ODABENI LOKUTHI AMAPHOYISA ABETHEMBISE UKUTHI AZOBABOPHA MADUZE NJE ABABULALI BOMLINGISI UDUMI MASILELA OBELINGISA KWI-RHYTHM CITY ABUYE ABE NGUMCULI, NANSI IMIBONO YAKU-FACEBOOK:
NGIGXEKA abantu abamnyama ngokuthanda ukuphakamisa izinto ezingasile. Angithi amaginsa yinto ethakaselwayo emalokishini?
Kwebiwa izimoto zis'pinwe umphakathi ushaye amakhwela izintombi zihalele ukuqoma izigebengu?angithi lento yokuba yiginsa inokudlisa kodwa nikhohlwe ukuthi nidumisa izigebengu? Kunjani uma kunje?
Emmanuel Michael Abraham
HHAWU engakaqedi nonyaka ephenya amaphoyisa? Kasikho-ke nje isidingo sokukhuluma bayazethusa izigebengu. Mabagxume bahlale phela uma sebebazi ababulali ukuze nezwe lizoduduzeka nomndeni usuleke izinyembezi yize kungeke kumxolise umakoti kodwa siyazwelana naye bandla, kubuhlungu ukulahleka komuntu omncane kanje. Bekusabhekwe lukhulu kuye ngalama thalente abenawo.
Helicopter-yodumo Vuh Phungula
Kwawoza
YICULO lelo elihlale lifakwe ku- repeat njalo, kuthiwe abasolwa bazoboshwa. Baphi ababulala usenzo Meyiwa? Kuze kube yimanje akukaze kwaboshwa muntu, izigebengu ziyacanasa ziyazenzela bese kulokhu kuthiwa kuzobo- shwa abantu la kudlalwa ngathi. Ziyamthanda Mhlanga
YAZE yabuhlungu le ndaba, umndeni mawududuzeke, baqine kulesi sikhathi esinzima kangaka. Impela masibuye isigwebo sentambo ngoba kakwenele neze nje ukuboshwa komuntu obulale ingane yabantu eyibulalela into yayo.
Zethembe Zek's Okamam'babeni
HHAWU bakithi! Bengimkhonzile lo mlingisi kumabonakude, umoya wakhe sengathi ungalala ngokuthula. Waze wahamba esemncane bakithi ngizwela nomakoti wakhe usimphiwe umangema (Thuli kumuvhango). Ngibuhlungu ngempela ngunkulunkulu owaziyo. Makanhlanhla Mkhwanazi
ASENGAZE athembise amaphoyisa ngento okumele vele ayenze ukubopha izigebengu? Mabaqale ngowabulala usenzo Meyiwa ukuze sibone ukuthi bayabopha.
Sukani Mkhungo
KAZINANEMBEZA lezi zigilamkhuba! Sengicabanga ubuhlungu obukunkosikazi kadumi uma kunje njengoba kubuhlungu kithina sikude.
Kunzima emhlabeni! Ushade izinyanga zibe mbili vo kube se- kuphelile njalo. Philiswa Mathe
MABABOSHWE ababulali, laphela izwe yimidlwembe. Nakusenzo Meyiwa sisalindile njalo, kwakulokhu kuthiwa basemuva kwababulali kodwa sekuphele iminyaka.
MANCANE amathuba okuthi amaphoyisa agcine ezibophile lezi zigebengu ngoba uma sebeqale ngamawala kanje benza nezethembiso bavame ukushaya phansi.
Phumlani Muthwenyongo Langa
CHA kayikho nje lento yamaphoyisa, kunini usenzo Meyiwa abulawa kodwa kakukaboshwa muntu. Kungcono badedele umthetho emphakathini, zizowuzwa umoya izigebengu. Boyi Mdluli
AMAPHOYISA athembisa ukuba njani? Kanti sekwaba lula kanjalo yini ukuthola ababulali? Pho abakasenzo Meyiwa ababulali bona kabatholwa ngani? Hhayi, leli zwe ngiyalishiya mina nisale kahle. Thembi Zethu
AMAPHOYISA mawayeke ukuxoxa inganekwane enze umsebenzi wawo ngoba naku Senzo Meyiwa enza nje, asinika amathemba kodwa lutho imiphumela.
Lumka Lulu Mxengwana