wa yisomiso esingaphel­i.

ILANGA Langesonto: Ubukukhonz­ile ukuzingela usemncane?

Mantengu: Ekhaya kazifuyiwe izinja ngoba sikhonza Kwashe- mbe. Bengizinge­la uma ngikomalum­e ngoba bezizining­i izinja khona.

ILANGA Langesonto: Usunazo izingane?

Mantengu: Nginezimbi­li okwamanje. Ziyeza kodwa nezinye. Kukhona u-esihle no-esethu.

ILANGA Langesonto: Ubani umuntu obukela kuyena empilweni?

Mantengu: Uscelo Sithole oqale isibhakela ngasekhaya. Ungumholi oneqiniso. Isibhakela sesikhiphe abantu abamqoka. Kukhona oyisosha edemocrati­c Republic of Congo nosecape Town. Abanye bangabaqap­hi bemvelo eziqiwini ze-ezemvelo KZN Wildlife. Bonke laba bantu bathathwa esibhakele­ni ngoba sihlale siqatha. Ngimbonga kakhulu usithole ngeqhaza alibambile ezimpilwen­i zethu. Kumanje usiboniso Gonya esiphuma naye kusithole uphethe ibhande elimqoka.

ILANGA Langesonto: Yiluphi uhlelo olukhonzil­e kumabonaku­de nasemsakaz­weni?

Mantengu: Ngizibukel­a isibhakela kumabonaku­de. Ngaphandle kwaso ngibuka iphalamend­e. Ngiwumuntu othanda ukwazi ngokuqhube­ka ephalamend­e ngoba kulapho kushaywa khona imithetho yokuphatha izwe. Umabonakud­e kangiwukho­nzile ngoba izinhlelo eziningi ziveza abantu besifazane abagqoka izinto ezimfishan­e. Emsakazwen­i ngikhonze Abasiki Bebunda nezanamuhl­a okuyinhlel­o zezindaba zokhozi FM.

ILANGA Langesonto: Yikuphi ukudla okukhonzil­e?

Mantengu: Kuningi kodwa okuhamba phambili ngamasi. Phela ngikhule kusengwa izinkomo ekhaya.

ILANGA Langesonto: Yiliphi izwe ofisa ukuvakasha kulona?

Mantengu: Ngihalela ukuya elas Vegas e-united States of America.

ILANGA Langesonto: Usunayo imoto?

Mantengu: Nginegalof­u elidala elihlala ekhaya. Ngihlela ukuthenga iveni ukuze ngikwazi ukuqhuba kahle ibhizinisi lokudayisa izithelo.

ILANGA Langesonto: Ufuna ukwenzani ngemuva kwesibhake­la?

Mantengu: Ngifuna ukuvula izinkulisa zezinga eliphezulu ezifundazw­eni ezahlukene zakuleli. Ngifuna nokusungul­a isikole ngoba ngiyayitha­nda imfundo. Okukahle wukuthi ngifunde ngagogoda emkhakheni wokuphathw­a kwemali okuzokwenz­a ngikwazi ukuphatha kahle amabhizini­si ami.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGU-INNOCENT Mantengu ephahlwe nguthulani Magudulela onguphromo­tha wesibhakel­a, usizwe Mthembu nozwi Magudulela oabangabaq­eqeshi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGU-INNOCENT Mantengu ephahlwe nguthulani Magudulela onguphromo­tha wesibhakel­a, usizwe Mthembu nozwi Magudulela oabangabaq­eqeshi.
 ?? ISITHOMBE: TRIPADVISO­R.COM ?? UMANTENGU uthi njengoba ekhulele esithenjin­i naye ufuna ukuthatha esakhe njengale nsizwa yakwamsele­ku yomdlalo kamabonaku­de Uthando Nesithembu.
ISITHOMBE: TRIPADVISO­R.COM UMANTENGU uthi njengoba ekhulele esithenjin­i naye ufuna ukuthatha esakhe njengale nsizwa yakwamsele­ku yomdlalo kamabonaku­de Uthando Nesithembu.
 ?? ISITHOMBE: FEATUREPIC­S ?? U-INNOCENT Mantengu uthi ngeke alambe umfazi oyomgana njengoba efuye izinkomo nezimbuzi
ISITHOMBE: FEATUREPIC­S U-INNOCENT Mantengu uthi ngeke alambe umfazi oyomgana njengoba efuye izinkomo nezimbuzi
 ?? ISITHOMBE: TRIPADVISO­R.COM ?? ILAS Vegas eyikhaya lesibhakel­a emhlabeni yindawo angafuni ukufa engazange ayibone umantengu.
ISITHOMBE: TRIPADVISO­R.COM ILAS Vegas eyikhaya lesibhakel­a emhlabeni yindawo angafuni ukufa engazange ayibone umantengu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa