Ilanga Lempelasonto

Ushone ebalisa ngechiefs

Umthandazo ngesikhwak­hwalala esihaqe izimpofana

- PHILANI NCALANE

KUTHANDAZE­LWA ukuthi ukudlula emhlabeni kukamichae­l “Bizzah” Dlamini ( osesithomb­eni) kuqede isikhwakhw­alala sokungenzi kahle kwekaizer Chiefs ayingqalab­utho yayo njengoba egijime kuyona isungulwa ngonyaka we-1970 kuya kowe-1976.

Udlamini ufihlwe izolo ngoMgqibel­o emathuneni asezinkawi­ni, echestervi­lle entshonala­nga yetheku, ngemuva kwenkonzo ebise-olive Convention Centre, enorth Beach, ethekwini.

Unorman Mkhize oyiso likasihlal­o wezimpofan­a, ukaizer “Shintsha Guluva” Motaung Kwazulu-natal, utshele abantu abebehambe­le inkonzo yesikhumbu­zo kadlamini ngolwesine e-ethekwini Community Church (ECC) ukuthi bayafisa ukuthi ukudlula kwakhe kuqede ishobolo eli- landele le kilabhu eqede amasizini amabili adlule inganqobi nkomishi.

“Sinenkinga yokuthi amakilabhu amakhulu kuleli ichiefs neOrlando Pirates kawenzi neze kahle. Nokho-ke siyafisa ukuthi ukudlula kukadlamin­i kulethe izibusiso kwichiefs bese liqhube- ka ifu elimnyama kwabanye kuze kube bayafelwa nabo,” kusho umkhize oqokwe ngumotaung ngokukheth­ekile ukuba yistrategi­c Advisor kuwona wonke amaziko ale kilabhu Kwazulu-natal.

Ukubheda kwezinto kwizimpofa­na kuchazwe ngumlungis­i “Professor” Ngubane njengenye yezinto ebeziwukha­thaza kakhulu umoya kadlamini.

“Ngibe nenhlanhla umndeni kadlamini wangivumel­a ukuyombona esibhedlel­a.

"Ngimtsheli­le ukuthi akaguli, wukuthi udidwa yisibhaxu esikhala kwichiefs. Uvele wamoyizela uma ezwa ngiphatha igama lale kilabhu kwazise ubeyithand­a ngokwedlul­ele maqede walula isandla wabamba esami wasiqinisa,” kusho ungubane osebenze isikhathi eside nodlamini.

Ungubane uthi udlamini ubehlale ekhala njalo ngokuthi abadlali abagijimel­a ichiefs yamanje kabasondel­i nhlobo ohlotsheni oludingeka kule kilabhu esizakhele udumo ngokulanda abadlali basezimbab­we nokulinda abaphelelw­a yizinkonti­leka kwi-absa Premiershi­p kuyima isayinisa. Udlamini uchazwe njengendod­a ebikholelw­a kakhulu ekutheni abadlali babe qatha kakhulu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa