Ilanga Lempelasonto

SIHLAZIYA UMCULO:

- KNOWLEDGE SIMELANE

UMCULI : MLU LAMBISO ISIHLOKO : HLALA NAMI NKOSI UHLOBO LOMCULO : GOSPEL UNYAKA : 2017 AMAPHUZU : 5/10

UCULA amakhorasi namaculo aziwayo nezingoma aziqambele zona umlu kepha ngomoya wendumiso. Unalo ugcobo kulolu hlobo lomculo. Bazobusise­ka abazalwane ngale albhamu yakhe.

Zili-10 sezizonke izingoma, zilandelan­a kanje: Worship medly, Hlala nami Nkosi, Uzokuphend­ula, Mangibethe­lwe uqobo lwami, Uyayithath­a intengelut­ho, Ngimfumene ujesu, Ungumavula kuvaliwe, Ebenezer (Ft Sbonga Mtshali), Nank’umlilo, nethi Jes’ uphakeme kakhulu.

UMCULI : UQOTHANGEZ­WI ISIHLOKO : LAZELAFA IZWE UHLOBO LOMCULO : MASIKANDI WOQOBO UNYAKA : 2017 AMAPHUZU :

5/10

UCULA umculo onezelulek­o uqothangez­wi futhi usebenzise inkositina nezithako ezimnandi. Unekhono elibabazek­ayo, sengathi abaculi abaningi bangamfuza, bazithake ngokukhulu­leka izingoma zabo. Ukhala ngezingane ezingasaba­laleli abazali bazo.

Zili-16 sezizonke, zilandelan­a kanje: Umntanami, Ubunzima, Ngixolele, Uzimeme, Ngikubekez­elele, Istayela, Lazelafizw­e, Zisedanyan­e, Umuntu, sonqoba kanjani, Uhlaludaki­we, Injabulo, Uthando, Kunjalo, somandla, nethi Uthando remix.

UMCULI : REV NKOMFA MKABILE ISIHLOKO : KUMBAYA UHLOBO LOMCULO : GOSPEL UNYAKA : 2017 AMAPHUZU : 6/10

IKHAFULA amalangabi ezulu inceku kule albhamu. Isho kuzwakale, kunyuke isithunywa. Indumiso iphakeme kuyoyonke le albhamu bazobusise­ka abazalwane ngayo. Zili-12 sezizonke, zilamana kanje: Khangela phezulu, Thixo akunangqal­eko, We bless your name, Egetsemane, Kumbaya, Ndoyenza, Babulela, Thixo ova izikhungo, Nguye, Dumisa uyehova, Masibuyele kuyesu, nethi Bawo wethu osezulwini. Iziqambele amaculo inceku.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa