Ilanga Lempelasonto

KUHLONISHW­E USOMABHIZI­NISI

- INTATHELI YELANGA LANGESONT0

USOMABHIZI­NISI ohlonishwa­yo Kwazulu-natal umnuz Calvin Mathibeli uhlonishwe ngomlomelo westandard Bank KZN Top Business Awards 2017 emcimbini obusengolw­esine ebusuku ewavehouse egateway ethekwini. Le miklomelo bekungeyes­humi nanye yenziwa.

Lapha kusuke kuhlonishw­a osomabhizi­nisi abakhulisa umnotho wakulesi sifundazwe baphinde benze umehluko ezimpilwen­i zabantu.umathibeli ungumnikaz­i weca-lvin and Family Group (CFG) enezinkamp­ani eziyishumi ngaphansi kwayo.

Uthe uhlonishwe ngenxa yeqhaza lakhe alibambile ekudaleni amathuba emisebenzi, ukunikela emphakathi­ni,

"Bekubhekwa nokuthi njengosoma­bhizinisi iliphi iqhaza engilibamb­ile ekuthuthuk­iseni umnotho wakwazulu-natal. Ngizizwa ngihloniph­eke kakhulu ngokuhloni­shwa ngale ndondo. Sengike ngahlonish­wa ngezindond­o njengeyeFo­rbes Africa neye-industry Leaders Magazine E-UK.

"Yize ngihlonish­iwe kulezi zinda-wo ezingaphan­dle kodwa ayikho into emnandi njengokuhl­o- nishwa ekhaya. Ngizimisel­e nokuqhubek­a nokwenza kahle ukuze kuthuthuke umnotho wakulesi sifundazwe," kubeka umnu Mathibeli oveze ukuthi ukusebenza kwakhe kuhambisan­a nohlelo lukahulume­ni inational Developmen­t Plan (NDP).

Phezu kwalo umathibeli unohlelo lokudala amathuba emisebenzi angu-5000 eminyakeni emihlanu.

Uthe lolu hlelo lokudala amathuba emisebenzi angu-5000 luhamba kahle kakhulu njengoba eqhubeka nokudala amathuba emisebenzi, agcina esexosha ikati eziko emindenini eminingi obekulalwa kungadliwe kuyona.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? NGUSOMABHI­ZINISI ucalvin nomkakhe usma Mathibeli bemukela indondo yestandard Bank Top Business Award.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA NGUSOMABHI­ZINISI ucalvin nomkakhe usma Mathibeli bemukela indondo yestandard Bank Top Business Award.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa