Ibe nzima indlela eya empumelelweni
NGELEDLULE KWILANGA Langesonto besiphole nomsakazi wohlelo lomculo wesintu Ugubhu Lwami, oludlala esiteshini sikamabonakude I-1KZN TV, unomkelemane Langa.
Lolu hlelo unomkelemane ulushayela ngokubambisana nentokazi enesizotha ebizwa ngomagumede. Nginqume ukungayishiyi ngaphandle le ntokazi ngesikhathi ngiphole nonomkelemane.
Umbali Zanele Gumede ungowasenkolokotho, emtubatuba, enyakatho yekwazulu Natal. Unguthunjana kwabo, uzalwa nguMnu Nwelezibomvu Jikela Gumede benonkk Ntombemhlophe Gumede, umancube, bobabili abangasekho.
Uzalwe ziyi-15 Mandulo (September ) ngonyaka we-1986. Bayishumi nane kwelikayise kepha sebesele bayisi-5. Ufunde ezikoleni iqalangokuhle Higher Primary, Dibase H.P, wagcina esphikelele High School ngonyaka wezi-2004 - zonke lezi zikole zisemtubatuba.
UBEBIZWA NGOREBECCA MALOPE
Ngesikhathi esafunda isikole uthi ubebizwa ngorebecca Malope ngenxa yomtshingo wephimbo lakhe, edlala imidlalo yeshashalazi engazibekile phansi.
Uphume lapho wayodlala esikhungweni ebesiqeqesha abadlali besiteji isibuyisokwakithi, emevamhlophe, empangeni, lapho ehlale khona unyaka owodwa.
“Kwabamangalisa ekhaya uma sengigxila emculweni wesintu kade belindele ukuthi ngizocula owokholo. Kuhambe kwahamba ngahlangana nosibusiso Gumede obengumnikazi womdlalo “Isiko likazulu”.
Lowo mdlalo usihambise saze safika egrahamstown e-eastern Cape ngonyaka wezi-2008. Kwenzeka ebengingakulindele lapho ngoba sakhethwa saba yi-12 ukuba siyogida ingoma phesheya kwezilwandle eturkey,” kubeka umagumede.
USEBENZE WANGALINUKA IHOLO
Umbali uthi bahlale kuleliya lizwe amaso- nto amabili kunzima, beswele bengaholi lutho, bengenayo nemali yokuthenga i- airtime bafonele izihlobo zabo emuva ekhaya. “Ngacela ukubuya, ngabamba indiza eyangishiya egoli komunye wodadwethu. Ngendlela ebengixakeke ngayo ngamcela ukuba angifunele noma ngabe umsebenzi wokugada ingane yomuntu. Ngiwutholile ngempela ngayoyigada ingane enorth West. Lowo mama wayethembise ukungiholela u-r800 ngenyanga futhi eyisihlobo sami kepha kangiwunukanga ngisho ngamakhala (u-r800), ngashiya ngayohlala ekhaya. Ngibuye ekhaya ngadlula, ngeza erichards Bay lapho ngidlale khona nonomkelemane, emdlalweni obusihloko sithi "Mkabayi kajama". "Bengiyigidangoma lapho. Lo mdlalo ubuphethwe ngubhekani Thabede, nguye umuntu engaqala ngaye ukuphatha imali ngesandla. Ngiculile nasekwayeni izululand Gospel Choir,” kusho yena.
ZIYIME EMTHUMENI EBUZWA NGESIPILIYONI
Ngonyaka wezi-2011 uthi ubi- BASUKE benza izinto zabo lapha onomkelemane Langa nombali Gumede ohlelweni lwabo. zwe ngunomkelemane emazisa ukuthi ucela ukusebenza naye ohlelweni lwesintu kwi-1kzn TV yize wayengakaze abhekwe yikhamera ngaphambilini.
“Wangibiza wangethula kumphathi wezinhlelo, zayima emthumeni esengibuza ukuthi ngake ngavela nanini kumabonakude.
“Kodwa ngiyambonga unomkelemane ngoba wabelesela ngokuthi ufuna ukusebenza nami, uzongiqeqesha ngize ngiyenze into ayifunayo njengophrojusa wohlelo.
Ngempela saluhlanganisa uhlelo Ugubhu lwami, wahlela zonke izinto zesintu nemvunulo okumele siyibhince ukuze lubukeke. Kuyangithokozisa namuhla uma sihamba emgwaqweni sizwe abantu beluncoma,” kusho yena.
OKUNYE NGAYE:
Akakhalelwa ngane. Akanayo indlu ethi yena. Akanayo imoto. Ukhonze odadewabo. Ufisa ukusebenza ngokugcwele kulo mkhakha.
Uzokhipha i-albhamu kamasikandi.
Ngiwutholile ngempela ngayogada ingane enorth West. Lowo mama wayethembise ukungiholela u-r800 ngenyanga futhi eyisihlobo sami kepha...