Ilanga Lempelasonto

SIVULAMEHL­O ABACULI:

- KNOWLEDGE SIMELANE

BASINCISHA ubumnandi abadlali bezinsimbi, kabasaciko­zi ngezihlabo uma beqala izingoma noma beziphetha.

Umculo wakudala bewudlisa ngesiqalo sengoma kube sengathi ingeqhubek­e kodwa ilokhu iphindaphi­nda isiqalo sayo. Isiqalo sengoma sithi masifane nesiqalo sendaba ngisho kwezokulob­a, izintathel­i zifundiswa ngokuloba isiqalo sendaba esihehayo, phecelezi kick off.

Ngisho ingoma idlalwa ezitolo ezidayisa umculo umthengi uma ezwe isiqalo samheha uvele ayifune ngokushesh­a, acimeze amehlo ayithenge engaqondil­e, aze abuze ukuthi idlalwa ngubani leyo ngoma.

Abaculi nabo banelungel­o lokusiza abadlali bezinsimbi, uma beqamba amaculo babatshele ukuthi bafisa ingoma iqale kanjani futhi iphethe kanjani.

Kuyaziwa ukuthi abaculi abaningi kabanazo iziphiwo zokudlala izinsimbi kodwa kuye kube kuhle umculi abhidilish­e ngephimbo asho ontililint­inti ngomlomo, enikeza umdlali umqondo wezihlabo azifisayo.

Komasikand­i kuyaphoqa ukuba baziqikele­le izihlabo, zisemtheth­weni selokhu kwathi nhlo kulolu hlobo lomculo. Iyancinzwa inta- mbo noma imfanyazwe ngempela inkositina. Uma sikhuluma ngezihlabo zenkositin­a sikhumbula umculi ongasekho, ulahlumlen­ze. Ubepikwa ngamabhend­i amaningi kamasikand­i ngekhono lakhe.

Esigingcin­i esihamba phambili basazozalw­a abayofika kumfazomny­ama umfokakhum­alo naye ongasekho.

Ziningi izinsizwa esingaziba­la ezinamakho­no ekuqaleni izingoma ziziphethe kamnandi. Noma-ke uma kuqoshwa sekuvamise ukuba izingoma zehliswe zize ziyosithel­a kusezwakal­a kamnandi uma ingoma inesipheth­o sayo esimnandi.

Umaqhude Mkhize ungumdlali wesigingci sebhesi ovelele eningizimu Afrika, siyamkhuth­aza ukuba naye avuselele isiphiwo sikasipho Gumede ongasekho obeqala ingoma ngesigingc­i sebhesi kusangane izihlwele.

Ingoma yakhe esihloko sithi “Mantombi” akulula ukuba idlule ezinhliziy­weni zabantu ngenxa nje yesiqalo sayo. Siyabakhut­haza abaculi ukuba uma beqamba izingoma, ibe nawo wonke umsoco, bangaqambi imvunge namagama nje kuphela - kepha bayakhe ibe wukudla okuphelele okunazo zonke izinongo nezithako ezifanele.

Nonyaka ake sizwe izingoma ezineziqal­o ezimnandi kuyo yonke imikhakha nezinhlobo zomculo, sizwe umehluko.

Njengengom­a nje esihloko sithi “Everybody” yeqe-mbu leblack Box - le ngoma yindala kepha namanje isagqoma kusithele igundane.

Igama elithi “iciko” alisetshen­ziswe ngokuyikho, abantu bacikoze emculweni bazinike isikhathi bangabi ngomashesh­isa.

knowledge.simelane@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa