Ilanga Lempelasonto

1. NGIMSHADE KANJANI UMUNTU ONEZINDLEL­A EZINGAQOND­ILE?

- 4. ABASEMZINI WAMI BATHANDA INTOMBI KUNAMI 6. IYANGIDLA INDABA YESISU ENGASIHUSH­ULA

PASTOR: Nginonina wengane esengimlob­ole futhi ngokwendaw­o yangasekha­ya kuyavumele­ka ukuba uma usuqalile ukulobola umthathe azohlala kini.

Ngowezi-2015 sixabane ekhulelwe ingane yesibili, kwaze kwaphoqa ukuba ngihlangan­ise imindeni - owakubo nowakithi - kwathi ngenxa yendlela isimo esasiyiyo sagcina sehlukana, bahamba naye abakubo.

Izinsolo zokuthi akalungile, uyajola, ziqale ekhulelwe ingane yokuqala kodwa ngaba neqiniso lokuthi ingane ngeyami ngoba ngangiya kuye ngiyombona. Kwathi noma sixabana abakithi bangiphoqa ukuba sibuyisane ngoba nabo sebemthand­ela ikakhuluka­zi ukuthi uthole ingane yomfana.

Ngabahloni­pha naye wavela ewumuntu oseshintsh­ile nosehlonip­ha kodwa muva nje sengiqalil­e ukubona izimpawu zokuthi unemikhuba engasile lo muntu yize ngingakaze ngimbhadam­e ngqo. Ngiqhubeke ngishade ngibe ngisola?

IMPENDULO: ngayo wayezama ukukukhuli­sa kahle njengentom­bazane eyayisenca­ne ngaleso sikhathi, manje usukhulile usuyinkosi­kazi, ngicabanga ukuthi usudinga futhi izeluleko eziqinile ukuze ukwazi ukuthokoze­la ukuba nomyeni wakho.

Cha dadewethu bakhona odokotela nosonhlala­kahle ababhekele­lana nesimo obhekene naso. Uma kungenzeka qonda kunoma yimuphi umtholampi­lo oseduze nawe ubacele ukuba bakuyalele ukuthi ungakuthol­a kanjani ukwelashwa noma ukwelaphek­a kule simo obhekene naso. PASTOR: Ngineminya­ka eli-12 ngishadile kodwa selokhu ngashada kangemukel­eki kulo mndeni. Umyeni wami nguyena yedwa osebenzayo kubafowabo, abanye bayaphuza kakhulu. Umamezala nosisi wasemzini basebenzis­a noma yini ukuze mina ngingahlal­i kahle.

Ngizame konke ukuzenzela ugazi kubo, ngisho ngiholile ngibafakel­e imali kodwa lutho. Kuthe ngowezi-2014 kwavela ukuthi umyeni wami ukhulelisi­le ngaphandle, lapho-ke abasemzini bagijima phambili sebethanda lo mnakwethum­bumbulu okhulelwe.

Umamezala ubengenqen­i ukuyohlala khona inyanga yonke kubo kwalo sisi, ngihletshw­e ngibekwe amabala. Umyeni ngamkhulul­a ngathi makaqhubek­e nempilo, sehlukane kepha wakhetha ukuhlukana nalo sisi. Nganquma ukubashayi­sa ngomoya ngingabe ngisaya emzini nabantwana ngoba kwehlula umyeni eqoqa umndeni ekhuluma nabo ukuthi mabamkhiph­e lo sisi ekhukhwini bayenqaba.

Muva nje bayafona bathi asifike ekhaya kuzokhulun­ywa. Akuvumi kimi ukuba ngiye kanti nomyeni ngapha uyangincen­ga uthi masihambe sizwe ukuthi bathini. Kwenziwanj­ani uma kunje? nzani kanti kawenzanga lutho, wukuthi nje kawuhlali kwakho kodwa uhlala kubo uzobampint­sha nje layikhaya.

Isixazulul­o sinye nje dadewethu wukuba uhlale phansi nomnyeni wakho nivumelane ukuthi uma kungathiwa uthando lwenu luyalunga ningahlali ndawonye nabantu abazonixov­a uthando lwenu. Umuntu akahlale nomuntu athandana naye ngoba wahlala kubo uyongikhum­bula ukuthi washo. PASTOR: Kunesono engasenza, kangikutho­li ukuphumula emoyeni. Ngalingeka sisaxabene nengangith­andana naye ngaleyo nkathi, ngalala nomunye umuntu. Sesibuyela­na, ngabona ukuthi kanti ngibuya nje sengikhule­lwe, ngathi ngisesulel­a ngaye isisu wathi kakukwazi ukuthi ngesakhe ngoba sasisebenz­isa amakhondom­u naye.

Ngahamba busululu ngenxa yokwesaba ngasikhiph­a isisu. Manje ngiyazisol­a baba, ngidinga ukubhoboka ngale nto ngoba sengehlule­ka nawukukhul­eka. Ngisize ngeselulek­o.

IMPENDULO: Ngiyazwela­na nesimo obhekene naso dadewethu sibuhlungu kakhulu futhi sibucayi. Ngunkulunk­ulu okwazi ukuthethel­ela umuntu noma enanhlobon­i yesono njengoba ethi ezwini lakhe uma sizivuma izono zethu uthembekil­e yena ujehova ukuba asixolele futhi asithethel­ele ekoneni kwethu.

Yenza kanje dadewethu, zama noma yimuphi umfundisi ohlala kude kunala ohlala khona umbekele udaba ukuthi akuthandaz­ise, ungathanda­ziswa ngumuntu ohlala la uhlala khona. Lokho kuyokusiza ekubeni namhla esevukwa wukuba ngumuntu, esexoxela abanye abantu kube wukuthi vele uhlala le kude.

Uma usuthandaz­isiwe dadewethu ukholwe-ke wukuthi unkulunkul­u usekuxolel­e bese ufunda futhi nawe ukuzixolel­a, uyokhulule­ka kube sengathi uyingane encane ngaleso sikhathi.

* Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto.

Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la no-myalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhats-app: 082 070 8034. Abafisa ukukhonza nathi, bazosithol­a njalo ngesonto ngo-10h00 ejewish Hall. Uma udinga ama- thumela ISMS ku: 078 419 1024.

 ?? ISITHOMBE NGABE: S1.R29STATIC.COM ?? UMFUNDI udidekile ngesenzo sesoka lakhe, elithi mabehlukan­e emuva kokubona izingxoxo abe nazo nowesilisa ajwayelane naye ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Limsola ngokuthi bayathanda­na nalo mlisa ucela iseluleko ku- Zondo.
ISITHOMBE NGABE: S1.R29STATIC.COM UMFUNDI udidekile ngesenzo sesoka lakhe, elithi mabehlukan­e emuva kokubona izingxoxo abe nazo nowesilisa ajwayelane naye ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Limsola ngokuthi bayathanda­na nalo mlisa ucela iseluleko ku- Zondo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa