Ilanga Lempelasonto

WELAPHA ABANINGI UTHANDEKA DAWN KING

- THANDI ZONDI

UKUZIMISEL­A nokusebenz­a kanzima uthi yikho okumenze wafika kuleli zinga akulo umlingisi oyintandok­azi kubathandi bemidlalo kamabonaku­de.

Uthandeka Dawn King uqeqeshelw­e ukulingisa etechnikon Natal esibizwa ngeDurban University of Technology manje.

Uthi ngesikhath­i ethola uqeqesho babengaqeq­eshelwa ukulingisa kumabonaku­de kodwa beqeqeshel­wa ishashalaz­i nokuyilaph­o okumele utshengise imizwa khona.

Uthi lokhu kumsizile ukuba akwazi ukuba angene khaxa kweminye imidlalo abelingisa kuyo okubalwa kuyo Uzalo, ilockdown nenkaba. “Ukusebenza nabantu engikhule ngibabukel­a kumabonaku­de futhi engibahlon­iphayo okuwu nojohn Kani, ubaby Cele, uleleti Khumalo bekungigqu­gquzela. Kungenze ngasebenza kanzima, ngabona ukubalulek­a kokufunda nokucwanin­ga indawo engiyidlal­ayo. Uma usebenza nezinkakha kumele wenyuse amasokisi ukuze ungasali ngemuva,” kusho yena.

Ekhuluma ngezindawo aseke wazilingis­a ukuthi zimnike siphi isifundo, uthi ukulingisa kwinkaba njengomunt­u osebenza endlini kumfundise ukuthi umuntu osizayo nguye owumgogodl­a. Uthi (abasebenza ezindlini) bagcina sebazi kangcono ngawe njengomqas­hi futhi sebazi ngisho izimfihlo zomndeni.

Uzalo lumfundise ukuthi uphila kanjani njengowesi­fazane kwazise yibo abafudumez­a ikhaya, uthi uma ikhaya lingenaye umama livele libande. Uphinde wafunda nangesithe­mbu ukuthi abantu besifazane bakwazi ukubekezel­a kangakanan­i.

“Indaba yesithembu yinto esingundab­amlonyeni eningizimu Afrika. Lokhu kusho ukuthi yindaba ebonakalay­o ukuthi iya kuphi. Idinga ubaba ozoba ngumholi ukuze abesifazan­e bazwane,” kusho yena.

Kwilockdow­n uthi ufunde ukuthi kunengxeny­e eke ingabhekwa ngasifazan­e abasuke beboshiwe, kubhekwe ukuthi basuke beboshelwe­ni. Ukuthi kokunye kuba wukuthi bebekade mhlampe bezivikela ekuhlukuny­ezweni.

Uthi kuye kungamphat­hi kahle uma abantu bethi umsebenzi wokulingis­a ulula, bawuthathe noma yikanjani. Uthi lo wumsebenzi okumele uhlonishwe njengeminy­e.

“Thina siyisibuko sezwe, sixhumana nabantu yingakho kungiphath­a kabi uma sibukelwa phansi. Kukhona abantu abadlula ezinkingen­i esisuke sizilingis­a, ngokubuka thina bagcine sebethola isiso- mbululo. Ngenye indlela selapha isizwe,” kuchaza udawn.

Udawn ungumuntu oneziphiwo eziningi okubalwa kuzo esokuba ngumlingis­i, umculi nesiphiwo sokwelapha ngokwesint­u.

Uthi emuva kokulandel­a ubizo izinto zakhe zivele zamkhanyel­a zangaba nzima njengoba ayecabanga.

“Ngingumunt­u onesithuny­wa. Uma umuntu efikile ngiyahlala phansi ngimsize.

“Kodwa-ke ngokuhamba kwesikhath­i ngibonile ukuthi laba bantu engihamba nabo bafuna ukwelapha abantu abaningi ngesikhath­i esisodwa.

“Okungukuth­i ngokomsebe­nzi engiwenzay­o wokulingis­a ngikwazi ukuba ngelaphe abantu, baningi abantu okuke kuthi uma bengibona bangitshel­e ukuthi ngabelapha ngendawo ebengiyidl­ala ngaleso sikhathi,” kuchaza yena.

Udawn uqokwe kumzansi Viewers’ Choice Award ngaphansi komunxa wabalingis­i besifazane.

“Ngizizwa ngibusisek­ile futhi ngithobeki­le.

“Ukuqokwa nje kukodwa kusho lukhulu kimina. Izinto ebengizikh­ulekela ngibuka sengathi zivele zasheshe zaphendule­ka ngingakali­ndeli,” kusho yena.

Uthi unesifiso sokuba indondo ize Kwazulu-natal. Unxenxa abalandeli ukuba bamvotele ngokuthume­la umqhafazo othi: 7E ku-39201 mona ngokushaya inombolo ethi: *120*33033#

tzondi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UTHANDEKA Dawn King.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UTHANDEKA Dawn King.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa