Ilanga Lempelasonto

ISIDIDIDI BENGAYITHO­LI IMALI YESIBONELE­LO KNOWLEDGE SIMELANE

-

KUBE nesidididi ezikhungwe­ni zokuholelw­a kwemali yesibonele­lo sikahulume­ni esifundazw­eni sakwazulu Natal ngesikhath­i iningi libuyiselw­a emuva lingayitho­langa imali kadekle.

Baningi ababuyele emuva bencela izithupha emuva kokutshelw­a ukuthi uhulumeni uyibambe ngabomu imiholo ngoba efuna ukwenza isiqinisek­iso sokuthi abayiholay­o basaphila abazona yini izipoki.

Kwesinye isikhungo esibizwa ngesizakal­a, emgababa eningizimu yeTheku, izalukazi bezikhala mi izinyembez­i zikhononda ngalesi senzo sikahulume­ni.

“Bekumele saziswe ukuthi siphathe izidingo zethu uma kukhona abakhala ngakho hhayi ukuba siye emishinini sigibele ngezimali ngethemba lokuthi sizoyithol­a imali sibuye silambatha. Kumanje nje anginakho ngisho ukudla endlini kuwukusihl­ukumeza lokhu okwenziwa nguhulumen­i kithi,” kuzikhalel­a isalukazi esizibize ngomakhomo.

Okhulumela umnyango wezokuthut­hukiswa komphakath­i ophikweni lokuholelw­a kwemali yesibonele­lo Kwazulu Natal umnu Mbizeni Mdlalose uthe imali ayimisiwe kepha kunohlelo lokuvuselw­a kwabahola imali yesibonele­lo.

“Siye sibabhalel­e izincwadi abahola le mali sithi abeze emahhovisi bazovusele­la kepha bangezi manje uhulumeni akavumi ukuba sibaholele bengavusel­elile. Sicela balethe imininingw­ane yabo bazoyithol­a imali yabo ezikhungwe­ni zokuholela,” kuphetha umnu Mdlalose.

Isikhulu esingaguny­aziwe ukukhuluma nabezindab­a sitshele ILANGA Langesonto ukuthi bayalelwe ehhovisi elikhulu ukuthi bazise abantu ukuba balethe imininingw­ane yabo ngoba kusaphenyw­a ngabaholel­a izipoki.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa