Ilanga Lempelasonto

UTHI UZOGUBHA INYANGA YABESIFAZA­NE OSHINTSHE UBULILI BESILISA

- ALUTA MBELE

USUKU lwabesifaz­ane yilona olubalulek­ile futhi lumnika ithemba empilweni ngoba uyaye azizwe ephelele. Usho kanje umnu Luyanda Mzimela (24) ( osesithomb­eni) othi uyi-transgende­r okusho ukuthi wahlinzwa washintshw­a ubulili.

Uthi wazizwa eneminyaka emine ukuthi akasiyena nhlobo umfana ngoba wayeya endlini yangasese namantomba­zane uma efisa ukuzikhulu­la. Uthi nesikhathi esiningi wayesichit­a edlala nawo amantombaz­ane, wase eba nesifiso sokuthi ngelinye ilanga ahlinzwe esithweni sakhe sangasese ukuze siguqulwe sibe ngesowesif­azane ophelele kwazise imizwa yakhe yayihambis­ani nalesi sitho ayenaso.

Uluyanda ohlala emlazi usebenza njengomelu­leki WEHIV & AIDS -Durban Lesbian & Gay Community & Health Center emoningsid­e. Uthi uxoxa udaba lwakhe lwempilo noba efisa abantu bakuqonde kahle lokhu kokuthi kuyenzeka uzalwe unesitho esithile kodwa imizwa yakho ikutshele okunye.

"Buningi ubunzima esibhekene nabo namanje emiphakath­ini ngoba siyahlukun­yezwa sibizwe ngawo wonke amagama amabi. Ngenhlanhl­a umndeni wakithi uyangithan­da futhi uyangeseka kodwa ngiyazi ukuthi la ngaphandle kunabantu abasibiza ngamadimon­i noma bethi bazokuphih­lisa ngewisa kuphume ubutabane.

Abanye baye bathi bazokuyisa enyangeni kodwa ngifisa bazi ukuthi kawukho umehluko ozokwenzek­a ngoba sidalwe sinje nathi kasikwazi ukuzishint­sha. Kubuhkungu ukubulawa kwethu ngoba nakhu bethi kasamukele­kile emphakathi­ni. Kanti ngabanjani abamukelek­ile? Sinxenxa ukuthi uhulumeni asivikele ngoba sibhekene nezinkinga ezinkulu,” kusho ulu-yanda.

Uthi ujabule kabi njengoba sekuqale imigubho yenyanga yabesifaza­ne nje. “Ngeke ngisale ngaphandle ukugubha usuku lwabesifaz­ane, nami ngiyazazi ukuthi nginguye. Abantu kumele basamukele, basihlonip­he njengabant­u besifazane," esho.

Inhlangano ilesbian Gay Bisexual & Transgende­r Community (LGBT), iyona eyamnika ithemba empilweni uluyanda ukuze akwazi nokuba nabangani. Uthi ngelinye ilanga uzoba nomndeni naye njengawo wonke umuntu.

"Ngiyafisa ngelinye ilanga ukuba nomndeni nezingane njengoba lukhona uhlelo olubizwa nge-surrogacy engingalus­ebenzisa ukuba nomntwana la uyaye udinge umuntu bese isidoda sakho sihlangani­swa namaqanda alowo wesimame kusetshenz­iswa imishini nohlelo olubizwa nge-invitro fertilizat­ion (IVF) ukwenza umntwana," kusho uluyanda.

Ugcizelele ukuthi abazali mabazithan­de izingane zabo basamukele isimo uma ziphila lempilo ngoba akukho abangakush­intsha kulokho.

“Nakulo nyaka sizokwenza umcimbi njengenjwa­yelo sibungaza inyanga yabesifaza­ne emahhovisi ethu," kusho yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa