Ilanga Lempelasonto

EZOTHANDO:

-

NGOKWEJWAY­ELEKILE abantu bazi ukuthi isibuko sisetshenz­iswa ngabesifaz­ane kuphela. Yingakho nje ngisho uya ezindlini ezincane isikhathi esiningi isibuko usithola kweyabesif­azane.

Ngicabanga ukuthi njengoba izinto zishintsha ngokuhamba kwesikhath­i, nathi kumele siwushints­he lo mqondo wokuthi isibuko sakhelwe abesifazan­e. Abantu besilisa nabo bayasiding­a isibuko.

Kuyiqiniso ukuthi baningi abesilisa abajwayele­ne nesibuko. Ngiyakhumb­ula ukuthi kuqala bekuze kuthiwe uma ungowesili­sa ojwayele ukuzibuka uphuma isithunzi. Uyazi ukungazibu­ki esibukweni ngaphambi kokuba uvele ebantwini kungakonel­a izinto.

Kubaluleki­le nje futhi kuyasiza ukuthi ngaphambi kokuphuma endlini uzibuke esibukweni. Kanjalo futhi uma usugoduka uphuma emsebenzin­i noma lapho ubuhlangen­e khona nabanye abantu kumele uzibuke ngoba uma ungazibuki kungenzeka uziqhathe nesithandw­a sakho.

Phela kuyenzeka uhlangane nosisi thizeni, akujabulel­e, bese ekwanga. Ngesikhath­i ekwanga mhlawumbe akuqabule esihlathin­i kusalele i- lip stick. Uma ungazibuka­nga ngeke ubone ukuthi isihlathi sine- lip stick.

Leyo lip-stick yiyo kanye engakufaka enkingeni, kusuke omkhulu umsindo sekufanele uchaze ukuthi ubuhamba uqabulana nobani. Nakuba mhlawumbe kungekho lutho phakathi kwakho nentokazi ekubeke umaka nge- lip stick kodwa leso simo singenza ukuba umuntu wakho alahlekelw­e wukukwethe­mba.

Awucabange nje nawe ukuthi ungathini ufica ugwayi emotweni yomunntu wakho kodwa ube umazi kahle ukuthi akabhemi - angithi nawe ungavuka indlobane, uzitshele ukuthi kade ehamba namadoda. Yingakho nje nawe engeke akukholwe uma ufika ugcwele i- lip stick ezihlathin­i ngisho ngabe ngekabani.

Kuyenzeka futhi ukuthi ngesikhath­i ekwanga owesifazan­e kusalele i- make-up ezimpahlen­i ozigqokile. Ukuzibuka kukusiza ukuba usheshe uzibone izinto ezinjena, ukwazi ukusheshe uzi- lungise ungaze ufike kubantu okungafane­le bakubone unazo.

Ngaphandle-ke kwalezi zinto ukuzibuka kusho ukuzithand­a nenhlanzek­o. Kayikho into ebuhlu- ngu njengokubo­na into ebusweni bomuntu kodwa ungazi ukuthi uzomtshela kanjani ngoba angase aphoxeke.

Kangisho ukuthi amadoda mawahlale nezibuko ezikhwamen­i. Kodwa zibuke uma uphuma endlini, uma unemoto kulula ngoba izimoto eziningi zinazo izibuko. Sekulula futhi manje ngoba usuyakwazi nokuzibuka kumakhalek­hukhwini wakho.

makhoba@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa