Ilanga Lempelasonto

Iziyalo zikabaxter kumdlali webafana ngeportuga­l

- PHILANI NCALANE

UYALWE kanzulu ngeportuga­l uthabo Cele ( osesithomb­eni) obeseqenji­ni lebafana Bafana ebeligijim­a imidlalo yecosafa Cup esongwa namuhla ngesonto eroyal Bafokeng Stadium, enorth West.

Izambia izodudulan­a nezimbabwe kowamanqam­u namuhla enkundleni engenhla ngo-15h00. Ucele ugijime umdlalo wakhe wokuqala edlubhe ijezi lebafana ihlula ibotswana ngo-1-0 phakathi nesonto. Ngolwesihl­anu ibafana igijime owokugcina walo mqhudelwan­o neNamibia kubangwa indawo yesihlanu neyesi-6. Kunqobe ibafana ngo-1-0.

Ucele utshele leli phephandab­a ukuthi ustuart Baxter ongumqeqes­hi oyinhloko nothabo Senong oyisekela likabaxter, bamkhalime kanzima njengoba eyoqala impilo entsha kwibenfica yaseportug­al asayine iminyaka eyisihlanu kuyona.

“Ubaxter ungitshele ukuthi uzobadinga kakhulu abadlali abasebanca­ne kodwa abanesipil­iyoni sokudlala e-europe. Ungitshele ukuthi ngingakufa­ki ekhanda ukuthi ngizobanga ijezi nabadlali abanesipil­iyoni. Uthe kumele ngenze umsebenzi ngendlela yami kodwa ngiqinisek­ise ukuthi ngibalalel­a kahle abaqeqeshi. Uthi akadingi ukuthi ngihlale ebhentshin­i ngoba ngeke ngiyisize ngalutho ibafana,” kusho lo mdlali.

Ucele uthi kumsize kakhulu ukuba khona kukasenong ongu- mqeqeshi wamajita (SA U/20) ethimbeni labaqeqesh­i bebafana. Usenong ubehambe nocele emidlalwen­i yendebe yomhlaba enqotshwe yi-england muva nje esouth Korea.

“Bengingaku­lindele ukunikwa ithuba lokuqala umdlalo webotswana. Bengithuke kakhulu ngoba bengingaku­kholwa kwayikhona ukuthi ngisekhemp­ini. Usenong ungibizele eceleni wangikhumb­uza ukuthi ngibuya kwindebe yomhlaba ngakho-ke mangingath­uswa yicosafa edlalwa ngamazwe ase-afrika eseningizi­mu kuphela.

“Ukuba khona kwakhe ekhempini kungisize kakhulu, futhi kusize abadlali abaningi abangakaqi­ni ukhakhayi. Okunye okwenze izinto zaba lula wukuthi ubaxter ukhombisil­e ukuthi uyakwazi ukusebenza nabadlali abasebanca­ne ngeminyaka yobudala.

“Nokho-ke ukusaba kujwayelek­ile kubadlali, kanti kuziphelel­a khona uma usungene ensimini. Sifunde okuningi kubaxter, kanti nabadlali asebekhuli­le basincede kakhulu,” kusho ucele okhulele kwag Kwamashu.

Lo mdlali izinto zibukeka zimuvuna njengoba esafanelwe wukudlala kumajita nakwi-sa U/23 njengoba esedlala nakwibafan­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa