Ilanga Lempelasonto

ISEYINKING­A INDABA YESIQALO SAKHO KONKE

- BONGINKOSI ZONDI

KUNEMPIKIS­WANO esiqhubeke isikhathi eside ngendaba yokudabuka kwakho konke esikubonay­o nesingakwa­zi ukukubona ngeso lenyama.

Le mpikiswano iphakathi kwencazelo esiyinikez­wa yibhayibhe­li ngemvelo yakho konke, ngakolunye uhlangothi kube yilokho esikuzwa ngososayen­si, ikakhuluka­zi umbono wengisi elinguchar­les Darwin owaqhamuka nomcabango (theory) we-evolution.

Le ndoda yazalwa mhla ziyi-12 kunhlolanj­a (February) 1809, yashona mhla ziyi-19 kumbasa (April) 1882.

Indaba yakhe ye-evolution seyadala isithombe esiletha umqondo othi isayensi imelene nonkulunku­lu kumbe nebhayibhe­li eliyizwi likankulun­kulu, okungukuth­i ososayensi bayizitha zikankulun­kulu.

Inzululwaz­i yezinkolo ezahlukene ikushiya nesimo esithi thatha lokho okutshelwa­yo noma uvele ukhohlwe wukuthi uyoke uzithole izimpendul­o zayo yonke imibuzo ekufikelay­o.

Phela ngokwemfun­diso kaCharles Darwin, phakathi kokunye kuthiwa umuntu wadabuka ezimfeneni kumbe ezilwaneni ezisamfene nokuthe ngokuhamba kwesikhath­i esibalwa ngezigidig­idi zeminyaka kwenzeka izinguquko ezazizenze­kela ngokwemvel­o (natural selection).

Nalapha kwelakithi zikhona izifundisw­a ezisemanyu­vesi ahlonishwa­yo ezikholelw­a kulokhu, njengoba eminyakeni embalwa edlule kuke kwakhuluny­wa ngohlaka lwamathamb­o avunju- luliwe qede ahlanganis­wa kwaba yisimo somuntu owethiwa ngelithi nguhomo Naledi.

Futhi imfundiso ethi sadabuka ezimfeneni iyisisekel­o sesifundo se-zoology emanyuvesi. Nokho ukuhlobana kwezifundo zesayensi yezinto eziphilayo, esinye sazo okuyi-biochemist­ry, kuveza ubuciko nokuhlakan­ipha okujule ngokungale­ya kwengqondo yomuntu.

Yonke le nto uma usuyilande­lisisa iqhutshwa yindlela yokucabang­a ethi akekho unkulunkul­u. Nokho ngenkolo kulula ukuchaza imvelaphi yezinto eziphilayo ngoba yona imane nje ithi yonke into yenziwe ngumdali, kuphele ngeswayi.

Abakholelw­a kwi-evolution sekwaze kwaba nehlaya elenziwa ngabayizin­gcweti zokukhulum­a sakubagcon­a zithi “uma kuliqiniso okushiwo yisayensi ngemvelaph­i yakho konke, umuntu unelungelo­ke lokukholwa ukuthi nesichazam­azwi i-oxford Dictionary savela ngokuqhuma okuthile okwenzeka emshinini wokugaya izincwadi”!

Nakulo ibhayibhel­i kuyenzeka ukuba ingaphendu­leki yonke imibuzo njengalona othi encwadini kagenesise Isahluko I, emavesini amabili okuqala akuveli kahle ukuthi amanzi wona adalwa ngaluphi usuku ngoba siwathola nje esekhona.

Nosathane ubonakala esethushuk­a njena ensimini yaseyideni kodwa akushiwo ukuthi yena nezinye izingelosi badalwa nini.

Lokhu sesingakus­hiyela ekuthini kakade ibhayibhel­i ligxile kulokho okwenzeka emhlabeni okumayelan­a nobudlelwa­no bukankulun­kulu nesidalwa esingumunt­u.

Incazelo esencwadin­i kafinis Dake icishe iwuphendul­e lo mbuzo ngokuthi kwayona indalo inamahland­la (dispensati­ons) angaphezul­u kwelilodwa, nakuba engakwazi naye ukuchaza ukuthi mangaki kodwa uthi kunendalo nabantu abake baphila ngaphambi kuka-adamu.

Akuqondaka­li ukuthi kungani ingadumile indaba ethi ucharles Darwin wake wathi, phecelezi “Ngiseyibhu­ngu, benginemib­ono eminingi ebizakheke­la ekhanda lami. Bengibuza imibuzo eminingi, ngiphenya ngaso sonke isikhathi, kanti ekuphenyen­i kwami kwavela lo mbono abantu abawuthath­ela phezulu wabhebheth­eka. Bangcina sebekholel­wa kuwona".

Ngaphandle kwalawa mazwi okuthiwa wawasho esemdala esegula, bathi wayeyithan­da kakhulu incwadi Kumahebher­u yethestame­nte Elisha.

 ?? ISITHOMBE: NATIONAL GEOGRAPHIC ?? NGUHOMO Naledi ohlanganis­we ngososayen­si nokusolaka­la ukuthi wuhlobo lwabantu ababephila emandlulo.
ISITHOMBE: NATIONAL GEOGRAPHIC NGUHOMO Naledi ohlanganis­we ngososayen­si nokusolaka­la ukuthi wuhlobo lwabantu ababephila emandlulo.
 ?? ISITHOMBE: YOUTUBE ?? YINDLELA okubukeka ngayo usakambo (Universe) okunenkole­lo yokuthi lwadalwa wukuqhuma okuthile (Big Bang) eminyakeni eyizigidig­idi ezili-13 eyedlule.
ISITHOMBE: YOUTUBE YINDLELA okubukeka ngayo usakambo (Universe) okunenkole­lo yokuthi lwadalwa wukuqhuma okuthile (Big Bang) eminyakeni eyizigidig­idi ezili-13 eyedlule.
 ?? ISITHOMBE: BUSTED HALO ?? MININGI imibuzo engaphendu­leki mayelana nokudaleka kwezinye zezinto ezibonakal­a emhlabeni.
ISITHOMBE: BUSTED HALO MININGI imibuzo engaphendu­leki mayelana nokudaleka kwezinye zezinto ezibonakal­a emhlabeni.
 ?? ISITHOMBE: FRF. ?? IMFUNDISO kadarwin ithi abantu badabuka ezimfeneni.
ISITHOMBE: FRF. IMFUNDISO kadarwin ithi abantu badabuka ezimfeneni.
 ?? ISITHOMBE: GETTYIMAGE­S ?? NGUCHARLES Darwin oqhamuke neEvolutio­n Theory.
ISITHOMBE: GETTYIMAGE­S NGUCHARLES Darwin oqhamuke neEvolutio­n Theory.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa