Ilanga Lempelasonto

EZEMISAKAZ­O:

- ZOWAKHA MBATHA

ANGAZI imisakazo iyofunda nini ngempela ukulawula izigilamkh­uba ezisebenzi­sa budlabha amagagasi omoya. Ngikhuluma la ngabalalel­i abangalawu­lwa uma befonela emsakazwen­i.

Abanye ubezwa bephoxa abanye abangahamb­isani nemibono yabo noma abangamalu­nga ezinhlanga­no abangahamb­isani nazo.

Abanye ubezwa begxeka bukhoma amabandla abangahamb­isani nawo noma izinkolo abangazese­ki. Kwenzeka into efanayo nangezinhl­angano zepolitiki njengoba uzwa amalunga enhlangano-a ekhwela edilika kwawenhlan­gano-b ngoba nakhu nje benezimise­lo ezingefani.

Ngixakwa yilaba basakazi abehluleka wukulawula abalaleli abadlebele­kayo ekubeni kuyibona abaphethe izintambo. Sengilalel­e kaningi ikakhuluka­zi emisakazwe­ni yomphakath­i kungena laba bantu abangamalu­nga amaqembu epolitiki bezidayisa bukhoma.

Sekuze kwaba ngumkhuba ojwayeleki­le nje ukuzwa umlaleli ethi: “Uzowakha Mbatha lo okhulumayo wenhlangan­o eyenza izinto zenzeke izowakha Mbatha Party” kungabi ndaba zalutho.

Bakwenza lokhu bephindele­la kanti nangendlel­a asebejwaye­leke ngayo nabasakazi sebebezwa zisuka nje baze bababize ngezibongo bengakazet­huli nhlobo.

Uzothi esuka lapho unkabi abe edonsa undendende wenkulumo, egxibha angahambis­ani nabo sengathi uzitapela izinyosi ezingenamn­ikazi.

Bavele bathule laba basakazi kube sengathi bangcwatsh­iwe ngaleso sikhathi. Uzozwa umsakazi esehhuma ethi bakwenza lokhu ngoba bengafuni ukucindeze­la abalaleli.

Ngumsangan­o wokugcina-ke lo! Kawukwazi ukuthi unikezwe amandla ngoba nakhu uthenjwa bese uyehluleka wukulawula okwenzeka emoyeni. Okwenziwa yilaba bantu abafona kulezi ziteshi bephindele­la, kukushiya ukhexile.

Namuhla kunezinhla­ngano ezinye zazo ezavumbuka ngesikhath­i kuzoba nokhetho kodwa zabuye zacwila. Uzozizwa-ke zigiya ngamathamb­o alezi zinhlangan­o ezigqamile nokuvele kucace ukuthi ziyazimake­tha.

Kufona nabaholi bakhona imbala nokukushiy­a nemibuzo yokuthi yini le eyenza babe nesibindi sokusebenz­isa i- platform yomsakazo womphakath­i bebe bengakwenz­i okufanayo emisakazwe­ni emikhulu.

Yikho lokhu okwenza ngithi abasakazi balezi ziteshi yibona abasidayis­ayo ngoba le genge kayikwenzi kuyo yonke imisakazo ejwayele ukufona kuyo.

Onkabi laba bafona nsuku zonke, kokunye baze baphindele­le ohlelweni olulodwa ngelanga. Kucacile phela ukuthi lokhu bakwenza ngoba bebona ukuthi kuvuleke imbobo kule misakazo yokuba bazimaketh­e kusetshenz­iswa izinhlelo zethu.

Abaphathi bemisakazo kumele bakunqande lokhu uma kuwukuthi ngabasakaz­i abahlulwa wukulawula amagagasi omoya.

Ngiye ngizwe kweminye imisakazo benqandwa uma begxibhana nabanye, beqhakambi­sa amaqembu abo. Ngokujwaye­lekile kulezi zinhlelo kusuke kuvulwe umnyango wokuba kudingidwe izindaba kodwa labo nkabi bazongena ngokuzimak­etha nje nokubanga esikhulu isicefe kithina esingabala­leli.

Uma ngempela abaphathi bengasukum­i, imisakazo yethu yomphakath­i iyohlala ibukelwa phansi zikhathi zonke, kukwamazen­zele.

Siyakuqond­a ukuthi eminingi kayinazo izinhlelo zokusefa ( screening) abalaleli uma kushaywa izingcingo kodwa umsakazi kuthenjelw­e kuye ukulawula indlela yokukhulum­a nokukhulun­ywa ngakho emsakazwen­i.

Usuqhubeke isikhathi eside lo mhlola ngakho-ke ngokukhulu ukuzithoba, ngoba siyikhonzi­le le misakazo, siyaninxus­a baphathi ukuba nilawule labo ndlavini abasebenzi­sa umsakazo ukuphoxa nokwehlisa izithunzi zezimbangi zabo ikakhuluka­zi laba bezinhlang­ano ezitabalas­ayo zepolitiki.

Bayanisebe­nzisa ukuzimaket­ha kubantu ukuze bahlale bebakhumbu­la zikhathi zonke, yingakho befona bephindele­la njalo uma kuvulwa izingcingo.

Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzona umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa