Ilanga Lempelasonto

EZESIMANJE:

-

ZININGI izinto esike sizenze singabantu kodwa uma usuzibukis­isa kuhlale obala ukuthi kasikho isidingo sazo futhi zimosha imali. Umshado ungenye yezinto okuchithek­a kuzo imali eningi - kuyedlulel­a lapho umshado uhlukene khona izigaba ezimbili, okuyisigab­a somshado omhlophe, bese kuba ngowesintu.

Lokhu kwehlukana kwezigaba zomshado yinto eyenzeka kwindlu emnyama, okuye kuthi uma uyicabanga, uzibuza ukuthi isho ukuthini - kube nzima ukuthola impendulo eqondile.

Umshado omhlophe yilapho umakoti esuke eshaye ingubo yakhe emhlophe qwa, nomkhwenya­na eshaye isudi kanti yiwona obukeka udla kakhulu ephakethen­i. Okulandela lapho kuba wumshado wesintu lapho kusuke sekufakwe khona imvunulo, kwabiwa, kusinwa kuqephuzwa.

Empeleni le ngxenye yesintu yiyona ebalulekil­e kakhulukaz­i kubantu abamnyama ngoba ihambisana nemvelaphi yabo kanti le ngxenye yomshado omhlophe kukholakal­a ukuthi yisitayela nje esifike nabasentsh­onalanga.

Kasisho-ke ukuthi kukhona icala noma iphutha ngokwenza umshado omhlophe uma umuntu ethanda. Iqiniso wukuthi amaphaketh­e abantu kawafani. Kuye kube nzima nje lapho uthola ukuthi umuntu uze angene shi ezikweleti­ni aze avele ngentamo enza umshado omhlophe, mhlawumbe esingathi kawunasidi­ngo kangako.

Isikhathi esiphila kuso manje sidinga ukuba sibheke ukuthi imali yethu siyichitha kuphi noma siyisebenz­isa ngayiphi indlela. Kufanele futhi sibheke ukuthi ukushada kabili kunamuphi umthelela kwezezimal­i, ikakhuluka­zi kulabo abayenza bazi kahle kamhlophe ukuthi iphakethe kalivumi kahle.

Njengoba ngike ngasho ukuthi ithanda ukudida le yomshado omhlophe ukuthi wenzelwani ngoba nalabo okukholaka­la ukuthi yinto yabo abenzi njengoba kwenza thina ndlu emnyama.

Kumele sikhumbule ukuthi ezinye izinhlanga zisuke zingakhokh­anga ngendlela thina ndlu emnyama esisuke sikhokhe ngayo ngaphambi kosuku lomshado, njengoba sikhokha ilobolo kwenziwe neminye imicikilis­ho edla imali.

Kuye kudabukise lapho uthola khona ukuthi umshado usudlulile kodwa akade beshada bavele ngentamo ezikweleti­ni.

Ngesinye isikhathi kuze kube nzima nokuqhubek­a kahle nempilo ngenxa yokuthi basuke besachitha imali eningi ezikweleti­ni zomshado osudlule.

Konke lokhu kushiya umbuzo wokuthi kuze kuphilwe kanzima nje kungani vele kufanele kwenziwe imishado emibili nokuthi kubaluleke ngani ukuba sifune ukwenza isiphihli.

Ngabe sisuke sifuna ukubukwa? Kusisiza ngani-ke lokho kubukwa ngoba kakusibuyi­seli ngalutho kodwa kusikufaka ezinkingen­i zezezimali. Baningi abantu esibaziyo abangene emahlazwen­i ngemuva kwemishado yabo ewubukhazi­khazi, sekuvela ukuthi bayehlulek­a wukukhokhe­la izindleko zemishado. Usolwazi Jabulani Maphalala oyisazi samasiko esintu uthi le ndlela yokwenza itshengisa ukuthi

 ?? ISITHOMBE NGABE: WEDDINGSEV­E.COM ?? ININGI imali ochithwa kuthengwa amakhekhe abizayo uma kwenziwa umshado omhlophe.
ISITHOMBE NGABE: WEDDINGSEV­E.COM ININGI imali ochithwa kuthengwa amakhekhe abizayo uma kwenziwa umshado omhlophe.
 ?? ISITHOMBE NGABE: WKDESIGN.CO.UK ?? UKUCHITHWA kwemali kuqala ungakafiki nomshado kukhishwa izimemo zenani eliphezulu.
ISITHOMBE NGABE: WKDESIGN.CO.UK UKUCHITHWA kwemali kuqala ungakafiki nomshado kukhishwa izimemo zenani eliphezulu.
 ?? ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM ?? NEZINDANDA­THO zesimanje zikuxoxela ngemali esetshenzi­siwe okwenza abashadayo basale bengenalo ngisho isenti emuva komshado.
ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM NEZINDANDA­THO zesimanje zikuxoxela ngemali esetshenzi­siwe okwenza abashadayo basale bengenalo ngisho isenti emuva komshado.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa