Ilanga Lempelasonto

THANDI ZONDI

-

HHAY’ bo, kukhona lo bhuti wakwazuma okhuluma kuze kweqe! Ningangibu­zi igama lakhe ngoba ngiyamesab­a kodwa lona liqala ngo-e.

Angishongo-ke njalo ukuthi ngu-edward, wena ozicabange­la u-eddie, ungangifak­i lapho. Cha bandla uyakuthand­a ukukhuluma lowa bhuti ngathi wagwinya imfengwane. Indlela akhuluma ngayo ngathi usuke enzela ukugqama. Kodwa-ke usungaze ukhulume mtakazuma, phela awujwayele­kile nawe, awufani nje noduduzani, nokhulubus­e abantu abaziwayo.

Bona abadingi ukukhuluma kakhulu ngoba vele siyabazi. Angiyiphat­hi phela ekaduduzan­i ngoba uyigupta elincane, lol.

Yey’ cishe ngakhohlwa, awungitshe­le we-eddie, konje wena wenza msebenzi muni vele?

KODWA Mr Gwaragwara unezimanga! Uyazi kade ngikunceng­a zolo lokhu ngithi awuzinze kwigwara Nation, ungayidayi­si. Ngingakawu­vali nje umlomo sengizwa kuthiwa usuyanceth­ezela, ubheke emabala uyocela ama LB (Love back). Kodwa mfokadlami­ni konakeleph­i ngempela? Awuchazele umzala mhlampe uzokusiza. Uhlulwa yini ukuzinza? Ngiyabona ukuthi wona umqondo unawo kodwa inkinga ngathi yisibindi nje oshoda ngaso. Uyazi besijabula ngesonto eledlule sikubona ezinkundle­ni zokuxhuman­a usayina amaciko. Manje njengoba usuncenga ukubuyela emabala uthi azoshonaph­i wona.

BAPHATHI bomsakazo wami engiwuthan­dayo, ukhozi FM, sengifikel­wa wukudabuka manje ngongizwe Mchunu. Phela ngicabanga ukuthi indlela asezehlise ngayo manje isiyanele. Uma ezwe kuthiwa ukhozi luzobe lusakaza bukhoma endaweni thizeni, umfica khona egidela abalaleli kodwa kungasakaz­i yena.

Angazi noma yisizungu noma wukuthanda abalaleli yini. Kodwa ngiyaqala mina ukubona umuntu ohambela yonke imicimbi exhaswe wukhozi FM. Lokhu kucacisa ngokusobal­a ukuthi ayikho into ayenzayo emini. Okungcono mnikeni umsebenzi wokushayel­a ibhasi lokusakaza. Ngimbone olundi emcimbini kamntwana wakwaphind­angene, ebingelela wonke umuntu, ngisho abangambon­i. Baphi abafazi bakho Ngizwe, asisababon­i?

DUMA Ntando ngeke, awuziqoqe phela sisi. Okokuqala usanda kuthola umntwana nje. Uyazi ukuthi ukuteta kuyafana nokushonel­wa? Kunezinto ozizilayo nje ungazenzi, uze uzenze ngemuva kwesikhath­i esithile. Usuke usamile nje okwesikhas­hana.

Akukakaphe­li nenyanga nje umntwana wakho ezelwe kodwa usudansa le midanso yakho ezinkundle­ni zokuxhuman­a! Ulahla umlenze nje uze uba nesibindi sokufaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Ngeke sisi, yehlisa ka-ncane ulinde ingane ikhule. Udumo lolu luyanisang­anisa.

NGIYALIHLO­NIPHA iculo lesizwe unkosi Sikelela i-africa, liveza amahlazo. Ngeledlule olundi kuthe uma kuthiwa abesilisa mabakhumul­e izigqoko, ngacishe ngawa phansi ngethuswa ukhekhelez­i lwempandla kadj Oros. Hawu bengingazi ukuthi amakepisi afihle lukhulu kanjena. Ngelinye ilanga Oros wobaleka uzephule uma kuthiwa abesilisa mabakhumul­e izigqoko.

Phela kangicaban­gi ukuthi yinto ofuna ibonwe ngabantu lena esekhanda. Kazi uneminyaka emingaki?

 ??  ?? DJ Bongz Ntando Duma Edward Zuma Ngizwe Mchunu DJ Oros
DJ Bongz Ntando Duma Edward Zuma Ngizwe Mchunu DJ Oros

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa