EZOTHANDO:
NGOKWEJWAYELEKILE abantu bazi ukuthi isibuko sisetshenziswa ngabesifazane kuphela. Yingakho nje ngisho uya ezindlini ezincane isikhathi esiningi isibuko usithola kweyabesifazane.
Ngicabanga ukuthi njengoba izinto zishintsha ngokuhamba kwesikhathi, nathi kumele siwushintshe lo mqondo wokuthi isibuko sakhelwe abesifazane. Abantu besilisa nabo bayasidinga isibuko.
Kuyiqiniso ukuthi baningi abesilisa abajwayelene nesibuko. Ngiyakhumbula ukuthi kuqala bekuze kuthiwe uma ungowesilisa ojwayele ukuzibuka uphuma isithunzi. Uyazi ukungazibuki esibukweni ngaphambi kokuba uvele ebantwini kungakonela izinto.
Kubalulekile nje futhi kuyasiza ukuthi ngaphambi kokuphuma endlini uzibuke esibukweni. Kanjalo futhi uma usugoduka uphuma emsebenzini noma lapho ubuhlangene khona nabanye abantu kumele uzibuke ngoba uma ungazibuki kungenzeka uziqhathe nesithandwa sakho.
Phela kuyenzeka uhlangane nosisi thizeni, akujabulele, bese ekwanga. Ngesikhathi ekwanga mhlawumbe akuqabule esihlathini kusalele i- lip stick. Uma ungazibukanga ngeke ubone ukuthi isihlathi sine- lip stick.
Leyo lip-stick yiyo kanye engakufaka enkingeni, kusuke omkhulu umsindo sekufanele uchaze ukuthi ubuhamba uqabulana nobani. Nakuba mhlawumbe kungekho lutho phakathi kwakho nentokazi ekubeke umaka nge- lip stick kodwa leso simo singenza ukuba umuntu wakho alahlekelwe wukukwethemba.
Awucabange nje nawe ukuthi ungathini ufica ugwayi emotweni yomunntu wakho kodwa ube umazi kahle ukuthi akabhemi - angithi nawe ungavuka indlobane, uzitshele ukuthi kade ehamba namadoda. Yingakho nje nawe engeke akukholwe uma ufika ugcwele i- lip stick ezihlathini ngisho ngabe ngekabani.
Kuyenzeka futhi ukuthi ngesikhathi ekwanga owesifazane kusalele i- make-up ezimpahleni ozigqokile. Ukuzibuka kukusiza ukuba usheshe uzibone izinto ezinjena, ukwazi ukusheshe uzi- lungise ungaze ufike kubantu okungafanele bakubone unazo.
Ngaphandle-ke kwalezi zinto ukuzibuka kusho ukuzithanda nenhlanzeko. Kayikho into ebuhlu- ngu njengokubona into ebusweni bomuntu kodwa ungazi ukuthi uzomtshela kanjani ngoba angase aphoxeke.
Kangisho ukuthi amadoda mawahlale nezibuko ezikhwameni. Kodwa zibuke uma uphuma endlini, uma unemoto kulula ngoba izimoto eziningi zinazo izibuko. Sekulula futhi manje ngoba usuyakwazi nokuzibuka kumakhalekhukhwini wakho.
makhoba@ilanganews.co.za