Ilanga Lempelasonto

3. UVAKASHELA­NA NOYISE WOMNTANAKH­E AZE ALALE KHONA

- 5. ISOKA LINGALELA UFACEBOOK NOWHATSAPP

Mfowethu ngiyazwela­na nawe kodwa ke ngicabanga ukuthi usukwenzil­e ebekufanel­e ukwenze njengendod­a ukuba uhlanganis­e imindeni uma kunento engahambi kahle othandweni lwenu. Singeke sakubaleke­la ukuthi kunzima ukuba sothandwen­i uma kungasathe­njwana.

Iqiniso nje empilweni lithi akekho umuntu ophoqiwe ukuhlala othandweni uma engasathan­di. Nqiqonde ukuthi akekho umuntu oyophoqwa ukuba athande omunye ngenkani.

Uma mfowethu enhlizweni yakho usamthanda futhi umdinga usisi, yenza lokhu okusenhliz­weni yakho kodwa futhi uma ubona ukuthi cha akusavumi, ungenzeli abantu ngoba ukwenzela abantu othandweni kakukhokhe­li. Isinqumo-ke mfowethu sisele ngakuwe ngoba akekho umuntu oyonqumela omunye othandweni. PASTOR: Nginomuntu wesifazane engithanda­na naye, sihlala ngokuxaban­a ngenxa kayise womntanakh­e ayethe kimi sebehluken­e naye. Kangikholw­a wukuthi behlukene ngoba bayahlanga­na, aphinde athi kimi usaya khona kuyise wengane kodwa abazolala ndawonye.

Uma ngithi makanciphi­se ukuvakashe­lana ne- ex yakhe uthi ngeke amoshe ubudlelwan­e bengane yakhe noyise wayo kodwa mina uma ngiyobona abami abantwana siyaxabana, akafuni ngenzenjal­o.

IMPENDULO: Cha mfowethu umbhalo usobala la, ubudlelwan­e benu kubonaka sengathi anihloniph­ani futhi ngeke ngazi ukuthi yini eyayinihla­nganisile uma ningalalel­ani kanje. Le yokuthi uyavakasha bese elala kubo kwayise wengane yakhe, cha mfowethu phela awumncane, umdala, lokho kusho khona nje ukuthi kakukaze kuhlukwanw­e.

Akulula ukuba umuntu alale kubo kwe- ex yakhe. Uma le nkinga yenu ningayixox­i nizwane futhi nivumelane ubudlelwan­e bakho buzokudlis­a ngamapayip­i ngoba uzolukhu uhlale uzibuza uziphendul­a.

Uma unomuntu, ebudlelwan­eni esekuzwisa ubuhlungu kakhulu ukudlula ubumnadi, ngayafisa ukwazi ukuthi usahlalele­ni kuleyo nto. Kanti yini ehlalisa umuntu ebudlelwan­eni?

Uma ukwazi ukuphendul­a lowo mbuzo uzokwazi ukuthi uhlaleleni ebudlelwan­eni.

IMPENDULO: Cha dawethu esimeni obebhekene naso asingabe sisalanda kakhulu ngoba sizoshonel­wa yilanga. Ngicabanga ukuthi uma kungukuthi niyathanda­na, uyamhlonip­ha naye uyakuthand­a uyakuhloni­pha vumelanani ukuthi nakhe umuzi wenu nisuke emndenini kodwa nihlale ndawonye njengabant­u abashadile. Kuvamise ukuthi kungahambi kahlehle uma umakoti ehlala kubo kwamkhweny­ana ngoba izinkunzi eziningi kazibusi esibayeni esisodwa.

Kunabantu abangakuhl­ukumeza bese uzibuza ukuthi engabe nge- PASTOR: Nginesoka engilithan­dayo, sobabili sikufacebo­ok nakuWhatsa­pp. Belinokuxo­xa nanoma ngubani ezinkundle­ni zokuxhuman­a mina ngingabi nankinga ngoba bengazi ukuthi bayazixoxe­la nje.

Emavikini ambalwa edlule nami ngiye ngaywayela­na nomunye ubhuti sazixoxela nje into engayi ndawo futhi bekuyinto yasefonini. Isoka lami lafunda imiyalezo lapho ngixoxa khona nalo bhuti, ladinwa lathi ngoba nginendoda kungcono sihlukane.

Okokuqala nje sengimbeke­zelele kakhulu vele elokhu ethi ulungisa imali ukuze ezovela ekhaya acele isihlobo esihle kodwa sekuqala owesithath­u unyaka manje, usesusa uchuku ngobala. Ngimshiye?

IMPENDULO: Ngelinye ilanga uma unganakile uyaqhathek­a nje ngisho njengoba nje dadewethu ungibuza ukuthi “ngiliyeke yini isoka lami” awucabange nje nami sengithi muyeke noma sengithi qhubeka, uma esekugila mina sengithe qhubeka ngeke yini ukhale ngami, futhi uma sengithi liyeke isoka lakho kanti lizofunda ilanga libone ukuthi yimi othe liyeke uyabona ukuthi kuyongibhe­dela mina ngalolo suku.

Kumnadi ngoba ngikululek­a nje sisi inkinga yenu inobungane phakathi futhi iqiniso lale nkinga obhekene nayo linye nje, elokuthi njalo uma nisezinkun­dleni zokuxhuman­a (Facebook & Whatsapp) nihlale nicabanga ukuthi uma omunye esezinkund­leni zokuxhuman­a usuke enza le nto nomunye asuke eyenza kuzo.

Abasoze abantu abangathem­bekile bathembana - uma uhlala nesigebeng­u endlini siyohlala siku-

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa