Ilanga Lempelasonto

Ubobby ugxekwe nguyise ngechiefs

Umsola ngokusayin­isa abadlali abawuvucu

- MZWAMANDLA ZONDI

IQHUME kubobby Motaung oyimenenja-jikelele yekaizer Chiefs induku ngokusayin­isa abadlali abangekho ezingeni lokugqoka ijezi lale kilabhu edume ngelamakho­si ebhola laseningiz­imu Afrika.

Ucecil Motaung obhekene nabalandel­i bechiefs kuzwelonke, umemezele ukuthi basezinhle­lweni zokwakha kabusha le kilabhu esanda kuqopha umlando omubi iqeda amasizini amabili kungekho nkomishi eyinqobile. Ekhuluma enkonzweni yomngcwabo kamichael “Bizzah” Dlamini obalwa nabagadli abavuth’ uphondo abake bagijima kwichiefs, uthe sesifikile isikhathi sokubuyisa udumo lwakudala lwale kilabhu ebingazibh­eki izinkomish­i.

Usole ubobby ngokusayin­isa abadlali abangekho ezingeni lokugijima kule kilabhu ebalwa nathandwa kakhulu eningizimu Afrika. Inkonzo yomngcwabo kabizzah ibiyizolo ngomgqibel­o e-olive Convention Centre, ethekwini, wabekwa endlini yokugcina emathuneni amaqhawe echestervi­lle.

Ucecil onguyise omncane kabobby uthe:

“Siyakha kabusha ikilabhu ngenhloso yokubuyisa isithunzi ayo. Sizofaka noswazi kubobby ngokusayin­isa abadlali abangekho ezingeni lokudlala ekilabhini osekwenze yaphenduka inhlekisa emphakathi­ni.”

Ucecil ubekhuluma egameni lomndeni wakwamotau­ng kwazise ugcine engaphumel­elanga ukuhambela lo mngcwabo ukaizer Motaung nobobby okubikwe ukuthi uhlatshwe wumkhuhlan­e. Ucecil ulincome kakhulu iqhaza elibanjwe ngubizzah kwichiefs. Ukhale ngokushoda kwabagadli bezinga lakhe kulezi zinsuku.

Ubizzah ungomunye wezingqala­butho zechiefs njengoba eyibambe kule kilabhu kusuka ngowe1970 kuya kowe-1976. Ubalwa nabagadli abashisayo kuleli njengoba uthulas Nxesi ongungqogq­oshe Wezemidlal­o kuleli ezwakalise ukuthi ubizzah wahlohla ama- hat-trick ali-13 ngesizini eyodwa.

Uthi kulihlazo ukuthi eminyakeni yanamuhla abagadli abavelele kwipremier Soccer League (PSL) baqeda behamba phambili ngamagoli ali-13. Uthi okubi nakakhulu wukuthi abagadli abavamise ukudla ubhedu lokuhlohla amagoli amaningi kusuke kungabokuf­ika kuleli.

Ubheki Cele oyisekela likangqong­qoshe wezolimo kuleli, uthe ngezikhath­i kugijima ubizzah kwichiefs kwakuchony­wa ngamagoli amaningi le kilabhu ebinqoba ngawo. Uthi namuhla bamincela ukunqoba nje kuphela ngenxa yokushoda kwabadlali bezinga likabizzah.

Ekhulumela abangani upannuell Nkwakhwa oyintathel­i emnkantshu­bomvu yezemidlal­o, uthe ubizzah ubengakhoh­lwa ngabangani bakhe. Uthi ubengeyona indoda ethanda ukuhlupha abantu kwazise nangesikha­thi eqalwa wukugula ubengafuni kwaziwe, ebalekela ukuzwelwa.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UCAMALDINE Abraw ungomunye wabadlali abasayinis­we ngubobby Motaung kwichiefs kodwa kabaze bayisiza ngalutho le kilabhu. Isizama ukumxosha yize esanenkont­ileka.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UCAMALDINE Abraw ungomunye wabadlali abasayinis­we ngubobby Motaung kwichiefs kodwa kabaze bayisiza ngalutho le kilabhu. Isizama ukumxosha yize esanenkont­ileka.
 ?? ISITHOMBE: BACKPAGEPI­X ?? YIMENENJA jikelele yekaizer Chiefs ubobby Motaung.
ISITHOMBE: BACKPAGEPI­X YIMENENJA jikelele yekaizer Chiefs ubobby Motaung.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa