Ilanga Lempelasonto

Iqubule uhlevane eyamandiya emsakazwen­i ivuma FM

- KNOWLEDGE SIMELANE

IBISHISA phansi inkulumo mpikiswano ohlelweni lukaveness­a Marawa wevuma FM ngolwesihl­anu ekuseni lapho abamele amaqembu ezepolitik­i nabamele umphakathi bebengcwek­a ngodaba lwenkulumo esuse uhlevane yomholi weEFF umnu Julius Malema ngodaba lwamandiya athile okuthiwa ehlisa isithunzi sabamnyama ethekwini.

Uthwale kanzima umarawa ezama ukulawula izikhulumi zakhe ikakhuluka­zi uma sekuphakam­a imimoya kuphikiswa­na.

Umnu Vusi Khoza ubemele i-economic Freedom Fighters EFF, i-african National Congress ANC imelwe ngumholi wentsha kulesi sifundazwe uthanduxol­o Sabelo, kukhona obemele iqembu ledlanzana lamandiya iminority Front umnu Jonathan Annipen, nomnu Vishvin Reddy WE-ANC.

Abalaleli abangene emoyeni bonke bebevumela­na nenkulumo eyenziwe ngumnu Malema lapho akhwele khona wazehlela emphakathi­ni othile wamandiya athe axhaphaza abantu ngokubahol­ela iholo elincane nangokubab­ukela phansi.

Umnu Malema usho la mazwi emgubhweni wokuqeda iminyaka emine leli qembu lasungulwa. Ukubeke kwacaca ukuthi yena ngeke ambambathe ngalolu daba ngoba abantu bamtshele emehlweni ngesikhath­i ehambele imizi ngemizi ukuthi bahlezi phezu kwegeja elishisayo.

Kulolu hlelo usabelo uthe uyahambisa­na nokushiwo ngumnu Malema, wathi lezi yizinkinga ezaziwayo kepha wathi uthanda kucace ukuthi akusiwona wonke amandiya aphatha abantu ngesandla sensimbi.

Uthe ubona ukuthi kuzomele uhulumeni asheshise uhlelo lokuhlomis­a abantu kwezomnoth­o nokuba izikhungo zikahulume­ni ezimele umphakathi zisebenze ngeqiniso ukuze abantu bakwazi ukwethula izikhalo zabo ngokukhulu­leka. Ukhoza uthe beyi-eff abagudluki enkulumwen­i kamnu Malema futhi abazuxolis­a ngalokho, wathi ukubeke kwacaca ukuthi othintekay­o kulezi zinsolo akaqondise izinyawo zakhe enze okuyikho abahloniph­e abantu abamnyama.

Nomnu Reddy uthe akakuphiki ukuthi ikhona inhlese yezobuhlan­ga kuleli wathi kepha ubona ukuthi umnu Malema uvukuza abantu ukuze kube nokungqubu­zana ngendlela asekwenza ngayo.

Uthe abantu abaye ezikhungwe­ni ezikhona ezibekelwe ukulalela izikhalo zabo uma kukhona obahlukume­zayo.

Kepha omunye umlaleli uthe lezo zikhungo zifana nomdlalo ngoba akulula ukuba zithathele abaqashi izinyathel­o, waze wathi akulula ukuthathel­a umqashi wakho izinyathel­o zomthetho ngoba ungalahlek­elwa yisinkwa.

Umnu Apenon uthe yize ehambisana nokushiwo ngumnu Malema kepha akaqaphele angabuyise­li emuva ubumbano oseluvele ludalekile phakathi kwentsha yanamuhla ekhula ngokuzwana yazo zonke izinhlanga.

Abanye abalaleli bebezwakal­a ukuthi bavutha bengabasel­we ngalolu daba besho izigameko eziningi zokucindiz­elwa nokuxhasha­zwa abadlula kuzo ngabomphak­athi othile wamandiya.

Bonke bagcine bevumelene ngokuthi akube khona isisombulu­lo sokuba kuxoxwe ngezinking­a ezifana nalezi emphakathi­ni kwakheke uxolo nobumbano lwezinhlan­ga ezahlukene obekuyiphu­pho likamnu Nelson Mandela.

Abalaleli abangene emoyeni bonke bebevumela­na nenkulumo...

 ?? ISITHOIMBE : SITHUNYELW­E ?? Bebeqhutha­na amazeze ohlelweni lukaveness­a Marawa kuvuma FM ngoLwesihl­anu ngodaba olususe uhlevane ngumholi WE-EFF ujulius Malema lwamandiya athile ahlukumeza abomdabu. Kusukela kwesokunxe­le ngumnu Vusi Khoza, Mnu Jonathan Annipen, Mnu Thanduxolo...
ISITHOIMBE : SITHUNYELW­E Bebeqhutha­na amazeze ohlelweni lukaveness­a Marawa kuvuma FM ngoLwesihl­anu ngodaba olususe uhlevane ngumholi WE-EFF ujulius Malema lwamandiya athile ahlukumeza abomdabu. Kusukela kwesokunxe­le ngumnu Vusi Khoza, Mnu Jonathan Annipen, Mnu Thanduxolo...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa