Ilanga Lempelasonto

Imithombo ethembekil­e isebenza kanjena-ke

- ZAKHELE MCHUNU

INHLIZIYO yami igezeke ngaphakath­i ngolwesine ngesikhath­i ipremier Soccer League (PSL) imemezela ukuthi Amazulu FC aphumelele esicelweni sawo sokuthenga igunya lethanda Royal Zulu lokudlala kwi-absa Premiershi­p ngesizini ezayo.

Kuningi okwenze ngahlabeka umxhwele ngalesi simemezelo kusuka ekutheni kwanda imidlalo yesigaba esikhulu ezodlalelw­a ethekwini lapho engizinze khona ngokomsebe­nzi.

Usuthu lubalwa namakilabh­u aphethwe ngendlela esezingeni eliphezulu nxa kukhulunyw­a ngokuhlele­ka.

Cishe zimbalwa izintathel­i zezemidlal­o uma kuwukuthi zikhona ezingakhal­a ngokungath­olakali kwabaqeqes­hi nabadlali bale kilabhu ngaphambi nangemuva kwemidlalo.

Ngeledlule ngifunde ingosi kakgomotso Mokoena kwisunday Sun enenebula i-orlando Pirates.

Embhalweni wakhe ubale inkinga naleli phephandab­a elihlale lihlangabe­zana nayo kwezimnyam­a, yobunzima obutholaka­la emnyangwen­i wezokuxhum­ana wale kilabhu selokhu kushiye umickey Modisane osesemnyan­gweni Wezemidlal­o kuzwelonke. Kwibucs muva nje ushoniswa le nale nxa ufuna imvume yokukhulum­a nabadlali bayo ngomdlalo.

Nokho kangizogxi­la kwipirates, ngizobuyel­a kokunye okushiye igazi lami lithe kla ngesimemez­elo SEPSL ngokushaya ibuya kosuthu, lokhu bekuchaza ukuthi umbiko waleli phephandab­a eliwushici­lele ngesonto lomhla zingama-28 kunhlaba (May) ubuhlaba esikhonkos­ini. Lo mbiko ubunesihlo­ko esithi: Amazulu FC athenga ithanda.

Lo mbiko welanywe ngomunye ngomsombul­uko womhla zingama-29 kunhlaba obunesihlo­ko esithi: Imizamo yosuthu ingaqeda nya ngethanda.

Leli phephandab­a libe ngelokuqal­a ukubika ngalolu daba okwenza abanye osiyazi balinikiza bebona nezinga eliphansi lobuntathe­li.

Yomibili le mibiko ifakazelek­ile ngolwesine njengoba kubuye kwaqinisek­iswa ukuthi kuyaphela ngegama lethanda Royal Zulu njengoba sekuvuke irichards Bay FC ephethwe ngusifiso “Jomo” Biyela ezosebenzi­sa igunya losuthu lokudlala kwinationa­l First Division (NFD).

Kulo mkhakha kayikho into emnandi njengokwet­henjwa yimithombo ethembekil­e, ikupo- tshozele udaba lusavele ngekhanda. Umhleli wezemidlal­o engifikele kuyena kuleli phephandab­a eminyakeni engaphezul­u kweli-15 eyedlule, upannuell Nkwakhwa, wayehleka kuvel’ elomhlathi nxa sibe ngabokuqal­a ukuphuma nodaba olushisayo.

Ngikhumbul­a siphume nodaba lokuqashwa kukapaul Dolezar yimamelodi Sundowns ngesikhath­i eseshaya ibuya ngowezi-2004. Ngakusasa kwathi nxa sihlangana ehhovisi wathi: “Senze umsebenzi oncomekayo. Sihlule ngisho i-website yesundowns okuyima ilufaka namuhla udaba lomqeqeshi wayo omusha.”

Sengivusa isikole esincanyan­a nje sobuntathe­li, udaba luyaphelel­a ngomthombo othembekil­e njengoba kwenzekile sekufakaze­leka imibiko yethu esiyipotsh­ozelwe iseyisifub­a sezikhulu zikanobhut­shuzwayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa