EZEMISAKAZO:
ANGAZI imisakazo iyofunda nini ngempela ukulawula izigilamkhuba ezisebenzisa budlabha amagagasi omoya. Ngikhuluma la ngabalaleli abangalawulwa uma befonela emsakazweni.
Abanye ubezwa bephoxa abanye abangahambisani nemibono yabo noma abangamalunga ezinhlangano abangahambisani nazo.
Abanye ubezwa begxeka bukhoma amabandla abangahambisani nawo noma izinkolo abangazeseki. Kwenzeka into efanayo nangezinhlangano zepolitiki njengoba uzwa amalunga enhlangano-a ekhwela edilika kwawenhlangano-b ngoba nakhu nje benezimiselo ezingefani.
Ngixakwa yilaba basakazi abehluleka wukulawula abalaleli abadlebelekayo ekubeni kuyibona abaphethe izintambo. Sengilalele kaningi ikakhulukazi emisakazweni yomphakathi kungena laba bantu abangamalunga amaqembu epolitiki bezidayisa bukhoma.
Sekuze kwaba ngumkhuba ojwayelekile nje ukuzwa umlaleli ethi: “Uzowakha Mbatha lo okhulumayo wenhlangano eyenza izinto zenzeke izowakha Mbatha Party” kungabi ndaba zalutho.
Bakwenza lokhu bephindelela kanti nangendlela asebejwayeleke ngayo nabasakazi sebebezwa zisuka nje baze bababize ngezibongo bengakazethuli nhlobo.
Uzothi esuka lapho unkabi abe edonsa undendende wenkulumo, egxibha angahambisani nabo sengathi uzitapela izinyosi ezingenamnikazi.
Bavele bathule laba basakazi kube sengathi bangcwatshiwe ngaleso sikhathi. Uzozwa umsakazi esehhuma ethi bakwenza lokhu ngoba bengafuni ukucindezela abalaleli.
Ngumsangano wokugcina-ke lo! Kawukwazi ukuthi unikezwe amandla ngoba nakhu uthenjwa bese uyehluleka wukulawula okwenzeka emoyeni. Okwenziwa yilaba bantu abafona kulezi ziteshi bephindelela, kukushiya ukhexile.
Namuhla kunezinhlangano ezinye zazo ezavumbuka ngesikhathi kuzoba nokhetho kodwa zabuye zacwila. Uzozizwa-ke zigiya ngamathambo alezi zinhlangano ezigqamile nokuvele kucace ukuthi ziyazimaketha.
Kufona nabaholi bakhona imbala nokukushiya nemibuzo yokuthi yini le eyenza babe nesibindi sokusebenzisa i- platform yomsakazo womphakathi bebe bengakwenzi okufanayo emisakazweni emikhulu.
Yikho lokhu okwenza ngithi abasakazi balezi ziteshi yibona abasidayisayo ngoba le genge kayikwenzi kuyo yonke imisakazo ejwayele ukufona kuyo.
Onkabi laba bafona nsuku zonke, kokunye baze baphindelele ohlelweni olulodwa ngelanga. Kucacile phela ukuthi lokhu bakwenza ngoba bebona ukuthi kuvuleke imbobo kule misakazo yokuba bazimakethe kusetshenziswa izinhlelo zethu.
Abaphathi bemisakazo kumele bakunqande lokhu uma kuwukuthi ngabasakazi abahlulwa wukulawula amagagasi omoya.
Ngiye ngizwe kweminye imisakazo benqandwa uma begxibhana nabanye, beqhakambisa amaqembu abo. Ngokujwayelekile kulezi zinhlelo kusuke kuvulwe umnyango wokuba kudingidwe izindaba kodwa labo nkabi bazongena ngokuzimaketha nje nokubanga esikhulu isicefe kithina esingabalaleli.
Uma ngempela abaphathi bengasukumi, imisakazo yethu yomphakathi iyohlala ibukelwa phansi zikhathi zonke, kukwamazenzele.
Siyakuqonda ukuthi eminingi kayinazo izinhlelo zokusefa ( screening) abalaleli uma kushaywa izingcingo kodwa umsakazi kuthenjelwe kuye ukulawula indlela yokukhuluma nokukhulunywa ngakho emsakazweni.
Usuqhubeke isikhathi eside lo mhlola ngakho-ke ngokukhulu ukuzithoba, ngoba siyikhonzile le misakazo, siyaninxusa baphathi ukuba nilawule labo ndlavini abasebenzisa umsakazo ukuphoxa nokwehlisa izithunzi zezimbangi zabo ikakhulukazi laba bezinhlangano ezitabalasayo zepolitiki.
Bayanisebenzisa ukuzimaketha kubantu ukuze bahlale bebakhumbula zikhathi zonke, yingakho befona bephindelela njalo uma kuvulwa izingcingo.
Singayithokozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakazo kule email engezansi nasezinkundleni zokuxhumana okutholakala kuzona umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za