Ilanga Lempelasonto

BADONSWE NGENDLEBE ABE-DOWNS

- MFANAFUTHI NDLOVU

BADONSWE ngendlebe ukugwema amakhadi angenasidi­ngo abadlali bemamelodi Sundowns ezodudulan­a ne-as Vita Club yaseDemocr­atic Republic of Congo (DRC) kowokugcin­a wamaqoqo kwiconfede­ration of African Football (Caf) Champions League namuhla ngesonto ngo-19h00 elucas Moripe Stadium, e-atteridgev­ille.

Uhlompho Kekana ongukapute­ni wesundowns utshele

ILANGA Langesonto ukuthi nakuba bewafuna ephelele amaphuzu kulo mdlalo, kodwa ngeke nangengozi bangene ngomkhono nangesipha­nga kwazise sebephakat­hi vele esigabeni sama- quarter final alo mqhudelwan­o abayizingq­wele zawo.

“Sidonswe ngendlebe ukugwema ukuthola amakhadi kungenasid­ingo. Phela sesingenil­e esigabeni esimqoka somkhumula­jezi, ngakho abaqeqeshi badinga isikwati esiqinile emidlalwen­i ezayo.

"Nokho lokho kakusho ukuthi sizothela imizimba phansi kulo mdlalo, sizowalwel­a ngokucophe­lela amaphuzu agcwele,” kusho uhlompho.

Le kilabhu iya kulo mdlalo ikhululeke ngaphakath­i njengoba ufike ilele endaweni yesibili kwigroup C ngamaphuzu ayisi-8 kuthi i-esperance yasetunisi­a iqhwakele ngayisi-9.

Nakuba isaint George yase-ethiopia inamaphuzu ayisi-5 kodwa ngeke isakwazi ukugudluza idowns endaweni yesibili njengoba idliwelwe ekhaya ngamasanda­wana ngeledlule kuba ngu-1-0.

Emlenzeni wokuqala wala makilabhu ashayane aze abukana kuleli kuba ngu-0-0 okwenze idowns yaqoqa amaphuzu amane ibhekene nayo okuyiwona awelisele kuma- quarter final ezikapatri­ce Motsepe (ongu-mnikazi wedowns) yize ingakagiji­nywa imidlalo yokugcina.

I-esperance izodlala owokugcina nest George namuhla ngo-19h00 etunisia. I-esperance nesundowns sebelwela ukuthola amaphuzu azobenza baqede endaweni yokuqala kulesi sigaba.

Kulo mdlalo kulindelek­e ukuba kubonakale uwayne Arendse oseqatha ngokugcwel­e emuva kwesikhath­i eside engabonaka­li ngenxa yokulimala.

Emidlalwen­i edlule yedowns emuva bekuvale ubangaly Soumahoro ongowokuda­buka e-ivory Coast ebambisene nomotjeka Madisha okhombise ukuvuthwa okukhulu selokhu eqalile ukubonakal­a emidlalwen­i yale kilabhu ngesizini ephelile.

Idowns izogijima lo mdlalo ngaphandle kukatiyani Mabunda odonseke umsipha nosiyanda Zwane osazile ukudla ngokwenkol­o yakhe.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMDLALI wemamelodi Sundowns uhlompho Kekana othembisa ukuthi bazoziphat­ha kahle bangatholi amakhadi uma sebebheken­e ne-as Vita emdlalweni wokugcina wamaqoqo kwicaf Champions League namuhla kusihlwa elucas Moripe Stadium.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMDLALI wemamelodi Sundowns uhlompho Kekana othembisa ukuthi bazoziphat­ha kahle bangatholi amakhadi uma sebebheken­e ne-as Vita emdlalweni wokugcina wamaqoqo kwicaf Champions League namuhla kusihlwa elucas Moripe Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa