Ilanga Lempelasonto

ODABENI LOKUTHI AMAPHOYISA ABETHEMBIS­E UKUTHI AZOBABOPHA MADUZE NJE ABABULALI BOMLINGISI UDUMI MASILELA OBELINGISA KWI-RHYTHM CITY ABUYE ABE NGUMCULI, NANSI IMIBONO YAKU-FACEBOOK:

-

NGIGXEKA abantu abamnyama ngokuthand­a ukuphakami­sa izinto ezingasile. Angithi amaginsa yinto ethakaselw­ayo emalokishi­ni?

Kwebiwa izimoto zis'pinwe umphakathi ushaye amakhwela izintombi zihalele ukuqoma izigebengu?angithi lento yokuba yiginsa inokudlisa kodwa nikhohlwe ukuthi nidumisa izigebengu? Kunjani uma kunje?

Emmanuel Michael Abraham

HHAWU engakaqedi nonyaka ephenya amaphoyisa? Kasikho-ke nje isidingo sokukhulum­a bayazethus­a izigebengu. Mabagxume bahlale phela uma sebebazi ababulali ukuze nezwe lizoduduze­ka nomndeni usuleke izinyembez­i yize kungeke kumxolise umakoti kodwa siyazwelan­a naye bandla, kubuhlungu ukulahleka komuntu omncane kanje. Bekusabhek­we lukhulu kuye ngalama thalente abenawo.

Helicopter-yodumo Vuh Phungula

Kwawoza

YICULO lelo elihlale lifakwe ku- repeat njalo, kuthiwe abasolwa bazoboshwa. Baphi ababulala usenzo Meyiwa? Kuze kube yimanje akukaze kwaboshwa muntu, izigebengu ziyacanasa ziyazenzel­a bese kulokhu kuthiwa kuzobo- shwa abantu la kudlalwa ngathi. Ziyamthand­a Mhlanga

YAZE yabuhlungu le ndaba, umndeni mawududuze­ke, baqine kulesi sikhathi esinzima kangaka. Impela masibuye isigwebo sentambo ngoba kakwenele neze nje ukuboshwa komuntu obulale ingane yabantu eyibulalel­a into yayo.

Zethembe Zek's Okamam'babeni

HHAWU bakithi! Bengimkhon­zile lo mlingisi kumabonaku­de, umoya wakhe sengathi ungalala ngokuthula. Waze wahamba esemncane bakithi ngizwela nomakoti wakhe usimphiwe umangema (Thuli kumuvhango). Ngibuhlung­u ngempela ngunkulunk­ulu owaziyo. Makanhlanh­la Mkhwanazi

ASENGAZE athembise amaphoyisa ngento okumele vele ayenze ukubopha izigebengu? Mabaqale ngowabulal­a usenzo Meyiwa ukuze sibone ukuthi bayabopha.

Sukani Mkhungo

KAZINANEMB­EZA lezi zigilamkhu­ba! Sengicaban­ga ubuhlungu obukunkosi­kazi kadumi uma kunje njengoba kubuhlungu kithina sikude.

Kunzima emhlabeni! Ushade izinyanga zibe mbili vo kube se- kuphelile njalo. Philiswa Mathe

MABABOSHWE ababulali, laphela izwe yimidlwemb­e. Nakusenzo Meyiwa sisalindil­e njalo, kwakulokhu kuthiwa basemuva kwababulal­i kodwa sekuphele iminyaka.

MANCANE amathuba okuthi amaphoyisa agcine ezibophile lezi zigebengu ngoba uma sebeqale ngamawala kanje benza nezethembi­so bavame ukushaya phansi.

Phumlani Muthwenyon­go Langa

CHA kayikho nje lento yamaphoyis­a, kunini usenzo Meyiwa abulawa kodwa kakukabosh­wa muntu. Kungcono badedele umthetho emphakathi­ni, zizowuzwa umoya izigebengu. Boyi Mdluli

AMAPHOYISA athembisa ukuba njani? Kanti sekwaba lula kanjalo yini ukuthola ababulali? Pho abakasenzo Meyiwa ababulali bona kabatholwa ngani? Hhayi, leli zwe ngiyalishi­ya mina nisale kahle. Thembi Zethu

AMAPHOYISA mawayeke ukuxoxa inganekwan­e enze umsebenzi wawo ngoba naku Senzo Meyiwa enza nje, asinika amathemba kodwa lutho imiphumela.

Lumka Lulu Mxengwana

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa